42
SIYA KUYA KUB ANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo. Ngiqonde ukusho njalo. Ukushilo. [Umfowethu uthi, “Uphazamile.”—Umhl.] Ngakho, ngiyabona. Enhla ngapha. [“Ehhe.”] Kodwa ngempela ngapha. 2 Awu, impela siyajabula ukuba lapha noMfowethu Ruddell nebandla lakhe futhi, kulobubusuku. Futhi banawo amafeni, uma ninawo ugesi, ngakho zizwele ngempela usekhaya. Ngihlala phandle emotweni futhi ngalinda kwaze kwaba yisikhathi nje sokuba ngingene, ngoba be—bengazi ukuthi kuzofudumala. Kubukeka sengathi, eIndiana, sinobusika futhi-ke sinehlobo, bese-ke sibuyela ebusika futhi. 3 Futhi ngakho ngijabule idabuli, kulobubusuku, ukuba ngibe kulelipulpiti noMfowethu Ruddell, ngoba uMfowethu Ruddell ucishe afane impela nabafana bami uqobo. Ngisakhumbula, eminyakeni eyedlula, ngenkathi uyise nami sisebenza ndawonye. Nalapho-ke lomfana efika, futhi wathola imfundo yakhe, waya eBhayibheli S’kole kaNkulunkulu, kwakuthi ukubal’khuni kuye ukuba aqale. Kubukeka sengathi nje wayengafuni ukuphuma, ngandlela thize. Uhoshekela emuva, unamahloni. Kodwa, ekugcineni, waputshuka, futhi lokhu yizithelo zokuputshuka kwakhe. Futhi ngicabanga ukuthi, qobo lwami, ukuthi uMfowethu Ruddell usaqala nje. Lokhu kusengukuqala nje. Futhi kul’khuni ukusho ukuthi lokhu kuyokhula kugcinephi. Ngethemba ukuthi kumboza amahlathi amnyama phezulu lapha. Njenge… 4 Bengisho komunye, phandle, uMfowethu Mike Egan. Eminyakeni embalwa edlule, ngangivamise ukuzingela izingwejeje khona impela phakathi ngapha. Izinto ithatha kanjani. Kubukeka sengathi impucuko ivele ithathe nje. Ngeke sisaba nendawo yokuzingela izingwejeje noma sizingele onogwaja, nhlobo, uma lendawo ilokhu ikhula konke lapha. Sengathi ivele nje… 5 Eminyakeni embalwa edlule, phezulu lapha endaweni endala lapho engakhuliswa khona, ngani, wawuhamba imayela uya kwamakhelwane. Manje, awusakwazi ukuphosa amanzi phandle ngomnyango ongemuva, ungawaphosanga emnyango wakhe. Ngakho, nje bonke abantu baminyene ndawonye. 6 Kumnandi ukuba lapha. Futhi ngeke nginihlalise isikhathi eside. UMfowethu Ruddell ungicelile, ngesinye isikhathi, ukuba ngikhuphukele lapha etabernakele, ngikhulekele abagulayo. 7 Ngicabanga ukuthi, into eyodwa okuyenzayo kumfundisi omncane njengalona, uma siza futhi sikhulekele abagulayo, futhi ikakhulukazi uma iNkosi yethu izovele nje isibonise

SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

  • Upload
    others

  • View
    7

  • Download
    0

Embed Size (px)

Citation preview

Page 1: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

SIYAKUYA KUBANI NA?

Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo.Yebo. Ngiqonde ukusho njalo. Ukushilo. [Umfowethu uthi,

“Uphazamile.”—Umhl.] Ngakho, ngiyabona. Enhla ngapha.[“Ehhe.”] Kodwa ngempela ngapha.2 Awu, impela siyajabula ukuba lapha noMfowethu Ruddellnebandla lakhe futhi, kulobubusuku. Futhi banawo amafeni,uma ninawo ugesi, ngakho zizwele ngempela usekhaya. Ngihlalaphandle emotweni futhi ngalinda kwaze kwaba yisikhathi njesokuba ngingene, ngoba be—bengazi ukuthi kuzofudumala.Kubukeka sengathi, eIndiana, sinobusika futhi-ke sinehlobo,bese-ke sibuyela ebusika futhi.3 Futhi ngakho ngijabule idabuli, kulobubusuku, ukuba ngibekulelipulpiti noMfowethu Ruddell, ngoba uMfowethu Ruddellucishe afane impela nabafana bami uqobo. Ngisakhumbula,eminyakeni eyedlula, ngenkathi uyise nami sisebenza ndawonye.Nalapho-ke lomfana efika, futhi wathola imfundo yakhe, wayaeBhayibheli S’kole kaNkulunkulu, kwakuthi ukubal’khuni kuyeukuba aqale. Kubukeka sengathi nje wayengafuni ukuphuma,ngandlela thize. Uhoshekela emuva, unamahloni. Kodwa,ekugcineni, waputshuka, futhi lokhu yizithelo zokuputshukakwakhe. Futhi ngicabanga ukuthi, qobo lwami, ukuthiuMfowethu Ruddell usaqala nje. Lokhu kusengukuqala nje.Futhi kul’khuni ukusho ukuthi lokhu kuyokhula kugcinephi.Ngethemba ukuthi kumboza amahlathi amnyama phezululapha. Njenge…4 Bengisho komunye, phandle, uMfowethu Mike Egan.Eminyakeni embalwa edlule, ngangivamise ukuzingelaizingwejeje khona impela phakathi ngapha. Izinto ithathakanjani. Kubukeka sengathi impucuko ivele ithathe nje.Ngeke sisaba nendawo yokuzingela izingwejeje noma sizingeleonogwaja, nhlobo, uma lendawo ilokhu ikhula konke lapha.Sengathi ivele nje…5 Eminyakeni embalwa edlule, phezulu lapha endaweniendala lapho engakhuliswa khona, ngani, wawuhamba imayelauya kwamakhelwane. Manje, awusakwazi ukuphosa amanziphandle ngomnyango ongemuva, ungawaphosanga emnyangowakhe. Ngakho, nje bonke abantu baminyene ndawonye.6 Kumnandi ukuba lapha. Futhi ngeke nginihlalise isikhathieside. UMfowethu Ruddell ungicelile, ngesinye isikhathi, ukubangikhuphukele lapha etabernakele, ngikhulekele abagulayo.7 Ngicabanga ukuthi, into eyodwa okuyenzayo kumfundisiomncane njengalona, uma siza futhi sikhulekele abagulayo,futhi ikakhulukazi uma iNkosi yethu izovele nje isibonise

Page 2: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

2 IZWI ELIKHULUNYIWE

enye yeNkazimulo yaYo, kuzoqinisa lelibandla eliselisha.Ngibona abanye babangane bami lapha abavela etabernakele,nabanye babaphatheli, njalonjalo. Futhi manje, laba, abaningibalababantu uyibonile iNkosi iphilisa abagulayo. Futhi, awu,uma nje Izosenzela khona futhi kulobubusuku, ifike esigcawini,eNkazimulweni yaYo, kuzo—kuzoqinisa ukukholwa kwabantu.Kuzobanika i—ithemba.8 Kuzosiza uMfowethu Ruddell, ngoba uMfowethu Ruddelluphokophelele ukushumayela iVangeli eliGcwele. Manje,ngiyophoxeka kuye uma engakuphokophelele. Ngineqinisoukuthi iNkosi iyokwenza. Ngakho, futhi, manje-ke, uzohlalanaLo. Futhi mhlawumbe lemihlangano emincane izo, njengalo,lapho abanye bethu bashumayeli abadala, niyazi, bengangena,ngani, kusiza labobafana abasebasha phandle.9 Futhi manje, kubafo betabernakele, bengizobe ngisezansikusasa, kodwa nje ngi…Manje, angizukuba-nasikhathisokuhlaba ikhefu manje zize zibe yishumi nanhlanukuAgasti. Ngumhlangano emva komhlangano nje. Ngakhongizothi mhlawumbe, ngingahle ngize kuSonto sikole, kodwangingakhulumi.10 Futhi ngiyadabuka ukuzwa, cishe ehoreni nje eledlule,ukuthi uMfowethu Neville, umelusi wethu, umlamu wakheungcwatshwe namhlanje. Angazi noma itabernakele belikwaziyini lokho. Angicabangi ukuthi uMfowethu Neville ukhona.Ngiqalaze macala onke, ngaphambi kokuba ngisho lokhu.Angazi noma bebazi yini ukuba bathumele izimbali ezansilapho. Angazi nje. Ngikufundile nje, emizuzwaneni embalwaedlule. UBilly ungitshele ukuthi ukhona omtshele ukuthiumlamu kaMfowethu Neville ungcwatshwe namhlanje. Impelangiyadabuka ukuzwa lokho. Ubeyisihlobo esiqhelelene nami,ngomshado. Futhi ngiyadabuka ukuzwa lokho, yena eshona.11 Abanye ababili babangane bami belele ezansi lapho,kulobubusuku: uDave Wright noMnu. Henson. Bengingazingisho nokuthi bebegula. Bobabili bafele ezibhedlela, izolonakulokhu ukusa, ngiyacabanga.12 Ngakho, kukhombisa into eyodwa, ukuthi asikho laphaisikhathi eside kakhulu. Siyahamba siqonda khona phansiemgqeni. Asazi ukuthi sikhathi-sini uNkulunkulu azokhiphangaso inombolo yethu eshalofini lamakhadi phezulu lapho.Sizofanele siphendule.13 Ngakho njengoba singena kulenkonzo, kulobubusuku,ngiyazi ukuthi kuyashisa, kabi kabi. Kodwa asikhumbuleukuthi siza lapha ukuzokwenza okungcono ukwedlula konkeesingakwenza, ukukhombisa kuNkulunkulu ukuthi siqothofuthi siyaMthanda. Futhi sifuna wonke umuntu lapha,ongaMthandi, ukuba athandane naYe kulobubusuku. WonkeongaMkholwa, sifuna uMkholwe, kulobubusuku, ngayo yonke

