12
JOHANNESBURG UNI VERSITY OF T HE WIT WATERSRAND, Ukuthola okubhaliweyo kwasenkantolo Ingxenye yesiqephu sokwazisa ngamalungelo akho esuka kwi-Wits Justice Project

Ukuthola okubhaliweyo kwasenkantolo · UNIVERSITY OF THE WITWATERSRAND, Ukuthola okubhaliweyo kwasenkantolo Ingxenye yesiqephu sokwazisa ngamalungelo akho esuka kwi-Wits Justice Project

  • Upload
    others

  • View
    2

  • Download
    0

Embed Size (px)

Citation preview

  • JOHANNESBURG

    UNIVERSITY OF THEWITWATERSRAND,

    Ukuthola okubhaliweyo kwasenkantoloIngxenye yesiqephu sokwazisa ngamalungelo akho esuka kwi-Wits Justice Project

  • Lencwadi yenziwe ngosizo lwezimali olusuka kwi European Union. Okuqukethwe

    kulencwadi ngumthwalo we Wits Justice Project (WJP) futhi akuvezi uvo lwe European

    Union, noma ngaphansi kweziphi izimo.

    Ngo 2015, iWJP yamukele iminikelo ebuya kwi Raith Foundation, Open Society

    Foundation for South Africa, Canon Collins Educational ne Legal Assistance Trust, Joffe

    Trust Foundation, Claude Leon Foundation, kanye ne European Union.

    Isaziso:

    IWits Justice Project akusiyo inkampani yabammeli. Siyiqembu lezintatheli nabacwaningi.

    Sinikezela ngolwazi ngezomthetho, asimeli abantu emacaleni. Xhumana banammeli uma

    udinga izeluleko zomthetho.

  • 1

    Kuyini okubhaliweyo kwasenkantolo?Uma ummangalelwa eye enkantolo, okungaba wukufaka isicelo sebheyili noma ukuqulwa kwecala, okwenzekayo enkantolo kungaqoshwa. Okubhaliweyo kwasenkantolo kuyindaba ebhaliweyo yokuqoshiwe ngokwenzeka enkantolo. Le mibhalo kuhloswe ngayo ukuqopha izwi nezwi lalokho okwenzekile, okungaba izicelo zebheyili, izethulo zofakazi, ukukhuluma kwabameli nemibuzo yabo, nezinqumo zenkantolo.

    Okubhaliweyo kwasenkantolo kuhlinzeka amarekhodi okwenzekile noma

    ukuqulwa kwecala. Kubalulekile ngoba kuqinisekisa ukuthi ummangalelwa ofuna

    ukuphonsela inselelo umphumela wokuqulwa kwecala lakhe enkantolo

    (njengokwedlulisa icala), uyakwazi ukusebenzisa le mibhalo yokuqulwa kokuqala

    kwecala lakhe ukubonisa ukuthi kunezizathu ezanele zokuphonsela inselelo

    isinqumo senkantolo.

    Zimbili izindlela ummangalelwa angathola ngazo okubhaliweyo kokuqulwa

    kwecala lakhe. Okokuqala wukufaka isicelo sokwedlulisa icala lakhe noma

    sokubuyekezwa kwalo. Okwesibili, ukuthumela isaziso sokucela ikhophi yale

    mibhalo enkantolo.

    Inqubo yokuthola okubhaliweyo kwasenkantolo iyefana eNkantolo yeMantshi

    naseNkantolo yamaJaji. Kula makhasi ambalwa alandelayo kwethuwa izeluleko

    zendlela ummangalelwa angathola ngayo okubhaliweyo kulezi zinkantolo

    ezimbili.

  • 2

    Amandla okulalela amacala obugebengu ezinkantoloIningi lamacala obugebengu aqala eziNkantolo zeziMantshi, ngaphandle uma

    kuyicala elinzima. IziNkantolo zeziMantshi zehlukanisiwe. Kuba khona

    ezesifunda nezezifundazwe. Umehluko phakathi kwalezi zinkantolo kuba

    wuhlobo lwamacala nokugwetshwa okuvumelekile ngecala elenziwe. Lokhu

    kubizwa ngokuthi amandla enkantolo. Ngokomthetho amandla enkantolo asho

    indawo ethile inkantolo enamandla asemthethweni kuyo nohlobo lwamacala

    engawalalela nezigwebo enokuzikhipha ngawo.

    IziNkantolo zeziMantshi zesifunda yizinkantolo ezisezingeni eliphansi kunazo

    zonke izinkantolo zezimantshi; azikwazi ukulalela amacala uma ummangalelwa

    ebekwe icala lokuvukela umbuso, elokubulala, elokudlwengula, noma 1elokudlwengula okuphoqiwe. IziNkantolo zeziMantshi zesifunda zikhipha

    kuphela izigwebo ezingevile eminyakeni emithathu. Lokhu kusho ukuthi

    iziNkantolo zeziMantshi zesifunda, ngokwejwayelekile, zilalela kuphela amacala

    angenzima noma amacala amancane obugebengu.

    IziNkantolo zeziMantshi

    zesifundazwe zingalalela

    noma ngabe yiliphi icala

    lapho ummangale lwa

    e b e k w e k h o n a i c a l a

    l o k u v u k e l a u m b u s o .

    INkan to lo yeMantsh i

    yesifundazwe ingakhipha

    izigwebo ezingaphezu

    kweminyaka emithathu,

    ezingevile eminyakeni eyi-215. INkantolo yesifunda

    neyesifundazwe zinqunyelwe indawo ethile ezinamagunya asemthethweni kuyo.

    Lokhu kusho ukuthi iNkantolo yeMantshi yaseRandburg ingalalela kuphela

    amacala akuleyo ndawo.

    IziNkantolo zamaJaji ziyakwazi ukulalela amacala obugebengu. Zingaphansi

    kwesigaba esibizwa ngokuthi izinkantolo ezinkului, okukhona kuzo iziNkantolo

    zamaJaji, iNkantolo Ephakeme yokwedlulisa izinqumo neNkantolo

    yoMthethosisekelo yakuleli. IziNkantolo zamaJaji ziyakwazi ukulalela icala

    okokuqala, kanti iNkantolo Ephakeme yokwedlulisa izinqumo yona ilalela kuphela

    amacala aselalelwe kuqala yiNkantolo yamaJaji, kwedluliswa kuyo izinqumo

  • 3

    zayo. INkantolo yamaJaji yinkantolo okuqalwa kuyo, kodwa iyasebenza futhi

    njengenkantolo yokwedlulisa amacala enkantolo yeMantshi esebenza ngaphansi

    kwayo. INkantolo yoMthethosisekelo ingamandla asemthethweni ngazo zonke

    izindawo eziphathelene nomthethosisekelo, ayivamile ukulalela icala

    elingafikanga kuyo kwedluliswa isinqumo salo.

    lziNkantolo zamaJaji imvama zinamandla ezomthetho endaweni enkulu

    kuneNkantolo yeziMantshi, kanti ziyakwazi ukukhipha izigwebo ezinkulu

    kuneNkantolo yeziMantshi. UMthetho Wenqubo Elawula Ubugebengu {Wama-

    51 We-1977) uthi iNkantolo yamaJaji ingamnqumela ummangalelwa isigwebo

    sokuvalelwa ejele, esokuvalelwa izikhathi ezithile, esenhlawulo, esokubhekelwa

    ukuhlumelela kwesimilo, esokuvalelwa ejele lapho ummangelelwa engabekwa

    khona abhekelwe ukuhlumelela kwesimilo, esokunikezwa isikhungo esisungulwe

    n g o k o m t h e t h o , n o m a

    e s o k u m e n y e z e l w a

    njengeselelesi esejwayele 3ukwenza ubugebengu.