Page 3: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

SIYAKUYA KUBANI NA? 3

inhliziyo yakho. Ukuba lomhlangano ube yinto ezoba wuphawulomlando, phezulu lapha kulelitabernakele, ukuthi ningabuyenikhombe kulesisikhathi, bese nithi, “Lobobusuku, iNkosiyafika kithi futhi yenza ukuthi nokuthi.”14 Ngakho, manje, ngaphambi kokuba sivule iBhayibheliekufundweni kweZwi…15 Niyangizwa kahle ngemuva lapho, emuva le ngemuvana? Angazi, ngapha, uma ni…Nikuzwa kahle lokhona? Lokho kukahle, lapho na? Angikubonanga ukuvumangamakhanda okuningi. Lokhu-ke, kukahle na? [Ibandla lithi,“Amen.”—Umhl.] Kulungile. Kugcineni kuphume kanjenanje, ke.16 Manje asikhothamiseni amakhanda ethu umzuzwananje ngomkhuleko. Futhi angazi, ngesizotha salomzuzwana,angabakhona lapha ongathanda nje ukukhunjulwaemkhulekweni, ngokuphakamisa izandla zakho na?UNkulunkulu akubusise, ngamunye. Uyabona futhi uyazi.17 Baba wethu waseZulwini onomusa, siza eBukhonenibaKho ngenhlonipho, kungesikho ukukhothamisa amakhandaethu kuphela, kodwa izinhliziyo zethu zikhotheme. Ngokubasiyaqonda ukuthi kulotshiwe eZwini laKho, ukuthi, “Nomaphilapho kubuthene ababili noma abathathu, Ngiyoba phakathikwabo.” Ngakho sinesiqiniseko ukuthi Ulapha manje, ukuthiuMoya oNgcwele omkhulu uhamba kulendlu encane, ngobayisithembiso sikaNkulunkulu.18 Sikhulekela ukuthi Uzobusisa umbuthano wethukulobubusuku. Busisa lelibandla elincane nomelusi walo,nabobonke abalo abayizisebenzi ezibambisene, onke amalunga.Futhi kwangathi lingakhula likhule lize libe yindlu ephetheilambu lokukhanyisela imikhumbi esolwandle yoMbusokaNkulunkulu, kuze kuze abantu bakude nabaseduze, ukubabavakashe, ukuzobona imisebenzi yeNkosi. Kwangathi lingabanjengethempeli lasendulo, ukuthi abantu abavela emhlabeniwonke jikelele beza ukuzozwa ukuhlakanipha kukaSolomoni,nokuthi izinto eziningi ezinkulu zenzekile. Futhi nomaphi laphoesibuthene khona ngeGama laKhe, leyo yindawo yokuhlangana,ithempeli leNkosi.19 Futhi sikhulekela ukuthi Uzohlonipha, kulobubusuku,izinceku zaKho, nemikhuleko esiyenza kuWe, amaculoesiwaculayo. Futhi busisa iZwi, Nkosi. Njengoba Liphuma,kwangathi ngempela Lingawela emhlabathini ovundileyo.Ngalo lelihora, Nkosi, sikhulekela ukuthi Uzongcothula onkeamakhakhasi aluhlaza, zonke izimpande zokubumuncu, nakhokonke ukungakholwa, ezinhliziyweni zabantu; ukuze iZwiliwele emhlabathini omuhle, ocebile, ovundisiwe, ukuthiLizothela imiphumela emikhulu kulababantu.

Page 4: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

4 IZWI ELIKHULUNYIWE

20 Busisa bonke labo abaphakamise izandla zabo. Ubabonilefuthi uyazazi izidingo zabo. Siphe lokhu, Baba, ngeGamaleNdodana yaKho eNgcwele, iNkosi uJesu, siyakucela. Amen.21 Manje, kulobubusuku, nina eninamaBhayibheli enu, ngifisaniphenye kanye nami kuJohane oNgcwele, isahluko 6, futhiasiqale cishe evesin 66, futhi sifunde izincwadi ezimbalwa.UJohane oNgcwele 6:66.

Emva kwalokho abaningi babafundi bakhe babuyelaemuva, ababe besahamba naye.Ngakho uJesu wathi kwabayishumi nambili, Nani

nithanda ukumuka na?USimoni Petru emphendula, wathi, Nkosi, siyakuya

kubani na? ngokuba amazwi okuphila okuphakadeakuwe.Siyakholwa siyazi ukuthi wena unguKristu, iNdodana

kaNkulunkulu ophilayo.22 Ngizoyibiza ngendikimba, ngithanda ukuyenza lokhu:SiyaKuya KuBani na?23 Niyazi, abantu banamhlanje kungokuningi kakhulunjengoba kunjalo ngalolosuku. Abantu bayahambahamba,bengazi ukuthi bayaphi, futhi babonakala benganaki.Bezihlalele nje ukuthi baziyele noma yikuphi lapho befisa ukuyakhona, futhi—futhi uhlobo lwabantu abafuna injabulo. Ucisheafane nje njengoba wayenjalo ngenkathi eshiya uNkulunkuluensimini yase-Edene, futhi wayeshiywa ukuba azigudlukeleyena. Uvele ashiye uNkulunkulu angabibikho, futhi aziyelenje noma yikuphi lapho efisa ukuya khona, futhi uhlobooluhlanyiswa yinjabulo.24 Futhi—futhi akakaguquki kangako emicabangweniyakhe. Akakaguquki kangako emibonweni yakhe. Usalokhuefuna inkolo yakhe yehlamvu lomkhiwane, niyazi. Ufunaukuyenza, qobo lwakhe, bese ezemboza, bese esukaehamba njengokuthi, ngokufana, ngingathi, ngokufana,njengokholakalayo, ukukholakala kokuzenzela, uma lelogamalizwakala linomqondo. Uzenza yena akholwe ukuthiungokholakalayo. Kanti, phansi emphefumulweni wakhe, uyaziukuthi usephutheni. Uyazi ukuthi noma yini umuntu azoyenza,yonakele okokuqala nje. Futhi angekwaze nhlobo ukuzisindisakunoma engathatha amabhande amabhuzu bese egxumelaenyangeni. Angekwenze. Ezama ukwenzenjalo, unjengengweizama ukukhotha amabala ayo iwasuse. Kuphela ukhombisaizono zakhe ngokugqame kakhulu. Kodwa yena, noma kunjalo,akafuni ukulalela. Uyazulazula nje.25 Kodwa, uPetru, ngalolosuku, wakwazi ukuphendulanjengenqwaba yethu kulobubusuku. Wayethole into ehlukile.Wayehlangane noJesu, futhi wayazi ukuthi kwakukhona into

Page 5: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

SIYAKUYA KUBANI NA? 5

engaphezulu kokuzulazula nje. Noma ubani oke ahlanganenoJesu, akabe esafuna neze ukuzulazula, nhlobo. Kukhonaokwenzeka kuye uma ehlangana noJesu. Akabe esafana neze.NaloPetru wayehlangane noJesu, futhi wayethole into ethizekuJesu eyayehlukile kunoma ubani omunye. Wayengekho nezeumuntu owayenjengoJesu. Futhi wayethole lento ethize enkulukuYe, eyamenza waphendula lombuzo, “Nkosi, besingayakubani na?”26 UJesu wathi, “Manje, uma—uma nifuna ukuhamba namanyeamashumi ayisikhombisa, nikhululekile, qhubekani njenihambe.”27 Kodwa uPetru wathi, “Besingaya kuphi na? Besingayakubani na? Ngokuba iZwi lokuPhila okuPhakade likuWewedwa.” Akukho-namunye owayenaLo ngaphandle kwaKhe.NoPetru wayekade enaYe isikhathi eside ngokwenele, futhiwayezibonile izimangaliso zaKhe nezibonakaliso, nezimangaezivela kuNkulunkulu, futhi wazi ukuthi lelo kwakuyiQiniso,ukuthi WayeneZwi lokuPhila okuPhakade.28 O, ukuba kuphela besingahambisana naYe isikhathi esidengokwenele ukukuqonda lokho, ukuthi Yena yedwa uneZwilokuPhila okuPhakade.29 Manje yini lena uJesu ayenayo eyayehluke kakhulu kangakakunanoma ubani omunye na? Kungani Wayehlukile kurabi na?Urabi wayengumpristi. Wayengumfundisi, isifundiswa esikhulu.Mhlawumpe, emfundweni yomhlaba, emedlula kude le uJesu.30 Asinabufakazi obubhalwe phansi bukaJesu ukuthiwake waya esikoleni, noma efunda noma yini kumuntu.Wayengakudingi. WayeyiNdodana kaNkulunkulu.Kwakwembulwa kuYe, kuvela eZulwini, ukuthi akenzeni.Nalesisambulo saseZulwini sasilethe okukhulu okuhlabaumxhwele phezu kwalababafundi, uPetru waze wathi,“Besingaya kubani, ukuba sithole Lokhu na?”31 Futhi kuyikho ngempela nje kulobubusuku. Besiyoya kubaniukuba sithole Lokhu ukuba asizanga kuYe na?32 Manje, ngibhale phansi lapha, esiqeshini sephepha, izizathueziyisikhombisa, noma izinto eziyisikhombisa, ukuthi, izizathuzokuthi sifanele size kuJesu. Ngifuna ukukhuluma ngalezizintoeziyisikhombisa okwemizuzu engamashumi amabili nomaamashumi amathathu nje elandelayo, ngaphambi kokubasikhulekele abagulayo.33 Ngani, kwakuyini, uJesu ayenayo, eyayehlukile na? Kunganikwakufanele kubenguYe Yedwa na?34 Into yokuqala, uJesu wathi, “NgiyiNdlela.” Manje, linyekuphela iZulu, futhi munye uNkulunkulu, neNdlela eyodwayokufika Lapho. Akusizo izindlela eziningi, kodwa kukhona