    I N k a n t o l o y a m a J a j i

    a y i n q u n y e l w e u b u d e

    besigwebo engasikhipha,

    ngaphandle uma kunomthetho

    o p h a t h e l e n e n e s i g w e b o

    esigunyaziwe esihambisana

    n o b u g e b e n g u o b u t h i l e .

    INingizimu Afrika inemithetho

    ethile ephathelene nezigwebo

    ezincane zezigaba ezithile

    z o b u g e b e n g u , o k u m e l e

    izinkantolo zenze njengokusho kwayo, ngaphandle uma kukhona izimo 4ezikhethekile.

    1 Isigaba sama-89 soMthetho wama-32 WeNkantolo yeMantshi wonyaka we-1944. Ukudlwengula okuphoqiwe kusho

    ukuthi “umuntu ('A') ophoqa ngokungemthetho nangenhloso umuntu wesithathu ('C'), ngaphandle kwemvume ka-C,

    ukungena ngesitho sakhe sangasese kummangali (u-B), ngaphandle kwenvume ka-B, unecala lokudlwengula

    okuphoqiwe.” Bheka iSigaba sesi-4 soMthetho Olawula Ubugebengu (Amacala ezocansi nokuphathelene nawo)

    uMthetho ochitshiyelwe wama-32 wonyaka wezi-2007.

    2 ISigaba sama-92 soMthetho wama-32 WeNkantolo weMantshi wonyaka we-1994 ubeka imikhawulo ngohlobo

    lwezigwebo ezingakhishwa yiNkantolo yeMantshi.

    3 ISigaba sama-276(1) soMthetho Wenqubo Elawula Ubugebengu.

    4 Bheka iSigaba sama-51 neShejuli yesi-2 yoMthetho Wenqubo Elawula Ubugebengu ngemigomo okungenani

    okumele ilandelwe uma kukhishwa izigwebo.

    INkantolo YoMthethosisekelo

    Yakuleli

    Iyinkantolo ephakeme kunazozonke ezweni. Ilalela ukwedluliswakwezinqumo ezivela eNkantoloEphakeme yokwedlulisa izinqumo,noma iqinisekise izinqumozezomthethosisekelo ezithathweeNkantolo yamaJaji.

    INkantolo Ephakeme

    yokwedllulisaizinqumo

    INkantolo yeMantshi

    yesifundazwe

    INkantolo yamaJaji

    INkantolo yeMantshiyesifunda

    Zedluliswa e-

    Zedluliswa e-

    Zombilizedlulisa

    izinqumo e-

  • 4

    Okubhaliweyo eNkantolo yeMantshiNgokwemithetho yenkantolo yeMantshi kunezindlela ezimbili ummangalelwa

    angakwazi ngazo ukuthola okubhaliweyo ekuqulweni kwecala lakhe. Eyokuqala

    wukufaka isicelo sokwedlulisa icala lakhe eNkantolo yamaJaji. Eyesibili

    wukuthumela isaziso sokucela kumabhalane weNkantolo yeMantshi, acele

    ikhophi yemibhalo.

    Indlela Yokuqala: Ukufaka isicelo sokwedlulisa isinqumo noma

    sokubuyekezwa kwesinqumo

    Uma ummangalelwa efaka isicelo sokwedlulisa isinqumo ngaphansi kwesigaba

    sama-309(1)(a) soMthetho Wenqubo Elawula Ubugebengu, noma

    sokubuyekezwa kwaso ngokwesigaba sama-302 soMthetho Wenqubo Elawula

    Ubugebengu, umabhalane weNkantolo yeMantshi kumele ahlanganise

    amarekhodi ecala, awethule esikhulwini samajaji esizolalela ukwedluliswa

    kwesinqumo noma ukubuyekezwa kwaso eNkantolo yamaJaji.

    Amarekhodi azofaka amanoth i

    abha lwe ngend le la yokubha la

    esheshayo abhalwe ngesikhathi

    kuqulwa icala okokuqala, kanye

    nokubhaliweyo kwanoma ngabe yini

    eyaqoshwa ngesikhathi kuqulwa icala

    okokuqala. Lena yinqubo edingekayo

    n g o k o m t h e t h o w a m a - 6 6 ( 1 )

    wemithetho yeNkantolo yeziMantshi

    n o M t h e t h o We n q u b o E l a w u l a

    Ubugebengu.