Page 6: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

6 IZWI ELIKHULUNYIWE

iNdlela eyodwa kuphela yokufika Lapho. NoJesu wathi,“NgiyileyoNdlela.”35 Manje, sizama ukwenza ezinye izindlela. Sizama ukuthisithi zikhona ezinye izindlela. Sinendlela yesivumokholo,futhi sizama ukulandela lokho. Abaningi bethu, emabandleni,sinesivumokholo esithize esi—esisigcinayo. Futhi lokhokungahle kube kuhle, okokuzemboza ngeqabunga lomkhiwane.36 Kodwa uma uya eZulwini, ufanele uze ngoJesu, ngokubaUyiNdlela. Ayikho enye indlela engabakhona, eya eZulwini,kuphela ngoJesu.

Sinezindlela esizibiza ngokuthi, “Ihlelo lethu.”Buza umuntu, namhlanje, “UngumKristu na?”“O, ngiyiMethodisti.”“UngumKristu na?”

37 “NgiyiBaptisti. NgiyiPresbyterian. IPentecostal, nomaiNazaretha, noma yinto efana nalokho.” Lowo akusiwo umbuzo.38 Ukuba ngumKristu, ufanele ube kuKristu. Futhi yinyekuphela indlela oyithola kuKristu, futhi leyo ayingazoizivumokholo noma amabandla, kodwa ngombhaphathizokaMoya oNgcwele. Sifanele sizalwe ngokusha. Futhi umasizalwa ngokusha, khona-ke sikuKristu. Futhi uma nikuKristu,niseNdleleni, ngokuba UyiNdlela.39 Kwakukhona umuntu, ngesinye isikhathi eBhayibhelini,uJesu, emfanekisweni waKhe odumileyo, akhuluma ngaye.Ukuthi, Wathi kwakukhona umuntu owayeyisicebi, futhiwenzela indodana yakhe isidlo sakusihlwa, okwakuzoba yisidlosakusihlwa somshado. Futhi wamema abantu ukuba beze.Futhi kwathi ukudla kwakusihlwa sekulungile nayoyonke intoisilungele ukuba iphakwe, zonke izimenywa zasezihlalisiwe.Futhi etafuleni kwatholakala umuntu owayengayembetheingubo yomshado.40 Manje, abantu abaningi abafunda iBhayibheli bawejwayelekabi lomBhalo.41 Nenkosi yathi kulomfo, “Mngane, yin’indaba ubelaphangaphandle kwengubo yomshado na?” Umbuzo wabuzwa,“Uzeleni ungenayo ingubo yomshado na?”42 Futhi niqaphelile yini, iBhayibheli lasho, ukuthi, “Wathula.”Wayengenazaba.43 Manje, ngike ngaba nenjabulo yokuba sezindawenizaseMpumalanga nokubona imishado yaseMpumalanga.Abashintshi. Amasiko afanayo, izinkulungwane zeminyaka.44 Manje, uma kukhona isidlo sakusihlwa somshado esifanelesinikezwe, ekuhlonipheni othize, umyeni unika bonke abantuabangenayo izingubo ezishaya phansi, ngoba abangane bakhebaxube abampofu, abacebile, nabanganaki. Kodwa bonke

Page 7: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

SIYAKUYA KUBANI NA? 7

abamemayo, unikwa isimemo, futhi kulesisimemo kunegamalomyeni kuso. Futhi uletha lesisimemo emnyango. Futhikukhona u—umlindimnyango oma emnyango, futhi unezingubo.45 Ngakho-ke, kukhuphuka umuntu oyedwa, egqoke kahlengempela, nomlindimnyango amembathise, ingubo evamile.Umuntu olandelayo akhuphuke, ugqoke kahlana, akagqokilekabi kangako, kodwa uthola uhlobo olufanayo lwenguboeshaya phansi isicebi esinayo. Nomfo olandelayo akhuphuke,o, akungabazeki, kodwa emenyelwe esidlweni sakusihlwa,nokuhlonipheka okukhulu kangaka kumngane wakhe, wazewawasha izingubo zakhe futhi, o, enze okuningi kangaka ukubaazilungiselele, kodwa kuphela ukwenzele ize.46 Ngakho kunjalo, thina, akukho esingakwenza ngakho.UNkulunkulu usilungiselele insindiso yethu ngoJesu Kristu.Futhi akuyi ngokuthi singenzani, noma zingaki izinto ezinhleesingazenza. Okungukuthi, kulungile, akukho okungashiwookumelene nakho. “Kodwa kungomusa enisindiswa ngawo,ngokukholwa.”47 Kwase kuthi-ke lomuntu ompofu ethola uhlobo olufanayolwengubo eshaya phansi isicebi esasinayo nomunye umuntuayenayo. Bese-ke, uma behlezi etafuleni, bonke bebukekabefana.48 Manje, kwenzekani kulomuntu, kwenzekani na? “Wathula,”ngoba wayengene ngokukhwela ngewindi, noma wangenangomnyango oseceleni, noma ungena ngenye indlela ngaphandlekwendlela alungiselwe yona. Futhi wayegeje ingubo eshayaphansi.49 Yileyondlela okuyoba ngayo ngoSuku lokwaHlulela.Zikhona ezinye izindlela. Kukhona izindlela zebandla. Kukhonaizindlela zezivumokholo. Kukhona izindlela ze—zezintoezehlukene. Kodwa uJesu wathi, “NgiyileyoNdlela.” UJohaneoNgcwele 10, Wathi, “Ngingumnyango esibayeni sezimvu.”Nabantu, namhlanje, njengoba babenjalo nje ngaleyonkathi,bayala nje ukuthatha leyondlela. Bafuna indlela okungeyabo.Bacabanga ukuthi inhle nje nayo.50 Lapha esikhathini esithize esedlule, ngikholwa ukuthikwakuseLouisville, kwakukhona insizwa. Futhi yatholainto ethize engalungile kwenye yezindlebe zayo. Awu, yayakudokotela wayo, nodokotela wayo wayilindela amavikiamaningana. Futhi kwakhula kubakubi kakhulu. Ekugcineni,udokotela wathi, “Kufanele ngikuthumele kudokotelaoyisipesheli.”51 Futhi ngesikhathi udokotela oyisipesheli esixilongaisifo, kwakuyigama elithize elikhulu lezokwelapha.Engingathi, angikholwa, ukuba bengilazi, uma bengingalisho,bengingadingeka ukuthi ngilibhale, futhi ngilipraktize ihora,ukulipela. Futhi ubungeke wazi ukuthi ngitheni ngenkathi

Page 8: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

8 IZWI ELIKHULUNYIWE

ngilipela noma ngilisho, ngoba bengingeke ngazi ukuthibeliyini, okokuqala nje. Kodwa kukhona okwakungalungileendlebeni yayo, okwakuzothatha impilo yayo. Futhiwathi, “Isifosesiqhubeke kakhulu. Futhi angazi-muntu ongasixilongisisaisifo, ukubona ukuthi kuyiqiniso ngempela yini noma qha,kodwa umuntu othize owakhe eSt. Louis, udokotela.”52 Umfana waphuthuma masinya eSt. Louis. Lodokotelawayesathatha umhlalaphansi futhi waya eNew Orleans.WayenguMningizimu, ngakho wabuyela ezansi eNew Orleans.Umfana wathatha ibhanoyi, masinya, futhi waphuthuma eNewOrleans. Udokotela omdala wasibuka, wathi, “Basixilongekahle, ndodana, futhi sesiqhubeke kakhulu.”53 Nomfo omncanewathi, “Dokotela, ungangihlinza na?”54 Wathi, “Qhabo, ndodana. Ngeke ngakwenza. Isandla samiasisaqinile ngokwenele.” Wathi, “Manje, angazi kodwa umuntuoyedwa, emhlabeni wonke, ongakwenza lokhu ukuhlinza.”Wathi, “Lowomuntu useDolobheni laseNew York manje,uhamba ngomkhumbi eholidini lezinyanga eziyisithuphaeYurophu. Futhi angisho nokuthi ungamfica yini; futhi ngishonoma ungamfica, noma mhlampe uyokwenza yini ukuthiahlinze. Nguyena muntu kuphela engazi ngaye, ngalesisifoesingejwayelekile, ongenza lokhu ukuhlinza. Futhi ungekeulinde. Uzobe usufile phakathi kwezinyanga eziyisithupha.”55 Yathi, “Shona ocingweni. Umshayele. Yenza okuthize.Angifuni ukufa. Mthole, ngandlela-thize.” Futhi ekugcinenibamthola udokotela owavuma ukwenza ukuhlinza.56 Manje, ngenkathi lensizwa ikhuluma nodokotela omdala,futhi wayitshela ukuthi yayiyini eyayiyiphethe, futhiwayemunye kuphela umuntu owayengakwenza ukuhlinza.Ayimbukanga udokotela omdala, njengabanye abantu ababukaumfundisi uma emtshela ukuthi uJesu yiyona-ndlela kuphelaangasindiswa ngayo. Ayimbukanga udokotela, ithi, “Inkulumoemnandi, dokotela. Impela ngikujabulele ukukhuluma kwakho.Ngizobuya ngizokuzwa, kwenye inkathi yonyaka.”57 Manje, yileyondlela abantu abathatha ngayo ubuKristu.Kodwa ukuba kuphela benazi ukuthi kungukufa ukwenqabaleyoNdlela. Yingalesosizathu uPetru athi, “Besingaya kubanina? Ngokuba Wena wedwa unokuPhila okuPhakade. NguWekuphela, noyiNdlela kuphela uNkulunkulu ayendlalile, futhilokho ngukuPhila okuPhakade.”58 Manje, sifanele sikhumbule ukuthi UyiNdlela. Futhi umaukuKristu, ungena kuKristu ngokuzalwa kuKristu. Manjeasikho isidingo sokutshela abantu iNdlela, nokuthi iyiniiNdlela, ngaphandle uma ubatshela ukuthi kungenwa kanjanikuYo. Manje, uyazalwa kuKristu. Uba yingxenye yaKhe. Ubayisidalwa esisha, noma okusha okudaliweyo, uma uzalwaeMbusweni kaNkulunkulu. Uba yingxenye kaKristu.

Page 9: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

SIYAKUYA KUBANI NA? 9

59 Ngenkathi ngizalwa emndenini wakwaBranham, ngibanguBranham ngokuzalwa. Yileyondlela oba ngayo yingxenyekaKristu. Futhi ngendlela ongena ngayo eNdleleni, ngokuZalwaokusha. Kunjalo. Ungena kanjalo-ke eNdleleni. NoJesu wathi,“NgiyiNdlela.” Besingahlala isikhathi eside kulokho.60 Kodwa into elandelayo Ayiyo, UyiQiniso. Akukho-luthokumbe-muntu omunye oneQiniso ngaphandle kwaKhe.61 O, ngiyazi sinosonkolo, namhlanje, abahamba bethi, “Awu,manje, siyiQiniso. SineQiniso.” Siya ebandleni elilodwa, bathi,“SineQiniso.” Uye kwelinye ibandla, bathi, “Izivumokholozethu, sineQiniso.” Siya kwelinye, “Sinekhathekizima lasendulo.SineQiniso.”62 UJesu wathi WayeyiQiniso, ngakho ungeke ube neQiniso uzeube noJesu. UMthola kanjani na? Ngokuzalwa ngokusha. Kodwaungeke ube neQiniso uze ube noJesu.63 Ungeke ube seNdleleni uze ube kuJesu. Ungena kanjani kuYena? “NgaMoyamunye thina sonke sabhaphathizwa sibe-Mzimbamunye.” Khona-ke ukuJesu. Khona-ke useNdleleni. Khona-keuseQinisweni. UJesuwathi, “NgiyiNdlela, iQiniso.”64 Nenye into, into yesithathu, uJesu, size kuYe, UyikhonakuKhanya kuphela okukhona. Kunjalo. O, sifuna ukwehlukakulokho, kodwa kuyiqiniso. UJesu uyikhona kuKhanya kuphelaokukhona.

Wena uthi, “NgingokaRussell, okaCampbell.”65 Noma ungaba yini, kungukukhanya kwamanga. Ungabasebandleni likaRussell. Ungaba sebandleni likaCampbell,noma elinye ibandla loku “khanya”. Kodwa uze ungenekuJesu, awukho ekuKhanyeni. Usesebumnyameni. AwunakhoukuKhanya uze uze kuYe. Ngokuba UyiNdlela, iQiniso,nokuKhanya, nokuyiyona ndlela kuphela eya kuNkulunkulu.“Akekho ongeza kuBaba ngaphandle kwaMi.” Ngakho, ungekewaya kuNkulunkulu, ungeke waya eZulwini.66 Ufanele ungene eNdleleni, noJesu uyileyoNdlela. UyilonaQiniso kuphela elikhona. Futhi Uyikhona kuKhanya kuphela,ukuKhanya kweqiniso kuphela. Okuyiqiniso kuphela,ukuKhanya okubonakalisiweyo nguJesu Kristu. SinokukhanyakukaMormon. Sinokukhanya kweMethodisti. SinokukhanyakweBaptisti. Sinokukhanya kwePentecostal. Sinazo zonkeizinhlobo zezinkanyiso, kodwa uJesu ungukuKhanya kweqiniso.NguYe kuphela ukuKhanya.67 Singabantwana. Uma sizelwe ngokusha, singabantwanabeMini.68 Abantwana bezwe bahamba ebumnyameni. Bahambangesikhathi sasebusuku. Bayabuthanda ubumnyama.IBhayibheli lasho, ukuthi, “Abesilisa bathanda, abantu

Page 10: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

10 IZWI ELIKHULUNYIWE

bathanda ubumnyama ukwedlula kunoma benza ekukhanyeni,ngoba ukukhanya kuyobonakalisa imisebenzi yabo.”69 Ake kuphume ilanga, futhi zonke izibankwa ezindala, zonkeizilwanyakazana ezindala, izinambuzane zombuso omnyama,sinwabuzela ebusuku, ziyongena phansi kwento ethize.Leyo yindlela efanayo uma ukuKhanya kweVangeli kuqalaukukhanya, yonke imisebenzi emibi iyozama ukunwabuzelaphansi kwento ethize. “O,” bathi, “sino—sinokukhanya,ngoba si—siphila esikhathini sasebusuku.” Uma uhambaekukhanyeni ngesikhathi sasebusuku, uhamba phansikokukhanya kokwenziwa. Kunye kuphela ukukhanya kweminikweqiniso. Lokho ngukukhanya kwelanga.70 Kunye kuphela ukuKhanya kwamaKristu, futhi lokhongukuKhanya kweNdodana kaNkulunkulu. Iyikhona kuKhanyakweqiniso kuphela. Yebo.

KuYo ngukuPhila, lokho, impela njengoba ukukhanyakwelanga kuveza ukukhanya.71 Yonke impilo yezithombo iphuma nokukhanya kwelanga.Ngonyaka odlule kwakunjalo, nokuthi ubusika buba kanjaniyiqeqeba lamakhaza nakho konke. Kodwa kuthi masinyanelapho ilanga liqala ukugcwala phezu komhlaba, kwenzekani na?Kuvela ukuphila okusha, okusha.72 Ngangikhuluma nendoda, uMnu. Woods emuva lapho.Sasisenzansi eKentucky. Ngahlangana nendoda futhi yayifaneleukuba ngumphikinkolo. Ngezwa ukuthi yavele yedlulanje. Futhi yena, uMnu. Woods, wenyuka wacela ukuthisasingazizingela yini izingwejeje endaweni yayo. Yathi, “Impela,ningazizingela izingwejeje, Banks. Hambani nje niqhubeke.”

Wathi, “Ngize nomelusi wami.”73 Yathi, “Awuqonde khona ukusho ukuthi usuzehlise kangako,Woods, uze uhambe nomshumayeli ngasosonke isikhathi?” Futhiyathi…74 Ngaphuma emotweni ngase ngiya lapho. Futhi kwakukhonaisihlahla sama apula, yena nomunye umnumzane omdalaohloniphekile ayehlezi phansi kwaso. Futhi ngakho ngacoshaiapula ngase ngiqala ukulidla. Futhi wayekhuluma nami. Ngasengi intro-…UMfowethu Woods wamethula. Lapho…Wathi,“Ngikwethulela umelusi wami.”75 Ngase ngithi, “Sawubona, mnumzane?” Futhi sakhulumakancanyana, futhi uqala ukukhuluma ngokuthi, awu, ukuthiwayengakaze alubhade esontweni, futhi wayengazi ukuthingabe ikhona into asilele kuyo.