    Imvama ummeli wommangalelwa ufaka isicelo sokwedlulisa isinqumo noma

    sokubuyekezwa kwaso ngomlomo ekupheleni kokuqulwa kokuqala kwecala

    lommangalelwa, nakuba kungenzeka ukuba afake isicelo sokwedlulisa isinqumo

    noma sokubuyekezwa kwaso ngokusibhala emva kokuvalwa kokuqulwa

    kwecala. Uma sesifakiwe isicelo sokwedlulisa isinqumo noma sokubuyekezwa

    kwaso, umabhalane weNkantolo yeMantshi uzocinga okuqoshiwe kokuqulwa

    kwecala akuthumele kwabazokubhala phansi. Uma sekubhaliwe phansi

    okuqoshiweyo, imibhalo yakho iphindiselwa kumabhalane, ibe yingxenye

    yamarekhodi okuqulwa kwecala. Umabhalane weNkantolo yeMantshi uzokwazi

    kuphela ukuthola okuqoshiwe kokuqulwa kwecala uma ummangalelwa (noma

  • 5

    ummeli wakhe) enika umabhalane inombolo yokuqulwa kwecala.

    Ukuthola okubhaliweyo kokwedluliswa kwesinqumo noma kokubuyekezwa

    kwaso, ummangalelwa angafaka isicelo kumabhalane weNkantolo yeMantshi

    acele ikhophi yokubhaliweyo ngokomthetho wama-66(4) wemithetho yeNkantolo

    yeziMantshi. Emacaleni amaningi, ummangalelwa uzokwazi ukucela ummeli

    wakhe ukuba aye eNkantolo yeMantshi, amcelele ikhophi yokubhaliweyo. Uma

    isicelo sifakwa kwedluliswa isinqumo noma ngokubuyekezwa kwaso, uMbuso

    uzokhokhela izindleko zekhophi yokubhaliweyo.

    Uma ummangalelwa engenaye ummeli ozomyela eNkantolo, kungabhalelwa

    umabhalane wokwedluliswa kwezinqumo kucelwe ikhophi yokubhaliweyo. Kulesi

    simo kungacelwa inkokhelo yokwenza amakhophi okubhaliweyo ngaphambi

    kokunikezwa woma ngumabhalane weNkantolo yeMantshi.

    Uma ummangalelwa ehluleka ukukhokhela izindleko zokubhaliweyo, angafaka

    isicelo eNkantolo, acele ukuba okubhaliweyo kukhishwe ngesaphulelo.

    Ummangalelwa kumele abonise iNkantolo ukuthi kunezizathu ezifanele zokucela

    okubhaliweyo, abonise ukuthi akakwazi ukukukhokhela ngenxa yesimo sakhe

    semali. Lesi sicelo kumele sifakwe ngokomthetho wama-66(9) wemithetho

    yeNkantolo yeMantshi.

    Uma sesifakiwe isicelo, umabhalane uzothumela isaziso eBhodini losizo

    lwezomthetho ukuthola ukuthi ummangalelwa uyayifeza yini imigomo yokuthola

    okubhaliweyo kwasennkantolo okuxhaswe ngezimali wuMbuso, nokuthola ukuthi

    leli Bhodi lingasiza yini kulelo cala. Uma isiyamukelwe impendulo evela kuleli

    Bhodi, umabhalane angalungisa okubhaliweyo kwasenkantolo, akuthumele

    ekhelini lejele okugcinwe kulo umenzi wecala.