Ngathi, “O, yebo, unayo.” Ngamyeka wathi ukukhulumaisikhashanyana.76 Futhi emva kwesikhashana, wathi, “Uyazi kwakukhonaumshumayeli owafika lapha eCampbellsville, noma eActon,

Page 11: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

SIYAKUYA KUBANI NA? 11

idolobha elincane, enhla lapha ezinkundleni zamathendeeMethodisti.” Futhi wathi, “Lowomshumayeli wayengakaze abekulelizwe ngaphambili. Futhi ngobunye ubusuku esephezululapho eshumayela, emhlanganweni wobusuku obuthathu,wabuka ngemuva phansi esixukwini, futhi wabona owesifazaneehlezi lapho, futhi wamtshela ukuthi wayekhulekela udadewaboowayehlala phezulu lapha egqumeni, ebulawa ngumdlavuza.Uthi, ‘Uneduku esikhwameni sakho semali. Futhi wathi, ‘Thathaleloduku ulibeke phezu kowesifazane, futhi uzophiliswa.’”77 Wathi, “Ngalokho kusa, unkosikazi nami sasiphezululapho.” Wayesethi, “Saphendula lowo wesifazane osemdalaeshidini. Kwase kuyiminyaka emibili engaphumi embhedeni,noma ngaphezulu. Umdlavuza wesisu. Ayengahlali ngishoamanzi esiswini sakhe.”78 Wayesethi, “Udade wasukuma emhlanganweni, futhiwasuka wahamba ngalobobusuku, wayesekhuphuka wafikewabeka iduku phezu kowesifazane.” Wayesethi, “Ngakusasaekuseni, wayepheka amaqanda, nobhekeni, futhi enza ukudlakwasekuseni, futhi edla.”79 Wayesethi, “Kade ephezulu lapho. Lokhu sekuyiminyakaemithathu noma emine edlule, futhi,” wathi, “usaphilile.”80 Wathi, “Manje, uma engake afike kulelizwe futhi,ngizomuzwa.” Wathi, “Ngoba, waveza into ethize eyakwenzakubukeke njengento ethe ukuba nkulu kunesixheke samazwi njeokufundwa. Kwethula into ethize eyayingephilayo futhi iphila.Wayazi kanjani ukuthiwayehlala phezulu lapho egqumeni na?”81 Ngabuka ngale kuMfowethuWoods nganikina ikhanda lami.Futhi ngangimi lapho, ngigcwele udaka, negazi lezingwejeje,nakho konke, ngenxa yokuzingela. Wayengenawo nakancaneumqondo wokuthi kwakuyimi ngiphezulu lapho ngishumayela.Ngakho wa—wama lapho kancanyana, noma wahlala lapho,ngiqonde ukusho njalo.82 Ngase ngithi, “Mnumzane, usho ukuthi, uma ubungabonainto eyayibukeka inguNkulunkulu, uNkulunkulu wenza intoengaphezu kwemvelo na?”83 “O, yebo,” wathi, “lokho bekungangenza ngikholwe.”Ngathi, “Yebo, mnumzane.” Ngathi, “Sidala kangakananilesisihlahla sama apula na?”84 Wathi, “Iminyaka engamashumi amathathu nento.Ngasitshala lapho, ngonyaka othize thize.”

Ngathi, “Njalo ngonyaka kufika, kukhuphuka ama apula?”“Yebo.”

85 Ngathi, “Lokhu nje kuphakathi noAgasti. Asikazesibenakho nokukodwa ukuba neqeqeba lamakhaza nomaesisodwa isibikezelo samakhaza.” Ngathi, “Asikaze sibe nasoisimo sezulu, nhlobo, kuphela yihlobo elishisayo. Futhi ngitshele

Page 12: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

12 IZWI ELIKHULUNYIWE

ukuthi kungani, kwenzeka kanjani, ukuba lawomaqabungaawohloke kulesosihlahla na?”

Wathi, “Amanzi esihlahla abuyele emhlabathini.”86 Ngathi, “Ukuba awabuyelanga emuva, ngakho-kelesosihlahla besizofa ngesikhathi sasebusika na?”87 “Kunjalo. Amanzi esihlahla ahlala phezulu esihlahleni,asibulale. Afanele ehlele ezimpandeni futhi acashe.”88 Ngathi, “Awungitshele ukuthi yini eyenza lawomanziesihlahla, lapha phakathi nehlobo, buhlakani buniobuwathumela phansi ezimpandeni, ukuba ahlale ubusikabonke, ukuba abuye ngentwasahlobo ezayo, ukuba akuletheleokunye ukudla kwama apula. Ngizokutshela, nguMoyaofanayo owangitshela ukuba ngihambe ngiyotshela lowowesifazane ukuba ahambe ayobeka leloduku phezu kwakhe.NguNkulunkulu ofanayo.”

Wathi, “Awusuye lowomshumayeli?”89 Ngathi, “Yebo, mnumzane, nginguye.” Ngathi, “Uyabo,ubheka into ethize emhlanganweni, kodwa uNkulunkuluukhona lapha ukuzungezile, ndawo zonke. Ngeke nje uhlaleungaLiboni. Qaphela imvelo.”90 Manje, abanye abantu bangahle bale ukuhambaekukhanyeni kwelanga. Ukuba-ke bekungabakhona umuntuonjalo na? Obezothi, “O, ilanga alikhanyi. Qhabo, mnumzane.Angikukholwa.” Bese egijimela endlini yakhe engaphansi. Athi,“Ngiphuma kuphela uma sekumnyama. Uma ngiphuma…”Uyalwala usizo lwelanga. Awu, uma ekwenza, lokho—lokhonje kungubuthutha bakhe uqobo. Yilokho kuphela. Ilangaliyakhanya. Umuntu eze efasiteleni bese empongoloza, “Phuma,John. Ilanga liyakhanya.”91 “Ngiyala ukukholwa yilowombhedo. Ubuhlanya lobo.”Manje, ngempela ulahlekelwa ukufudumala kwelanga.Impela ulahlekelwa yimisebe elikunikezayo ukuphila.Impela ulahlekelwa wubuhle elibukhombisayo, nokuphilaelikulethayo.92 Yileyondlela, owesilisa noma owesifazane ezama ukuyaeZulwini ngesivumokholo, ezama ukuya eZulwini ngebandla,ngaphandle kukaJesu. Ungeke ukwenze. UyiNdlela, iQiniso,nokuKhanya.93 Njengoba impela is-u-n ilanga liveza yonke impiloyezitshalo, iS-o-n iNdodana iveza ukuKhanya okuPhakade.Futhi Yona yodwa inokuKhanya okuPhakade. Yingakho sifanelesize kuYo. Sizokugeja ngebandla. Sizokugeja ngesivumokholo.Singeza kuphela kuYo futhi sifumane ukuKhanya okuPhakade.Yona yodwa. UPetru wathi, “NguWe kuphela onaKho.Yingalesosizathu silapha. Siza kuWe, ukuba sikweMukele.”

Page 13: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

SIYAKUYA KUBANI NA? 13

94 Manje, bhekisisa uma lokho kukhanya kwelanga kuqalaukukhanya, ngani, akukho—akukho-mbewu esemhlabathiniengeke iphile. Akukho engakwenza.95 Beka phansi indlela eseceleni komgwaqo emgwaqeni wakho,noma phansi endleleni yakho yezinyawo, uyifake ukhonkolo,uyenze ibe ngamafidi amane ububanzi. Bese udedela ilangalikhanye, notshani buyamila, ubutholaphi utshani bakho laphoobuningi kakhulu khona na? Khona impela onqenqemeni lwayo.Yini na? Yilezozimpande. Ungeke wafihla ukuphila elangeni.Lelolanga liyakhanya, lezozimpande ezincane zichusha laphoziphume amayadi ayikhulu, uma kunesidingo, futhi ziyomila.Lobo wutshani obebuphansi kwendlela eseceleni komgwaqo.Yilobo obebungaphansi lapho, izinkanyiso ziyakhanya. Futhiuma ukukhanya kukhanya, ukuphila kubakhona.96 Futhi uma iNdodana kaNkulunkulu ikhanyisa phezukwenhliziyo, ukuPhila okuPhakade kubakhona.97 “NgiyiNdlela, iQiniso, nokuKhanya.” Nazo izizathuezintathu ezenza ukuba size.98 Esesine, yilesi, uJesu yisona kuphela isiSekelo esiphephilenesiqinile noma yini engakhelwa phezu kwaso. Kunjalo. YisonasiSekelo kuphela okungakhelwa phezu kwaso. Zonke ezinyeizisekelo yizihlabathi ezibishayo.

Ngimi kuKristu iDwala eliqinile.Yonke eminye imihlabathi yizihlabathiezibishayo.

99 Inqwaba yabantu yakha phezu kwengcebo. Bazamaukusebenza, babone ukuthi yimali engakanani abangayenza.Bathi, “Uma ngingeke ngayisebenzisa, abantwana bamibangayisebenzisa, emva kwami.” Kwenzani na? Kuphindekuholele ebugqilini. Uba yisigqila emalini yakho. Abantuabaningi abakwenzi mhlawumbe…Awudingi ukuba usozigidiukuze ube yilokho. Ungayifisa nje imali, futhi unecala njenjengosozigidi. Niyabo? Baningi kanjalo nje osopeni, njengobaekhona osozigidi, abayoba sesihogweni. Ngoba, yisimo sakhokuyo, lokho uNkulunkulu akuphe khona. Manje, uma uyakhaphezu kwengcebo, izowa.100 Manje-ke kukhona into enkulu leMelika ezamaukwakha phezu kwayo. Izama ukwakha phezu kwesisekelosokuthandwa ngabantu. Amantombazane asemancane, abafanaabasebancane, bayababuka, izingcweti zetelevishini, izingcwetizamabhayisikobho, bazama ukwenza njengazo, bagqokenjengazo, bazilingise. Kwenzani na? Kuholela empilweniecekeleke phansi yenxushunxushu. Yizinhlanga notshaniobomile osebusikiwe, okuyoshiswa ekwaHlulelweni.101 UJesu nguyena kuphela isiSekelo, okuyisona kuphelaisiSekelo esiqinileyo. Yingalesosizathu sifanele size kuYe.

Page 14: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

14 IZWI ELIKHULUNYIWE

Akekho omunye umuntu onalesosiSekelo. Ingcebo ayinaSo.Ukuthandwa ngabantu akunaSo.102 Futhi, namhlanje, sinokuningi ukwakha isisekelo. O,sifuna…Nje si…Abantu baseMelika bangeke nje bangenzilutho; ngeSonto bafanele ba—bafanele bakhe uthango; bafanelebenze lokhu. Nenzani na? Niyaqonda uk’thini? Isisekelo senusizosakazwa sibe yize, masinya nje. Lesosisekelo siyizihlabathiezikhumuzekayo.103 Abaningi bethu, bakha phezu kwemfundo. Asikwazingisho ukuthola othisha ukuba baye esikoleni, sikhulumangakho. Manje, lokho kulungile. Isikole silungile, endaweniyaso, kodwa asisoze sathatha indawo kaKristu. Qhabo,mnumzane. Manje sine…Asikwazi ngisho ukuthola othisha.Amabhungu namatshitshi ethu anendluzula kabi, abantubaze bangazami ngisho ukuwafundisa. UOswald omncaneno—no—noLes, nabobonke, bayojaha uthisha bamkhipheendlini. Bayowuhlela umbhikisho. Bayoteleka. Bayovala isikole.Angibasoli, bengingeke ngaba nguthisha wesikole, nami, umabengingekwazi ukuphuma kuso.104 Kodwa sikhuluma ngemfundo. Manje, lokho kulungile,imfundo. Asisifuni isigejane sokungakwazi ukufunda, kodwasifuna imfundo endaweni yakho. Kodwa inkathazo yayongukuthi, namhlanje, sizame ukufundisa ipulpiti lethu. Futhingenkathi sikwenza, sikhiphe iNdlela. NoKristu uyilesoSisekelonaleyoNdlela. Ngenkathi sibeka imfundo…Imfundo ilungile.105 Kodwa, lalelani, izikhathi eziningi, imfundo iholelaedemonini lemfundo. Nalelodemoni lemfundo likuholelaekwazini konke. Futhi uma ufika lapho, khona-ke ubangumphikinkolo, bese uphika uKristu. Ngakho ngeke wakhaphezu kwesisekelo semfundo.106 Kanjalo singeke sakwakha phezu kwamandla ezombusazwe.Wena uthi, “Awu, he, nginesasasa kakhulu. NgingowesekelaiDemokrasi. NgingumRiphabhuliki. Ngiyi…” Omabiliamaqembu kubolile.107 Sinye kuphela isiSekelo. Yakha phezu kukaKristu. Lesisizweasidingi ukwakha phezu kwanoma yisiphi esinye isisekelokodwa uJesu Kristu. Kunjalo. Asikho esinye isisekelo esibekiwe;asikho esinye isisekelo esikhona, ongaya ngaso eZulwini. Asikhoesinye isisekelo esiqinile, kodwa isiSekelo sikaJesuKristu.108 Esikhathini esithize esedlula, eNew York, ngangihambangigibele nomngane wami, umfundisi. Futhi ngathi, “O,lelobhilidi elikhulu! O!” Ngathi, “Awubheke laphaya.Mhlampe liyizitezi ezingamashumi amahlanu, noma amashumiayisithupha. O! Yindawo enkulukazi. Inhle kanjani pho!”Ngathi, “Awu, akukho-muntu phakathi lapho.”

Wathi, “Qhabo, futhi ngeke abakhona.”

Page 15: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

SIYAKUYA KUBANI NA? 15

109 Ngathi “Yini’indaba?” Unginika isilinganiso sokuthilelobhilidi cishe libizamalini, ezigidini, ukwakha lelobhilidi.

“Awu,” ngathi, “yini engabanga bikho ongena kulo na?”110 Wathi, “Lathi selicishe ukuphela impela nje, lonkeingaphandle selipholishiwe, nakho konke,” wathi, “batholaukuthi isisekelo sasingalungile. Lalakhiwe phezu kohlobolwetshe-nsipho, hhayi itshe langempela, ngakho-ke ibhilidilafeyiliswa. Futhi ngakho lisebenza into eyodwa kuphela,elokuba usonkontileka akhwele ayofika esiqongweni salo beseegxumela phansi, ukuba azibulale.”111 Akunandaba ukuthi ingaphandle libukeka lilihle kanjani,asikho esinye isisekelo esiqinileyo, kodwa isiSekelo sikaJesuKristu. UyisiSekelo sangempela okungakhiwa phezu kwaso.112 IMexico, idolobha elihle; ngangiphakathi lapha, eminyakeniethi ayibe mibili eyedlula. Lapho khona encane, inganeeyayifile…113 Ngicoshe indoda ezansi edolobheni esikhashaneni esedlule,idakwe ifile, ngiyikhuphula. Futhi yathi, “Ngike ngakubonangesinye isikhathi uma, Mfundisi mhlonishwa, Dokotela, nomaokuthize okunye.” UyiKatolika, washo Futhi wathi, “Uphilisaencane, intombazane efile ibuye iphila futhi. Mina,” wathi,“bengikuhlonipha njalo.”

Ngathi, “Uyamazi uJesu na?”Yathi, “NgiyiKatolika.”

114 Ngathi, “Angizange ngikubuze ukuthi ubusonta kuliphiibandla. Ngathi, ‘Ubumazi uJesu?’”115 Futhi ngayixoxela ngendaba yalona wesifazane omncaneoyiKatolika emi phandle lapho ngelesishiyagalolunye ekuseni,nengane efile ezingalweni zakhe, kwaze kwaba ngeleshumiligamenxe ngalobobusuku. Liyidliva imvula, nokuthi iNkosiyabuye yayiphilisa kanjani impilo yengane encane yaphilafuthi. Angibadedelanga bakumemezele kwaze kwamenyezelwangudokotela. Wathi, “Ingane yafa.” Wakumemezela, “ifile,”ngelesishiyagalolunye ngalokho kusa. Futhi lobu yilobo busukungeleshumi ligamenxe. Nengane encane iyaphila namhlanje,ngokwazi kwami.116 Manje, kulelodolobha, liyidolobha elihle. Kodwa amabhilidionke aseqala ukuqhiyama, ngoba babenesasasa kakhuluukuthola isazi sosuku lwesimanje sokwakha izindlu, ukwenzaibhilidi libukeke kahle futhi lipholisheke. Okungukuthi,ngiyangabaza ukuthi ikhona indawo ezweni engalehlula,ngobuhle. Kodwa behluleka ukuba bajule ngokwenele ukubabayofika edwaleni.117 Yileyondaba nangamabandla ethu namhlanje, mngane.Yileyondaba ngeBaptisti, iMethodisti, iPresbyterian,iPentecostal, amaNazaretha. Sifanele simbe, njengabantu

Page 16: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

16 IZWI ELIKHULUNYIWE

ngamunye, futhi singethembeli emabandleni ethu. Sifanelesimbe, thina uqobo, size siyoshaya leloDwala uJesu athi.“Phezu kwaleliDwala Ngiyakulakha iBandla laMi, namasangoehayidese awayikuLahlula.” NguYe kuphela isiSekeloesiqinisileyo, qiniso.118 Manje-ke, enye into, engeyesihlanu, ngizokusho lokhu.NguYe kuphela impumelelo nenjabulo elondekile nokuthula.Yingalesosizathu siza kuYe. O, ngiyazi ningahleka njengesilima,noma ningaphuma lapha futhi nihleke nize nikhale isipoliyane,ngehlaya eliqhunyiswa ngenye ingcweti yamabhayisikobho,noma okuthize. Noma umuntu othize, ungahle utholeokuningi kakhudlwana ongakuphuza, futhi uhleke sengathiubuyisiphukuphuku esithize, kodwa lokho akukulethi ukuthula.Akukho okunye ukuthula, futhi ayikho enye injabulo,njengokuza kuJesu Kristu.119 Ngibabonile abantu bezenzisa. Ngibabonile abesifazaneabasha bezama ukuzibrasha macala onke ngamakhavaababewagqokile, futhi benze sengathi babejabule. Abanjalo.Babasa kuphela umlilo opendiwe. Ungeke wafudumala ngomliloopendiwe.120 Nizibonile izinsizwa ezizama ukucabanga ukuthiizinkonyane zayo zazizinkulu ngangokuthi wawungabethelaisipikili sishone futhi yona ungayithinti neze, nommesewawugobe ubukhali bawo kuyo. Inike iminyaka embalwa nje,futhi isijike yaguga futhi yaba nemibimbi. Ayikho injabuloyaPhakade ngaphandle kukaKristu.121 Bukani lapha. Ngizobeka…Noma yimuphi kini lapha,kulobubusuku, ophile saka, umndeni wakho uphile saka, macalaonke kuwe. Uthini ngomama ongekho lapha na? Wazi kanjaniukuthi uyihlo akafi manje na? Wazi kanjani ukuthi omunyewabantwana bakho akabulawanga, emizuzwini embalwaedlule, engekho lapha na? Wazi kanjani ukuthi ayikho enyeinto eyenzekile na? Wazi kanjani ukuthi uzophuma kulendlukulobubusuku na? Ungahle ushayeke phansi ngokuhlaselwayinhliziyo. Awazi. Ngakho ayikho injabulo yaPhakadengaphandle kukaKristu. Yingalesosizathu sifanele size kuYe.122 Ungaba newiski. Ungaba nokuzijabulisa. Ubungabanezinto zezwe. Kodwa azisiyo injabulo enempumelelo. Akukhookunganikeza ukuthula njengaYe. Unikeza ukuthula.