  • 6

    Rule 66(1

    )

    of the

    Magistrat

    e’s

    Court Rul

    es

    Rule 66(4)

    of the

    Magistrate

    ’s

    Court Rul

    es

    Isin

    yath

    elo

    so

    ku

    -1Is

    inyath

    elo

    sesi-

    2Is

    inyath

    elo

    sesi-

    2Is

    inyath

    elo

    sesi-

    2Is

    inyath

    elo

    sesi-

    2Is

    inyath

    elo

    sesi-

    2

    Ummangalelwa ufaka isicelo sokwedlulisa isinqumo ngaphansi

    kwesigaba sama-309(1)(a) se-CPA NOMA sokubuyekezwa kwaso

    ngokwesigaba sama-302 se-CPA

    Umabhalane wenkantolo uhlanganisa amarekhodi ecala, awathumele esikhu-lwini samajaji eNkantolo yamaJaji elalela ukwedluliswa

    kwesinqumo/kokubuyekezwa kwaso

    Ummangalelwa angacela ikhophi yokubhaliweyo kwecala

    kumabhalane wenkantolo

    Umabhalane ucinga okuqoshiwe kokuqulwa kwecala, akuthumelele

    abakubhala phansi.

    Uma sekubhaliwe ukuqulwa kwecala, okubhaliweyo

    kubuyiselwa enkantolo, kube yingxenye yamarekhodi

    Ummangalelwa uyakwazi ukuthuma ummeli noma umngane noma

    ilungu lomndeni ukuba liyomcelela amakhophi okubhaliweyo kwecala lakhe kumabhalane wasenkantolo.

  • 7

    Indlela Yesibili: Ukufaka isicelo sokubhaliweyo kwasenkantolo

    ngokomthetho wama-66(4)(a) wemithetho yeNkantolo yeMantshi

    Indlela yesibili yokuthola okubhaliweyo kwasenkantolo wukufaka isicelo sakho

    kumabhalane weNkantolo yeMantshi ngokomthetho wama-66(4)(a) wemithetho

    yeNkantolo yeMantshi. Umuntu angafaka isicelo sokubhaliweyo kokuqulwa

    kwecala ngaphansi kwalo mthetho. Kodwa inkantolo ayizukukudedela

    okubhaliweyo imali yaleso sicelo ingakakhokhwa.

    Inkokhelo yesicelo sokubhaliweyo kwasenkantolo kumele inikwe umabhalane

    ngaphambi kokuba akhiphe izwi lokwenziwa kwekhophi yakho. Izindleko

    zokubhaliweyo kwasenkantolo zincike kubo ubude bokuqoshwa kokuqulwa

    kwecala. Ngokwejwayelekile imali yekhasi lokubhaliweyo ilinganiselwa ema-

    R25.00.

    Inkantolo ayizukukudedela okubhaliweyo okucelwayo uma imali

    yakho ingakhokhiwe

    Umuntu angasifaka isicelo sokubhaliweyo kwecala kumabhalene

    wenkantolo

    Inkokhelo yokubhaliweyo kumele inikwe umabhalane wenkantolo

    Uma ababhalayo sebewuphothulile umsebenzi wokubhala okuqoshiweyo, okubhaliweyo kuthunyelwa enkantolo.

    Ummangalelwa angacela ummeli wakhe noma umngane noma ilungu lomndeni

    ukuba amlandele leyo mibhalo.

  • 8

    Isikhathi sokubhala phansi okuqoshiweyo siya ngobude bokuqoshiweyo,

    nangamandla enkantolo okuthola amadiskhi nomsebenzi ongaphothuliwe

    wamacala okufakwe isicelo ngawo. Uma konke kuhamba kahle, sekutholakele

    nokuqoshiweyo kwecala, ababhalayo bathi isikhathi sokubhala okuqoshiweyo

    imvama siba phakathi kwamasonto ayisithupha kuya ezinyangeni ezimbili. Lesi

    sikhathi asisifaki isikhathi sokubuyiswa kokubhaliweyo enkantolo.

    Okubhaliweyo eNkantolo yamaJajiIndlela yokuthola okubhal iweyo kwaseNkantolo yamaJaj i iyafana

    neyaseNkantolo yeMantshi.