“O,” wena uthi, “Nginokuthula.”123 Uma wake wabanakho ukuthula kwangempela, unoJesu.Uma ungenaye uJesu; awazi ngisho ukuthi ukuthula kushoukuthini uze uze kuYe.124 Ngibabonile abantu, amakhosi, amakhosi anamandla,amadoda adumileyo, abasubathi, izingcweti zamabhayisikobho,nakho konke okwalokho. Abasibo abanokuthula. Awubabheke.

Page 17: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

SIYAKUYA KUBANI NA? 17

Bhekisisa amehlo abo imizuzu embalwa. Baguliswa yimizwa.Niyabo?125 Akukho-silisa, akukho-sifazane, akukho-mntwana, akekhonoyedwa ongaba nokuthula ngaphandle kukaJesu Kristu.“Ukuthula kwaMi Nginipha khona. Akunjengezwe, Nginiphakhona.” Niyabo? Akunjengoba niphiwa yizwe ukuthula,kodwa Unokuthula kwaPhakade, ukuthola kokuphumula. Umaniphila, uma nifa, uma akunandaba noma imvula ina nomailanga likhanya, unokuthula, noma kanjani.126 Ngiyayithanda inamba endala kaMfowethu Shakarianayiculayo, umfo omdala omkhulu, oqatha, uculaethi, “Nginokuthula okunjengomfula, nginokuthulaokunjengomfula.” O, kunjalo. Uma unokuthula, unoKristu.UKristu ungukuthula kwakho. Ngakho yingakho sifanele sizekuKristu, ukuba sifumane ukuthula.127 Manje, enye futhi into engifuna ukuyisho, eyinto yesithupha.Yena, noma i…Yebo. Into yesithupha, Uyiyona-mpumeleloeyinzuzo kuphela ehlala isikhathi eside. Ngitshele noma yiniongayithola, obungaphumelela kuyo, obekungaba-Phakade,ngaphandle kukaJesu Kristu.128 Wakhe ikhaya elihle. Uthole amadola ayisigidi. Ubengowesifazane othandwa ngabantu ukwedlula bonke ezweni.Indoda eqine ukwedlula onke ake ahamba emigwaqeni.Ube yirekhode lomhlaba, isilwi esikhokhelwayo, noma yiniofuna ukuba yiyo. Ubone ukuthi awugwedli yini, futhi u ubebuthakathaka kakhulu, futhi ufe. Kunjalo. Kuthatha kuphelaamalanga amabili aphezulu ukukwenza.129 Ngakho, impumelelo yaPhakade kuphela ekhona, inguJesuKristu. Lapho, uma Engokukhulu kakhulu nokungconokunakho konke ebesingaphumelela kukho, asi—asikwenze lokhokube yimpumelelo yethu-ke. Asiqiniseke ukuthi siyaMthola.Ungaba umshumayeli, ungaba ngumelusi, ungaba ngumdikoni,ungaba yilunga lebandla; kodwa uma ungakabi nakhoempumelelweni yakho…Ungahle uphumelele ekutheni uthi,“Ngeke ngiyeke ngize ngibe ngumshumayeli. Ngeke ngiyekengize ngibe umdikoni. Ngeke ngiyeke ngize ngibe yilungalebandla.” Lezozinto zilungile, zihloniphekile. Kodwa, lalelalapha, mfowethu, ungayeki ungakamtholi uJesu Kristu,kungenjalo awunayo impumelelo yaPhakade. Ngoba, umelusiwakho, yebo, umsebenzi wakho womelusi, masinya uzofiphala.Umsebenzi wakho njengomdikoni uzomuka masinya. Ubulungabakho bebandla buyophuma kudala ezingqondweni zabantu,isikhashana nje esizayo. Kodwa uma uphumelele ngokuzuzauJesu Kristu, khona-ke unokuPhila okuPhakade, futhi ungekeuze ufe.130 Manje, okokugcina, ngifuna ukusho lokhu. Nasi esinyeisizathu sokuba sifanele size kuJesu. Nguye Yedwa onokuguqula.

Page 18: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

18 IZWI ELIKHULUNYIWE

Ngijabula kakhulu ngalokho. O, lokho kungenza ngizizwengigcwala ukholo. Okunguye Yedwa Ongaguqula. Yebo,mnumzane.131 Ngizonitshela ukuthini. Yehla uye esitolo ekuseni, nomaekuseni ngoMsombuluko, kusasa kuyiSonto. Wehlele ekhemisibese uthenga umuthi ozokwenza ubengcwele ngangokuthiuyokuguqula ungene eNkazimulweni. Udedele—udedeleudokotela akuhlinze, lokho kube kuzokunika inguquko usukaethuneni uyongena eNkazimulweni. Uhlakanipha kakhulu futhiufundiswe kakhulu ngangokuthi uyokwazi ukuthi kwakhiwakanjani njengomunye umbhoshongo waseBabele; uyophelangendlela efanayo. Thola. Uzame ukuhamba ngeny’indlela,futhi uthole.132 Yilabo kuphela abakuKristu uNkulunkulu ayobaletha kanyenaYe. Ukuguqulwa kuphela okungenziwa ukusuka emhlabenikuya eNkazimulweni kungoJesu Kristu. Nguye kuphelainguquko, indlela kuphela yokuguqulwa. Ungeke uyithenge.Ungeke. Ungeke wayisebenzela. Ufanele uyemukele. Iyisiphokuwe. Ukuguqula kukaNkulunkulu, ukuba kukuthathe.133 Yehla lapha ufike uthenge umuthi ozokujika, usukeekubeni yikhehla noma isalukazi, ubuyele ekubeni yinsizwanentombi. Thola ukuthi ungawuthenga yini. Awusoze. Awusozewabakhona, endaweni yezemithi. Awusoze wabakhona kunomayiyiphi indawo ngaphandle kukaJesu Kristu.134 Kodwa Washo lokhu, “Odla inyama yaMi aphuze iGazilaMi unokuPhila okungunaphakade, futhi Ngiyakumvusangemihla yokuphela, ngimguqule, ngimthathe ngimfakeeNkazimulweni.” “Uma lomzimba wasemhlabeni udilizwa,lelidokodo lasemhlabeni lidilizwa, sinalo elilodwa elilindile.”Ukuguqulwa, ukushintshanisa izindlu, usuke endaweni uyeendaweni. NguYe kuphela onokuPhila okuPhakade. NguYekuphela onenjabulo.135 Ngingakusho lokhu, futhi na? Nguye kuphela…KuYeyiyona-ndawo kuphela ongaya kuyo, lapho ongaMbona khona.Indawo kuphela oyoze ukwazi ukuMqonda kuyo, kungalenkathiungena kuYe. Ufanele uze ungene kuYe, ukuze ukuqonde.Uma kungenjalo, uyovele nje—uyovele nje uzulazule futhiuhambe ungqubuzeka ngekhanda. Uyoqagela. Futhi uyo…Kuyoba yindida kuwe. Awusoze ukuqonde.136 Yingalesosizathu lawomaJuda, ngezinsuku zawo, athi,“Ngani, lomfo unguBelzebule. Lomfo uyi lokhu, lokho, nokunye.” Abezanga neze kuYe. Abazange neze baMemukelenjengeNdlela. Abazange neze baMemukele njengeQiniso,njengokuKhanya, njengesiSekelo, njengowokuQala,njengowokuGcina, njengoAlfa, uOmega, zonke lezo ezinyeizinto Ayizo. Uyikho Konke-kukho-Konke. Yingalesosizathubengazange baMqonde ngenkathi beMbona.

Page 19: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

SIYAKUYA KUBANI NA? 19

137 Nakho kukhuphuka uFiliphu, owaya ngale waficauNathanayeli, wakhuphula uNathanayeli. NoNathanayeli,uJesu…waya ebukhoneni buka—bukaJesu. LaphouNathanayeli efika eBukhoneni bukaJesu, ngiqonde ukushonjalo, uJesu wambheka wayesethi, “Bheka umIsrayeliokungekho-nkohliso kuye.”