    Ummangelelwa ofale isicelo sokwedlulisa

    isinqumo noma sokubuyekezwa kwaso

    s i s u k a e N k a n t o l o y a m a J a j i s i y a

    kwePhakeme yokwedlulisa isinqumo noma

    sokubuyekezwa kwaso ulandela indlela

    efanayo. Ngokwemithetho engaguqukiyo

    yaseNkantolo yamaJaji, ummangalelwa

    ofaka isicelo sokwedlul isa isinqumo

    angacela ikhophi yokuqoshwa kokuqulwa

    kwecala kumbhali (irejistra) waseNkantolo

    yamaJaj i ngokukhokha imal i yakho

    (Umthetho waseNkantolo ongaguqukiyo

    wama-52(c)).

    Uma ummangalelwa ehluleka ukukhokha

    imali yamarekhodi, angafaka isicelo kumbhali waseNkantolo yamaJaji

    ngokomthetho waseNkantolo ongaguqukiyo wama-52(2), okunguyena ozothatha

    isinqumo ngalolo daba.

  • 9

    Ukulandela okubhaliweyo kwakhoKungadikibalisa ukuzama ukuthola okubhaliweyo kwecala ngenqubo

    yasenkantolo. Ezinye izinkatolo zithwele kanzima, akulula kuzo ukucubungula

    izinkulungwane zezicelo zansuku zonke zokubhaliweyo kwamacala. Singaba

    side kakhulu isikhathi sokuthola okubhaliweyo kwecala, okuncike kuleyo nkantolo

    elalele icala lakho.

    Ukuthola inqubekelaphambili ngokubhaliweyo kwecala lakho kumele uqikelele

    ukuthi unayo inombolo yokuqulwa kwecala lakhe, namakhophi ezicelo

    ezithunyelelwe umabhalane weNkantolo yeMantshi noma umbhali weNkantolo

    yamaJaji ngokuphathelene nokubhaliweyo kwecala lakho.

    Imvama umabhalane noma umbhali bangabantu abangathintwa ukuthola ukuthi

    kukuphi okubhaliweyo kwecala lakho. Uma kunokwenzeka, indlela engcono

    kakhulu wukucela ummeli wakho ukuba akuyele enkantolo. Uma

    kungenakwenzeka (njengoba kunjalo kummeli osebenza nabe-Legal Aid South

    Africa), kungasiza ukucela umngane noma ilungu lomndeni ukuyothola ukuthi

    kukuphi okubhaliweyo kwecala lakho.

    Enye indlela ukuthinta inkampane i-

    iAfrica Transcriptions okuyiyona

    esetshenziswa kakhulu yizintantolo

    zaseGauteng ukubhala imibhalo

    yasenkantolo. Ukuthinta le nkampane

    k u n g a s i z a e k u t h o l e n i u k u t h i

    okuqosh iweyo kweca la l akho

    kuthunyelwe yini kubabhali nokuthi

    kuzothatha isikhathi esingakanani

    ukubhalwa kwakho. Imiminingwane

    y o k u t h i n t a n a n a b e - i A f r i c a

    Transcriptions imi kanje:

    IHHOVISI LASEPITOLI: 012 326 1881

    IHHOVISI LASEGOLI: 011 333 8989

    IHHOVISI LASEPOLOKWANE: 015 291 5522

    IHHOVISI LASECAPE TOWN: 021 425 0975

    IHHOVISI LASEGEORGE: 044 871 0846

    I-IMEYILI: [email protected]

  • 10

    #ItCouldBeYou

    Xhumana nathi:

    Blog: http://witsjusticeproject.com

    Facebook: WitsJusticeProject

    Twitter: @WitsJusticeProj

    Webhusayithi: www.journalism.co.za/justice

    Ucingo: +27- 11- 717-4028

    Isikhahlamezi: +27-11-717-4081

    Page 1Page 2Page 3Page 4Page 5Page 6Page 7Page 8Page 9Page 10Page 11Page 12