Wathi, “Rabi, Wake wangazelaphi na?”138 Wathi, “Ungakabizwa nguFiliphu, uphansi komuthi,Ngakubona.” I ra-…139 Abashumayeli bemi bezungeze lapho, abapristi, bathi,“LoMuntu unguBelzebule. UnoDeveli kuYe. Ungumbhuli.”140 UJesu wathi, “Nisho lokho ngokumelana naMi,Ngizonithethelela. Kodwa ngolunye usuku uMoya oNgcweleuyeza, ukuzokwenza into efanayo, futhi izwi elilodwa elimelenenaWo alisoze lathethelelwa, kulelizwe noma ezweni elizayo.”141 “Ningakwenza kanjani,” Wathi, “ningaNgilahla kanjani,libe izwi lenu uqobo lisho ukuthi ni ‘ngonkulunkulu’?Futhi uma babebizwa ‘ngonkulunkulu,’ eleza kubo iZwilikaNkulunkulu, ningaNgilahla kanjani uma NgithiNgiyiNdodana kaNkulunkulu na?”142 “Uma benimazi uBaba waMi, beniyakuNgazi, nami.”Kunjalo. Wathi, “Akekho ongeza kiMi, uma uBaba waMiengamdonsi.” Akekho oyoqonda uNkulunkulu, ngaphandlekukaKristu, yemukela uKristu. Ungeke wakuqonda ukuphilisangokukaNkulunkulu.143 Ngani, omunye uthi, “UJesu Kristu onguye izolo, namuhla,naphakade.”Umelusi omncane lapha angahle akushumayele.144 Abanye benu ningahle nizenwaye ikhanda lenu nithi,“A, angikukholwa lokho.” Niyabo? Awusiwo umbandelaukuze ukukholwe. Kwemukele nje, ngokukholwa, khona-keuzokubona.145 UJesu wathi, “Kuseyisikhashana, izwe lingabe lisaNgibona,okungukuthi, isimo sezwe ngeke sisaNgibona. Nokho,niyoNgibona nina; nina, ikholwa, ngokuba Ngiyakuba nani,ngibe kini, kuze kube sekupheleni kwezwe. ImisebenzieNgiyenzayo mina nani niyakuyenza. Ngisho neminingi kunaloniyakuyenza, ngokuba Ngiya kuBaba waMi. Ngizomuka, beseNgibuya futhi ngibe nani.”146 UNikodemu wabuza umbuzo. “Ngingazalwa kanjaningokusha. Ngiyindoda endala. Ngingene esizalweni sikamamangokwesibili na?”147 Wathi, “Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewuboneuMbuso kaNkulunkulu.” Manje, lokho kuhunyushwa empeleninguku “qonda,” aqonde uMbuso kaNkulunkulu. UMbusokaNkulunkulu uphakathi kuwe, ngakho ubungeke ngempelauWubone, ngaphandle uma uWubona usebenza. Kodwa indlela

Page 20: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

20 IZWI ELIKHULUNYIWE

kuphela oyoze ukwazi ukuWuqonda ngayo, ufanele uzalwengokusha. Ukuzalwa ngokusha, usuke ugcwaliswe ngoMoyakaNkulunkulu, khona-ke ukuKristu. Futhi uma ukuKristu,uMoya oNgcwele owaloba iBhayibheli, elabonakalisa uKristu,ukuwe, ukuqonda ubuYena uQobo. Amen. Yingakho ufaneleuze kuYe.148 Yileyo indaba ngeMelika namhlanje. Lemihlangano ishaneleizwe, kusukela empumalanga, entshonalanga, enyakatho,naseningizimu. Yingalesosizathu ibhomu le atomu, litshalwengale ngenxa yalesisizwe. Yingalesosizathu imbubhisoisiseduzane. Yingoba imisebenzi kaNkulunkulu isibonakalisiwe,nabantu basuka bahambe bengaWemukelanga, ngobaabaMfuni. Banamahloni ngaYe. O, abanamahloni ngebandlalabo. Abanamahloni ngenkolo yabo. Kodwa banamahloningoJesu Kristu.149 Ngenkathi abaphostoli beshiya ibandla labo, futhi bemukelaumbhaphathizo kaMoya oNgcwele ePentekoste, wabenzabayendezela njengamadoda adakiweyo, bekhuluma ngezinyeizilimi, futhi beqhubeka, futhi beqhubekela phambili, futhibephilisa abagulayo, njalonjalo. Futhi babebizwa ngesigejanesa—sa—sabangafundile, abantu abangazi lutho. IBhayibhelilathi, “Babengabantu abangafundile bayimifunda nje. Kodwababazi ukuthi kade benoJesu,” ngoba benza ngendlela efanayonaYenza. Babazi ukuthi ukuphila kwaKhe kwakukubo, ngobababenza imisebenzi Ayenzayo.150 UJesu wathi, kuJohane oNgcwele 14:7, “Okholwa yiMi,imisebenzi engiyenzayo Mina naye uyakuyenza.” Nakho laphookhona. Yingakho sifanele size kuKristu namhlanje.151 Ngikholwa ukuthi uKristu uyeza masinya. Ngikholwaukuthi sesisekupheleni komgwaqo. Ngikholwa ukuthi izizweziyahlukana. Ngikholwa ukuthi isikhathi sokugcina sesiseduze.Ngiyazi ukuthi sinjalo. Ngokusobala, ngazi ngokoqobo ukuthisinjalo. Ngizoqhubeka, ngithi, “Ngiyakholwa ukuthi ngiyasazi.”Sesisekupheleni komgwaqo. Nje ukuthi yizinsuku ezingaki,yiminyaka emingaki, noma amaviki, angazi. Akukho-muntuowaziyo. Akazi ngisho noJesu; Wathi, “NguNkulunkulu owazilokho, kuphela.” Angazi ukuthi kuyoba nini, ukuthi kuyobangaliphi ihora. Kodwa ngiyazi ukuthi kumasinya, ngokuba leziyizinto efanele yenzeke ngaphambi nje kokuFika kwaKhe.152 Ake ngikuncenge, kulobubusuku, mngane wamiongaphandle kukaKristu. Uma ufuna isiSekelo esiqinile,iNdlela, iQiniso, nokuKhanya, yemukela uJesu KristunjengoMsindisi wakho oqondene nawe futhi ugcwaliswengoMoya waKhe. Bese-ke uma uMoya waKhe usunyakaza,uzowazi uMoya waKhe.

Kwakuyileyondaba-ke ngabo ngaleyonkathi. BabeMbonile.

Page 21: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

SIYAKUYA KUBANI NA? 21

153 Owesifazane emthonjeni, wayazi kakhulu ngoNkulunkulukunoma kwakwazi uhhafu wabashumayeli, bangalolosuku.Ngani, kwathi angaMbona nje, u…Wayebukeka efana neJudaelejwayelekile, umuntu ojwayelekile nje. Futhi Wathi kuye,“Sifazane, Ngiphuzise.”154 Wathi, “Ngani, akusilo isiko ukuba Nina maJuda niceleamaSamariya into enjalo.”155 Wathi, “Kodwa ukuba bewazi ukuthi ubukhuluma noBani,ubuyocela kiMi amanzi. Ngiyokunika Amanzi ungezi laphauzowakha.”156 Waqhubeka ekhuluma naYe waze wehlukanisa ngokubonaokufihlakeleyo kuye, wambamba, ukuthi yini eyayingalungilekuye. Sonke siyazi ukuthi yini eyayingalungile. Thina bantubaseMelika sikholwa ukuthi wayeyisiphingikazi. Wayekadeenamadoda ayisihlanu, futhi ehlala neyesithupha.

NgakhoWathi, “Hamba ulande indoda yakho, uze lapha.”Wathi, “Anginandoda.”

157 Wathi, “Ukhulume iqiniso. Ubunayisihlanu, nale ohlalanayo ayisiyo indoda yakho. Usho iqiniso.”158 Wathi, “Nkosi, ngiyabona ungumprofethi Wena. Manje,siyazi, uma uMesiya efika, Uzazisa Yena kithi ngaleyondlela.Siyazi ukuthi Uyositshela lezizinto.”

Wathi, “NginguYe, okhuluma nawe.”159 Washiya imbiza yamanzi, futhi nanguya eya emzini.Wayenzeni na? Wayemukelile. WayeLemukelile, isambulo laphoLifika kuye. Wagijimela emzini wayesethi, “Wozani, niboneuMuntu Ongitshele engikwenzileyo. Kungebe nguye impelauMesiya lona na?”WayeLemukelile. Nakho lapho okhona.160 Lapho. abaFarisi nabaSadusi baphenduka, bathi,“UnguBelzebule. Ngeke sizihlanganise ngalutho naYe. Ngobaeyabo i re-…”Babenesisekelo. Babenendlela. Babenendlela.161 IBhayibheli lathi, “Kukhona indlela ebonakala sengathiilungile kumuntu; kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.”Ngakho, ungayithathi leyondlela ebukeka ilungile.162 Woza kuKristu, yemukela uJesu njengoMsindisi wakho,futhi ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele. Khona-ke, uma uMoyaoNgcwele uqala ukunyakaza phakathi kwakho, uzoqonda.163 Yileyondlela yokuphiliswa, wazi ukuthi ubani umphilisi.UJesu Kristu ungumphilisi. Ubeyokwenza kanjani uma Efikalapha, kulobubusuku, ukukuphilisa na?Ubeyokwenza ngendlelaefanayo naleyo Enza ngayo emuva lapho.164 Owesifazane wacindezela waputshuka esixukwini futhiwathinta ingubo yaKhe. Waphenduka wayesethi, “UbanioNgithintile?” Futhi wonke umuntu wama. Wayeseqalaza waze

Page 22: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

22 IZWI ELIKHULUNYIWE

Wamthola. Futhi wamtshela ukuthi wayenomopho, wayesethi,“Ukukholwa kwakho kukusindisile.”165 Lowo kwakunguJesu izolo. Lowo nguJesu namhlanje, umaEnguye izolo, namuhla, naphakade. Ungeke wakukholwa lokhokuze ukuba sewemukele uKristu kuwe, bese-ke Eyafakaza, qobolwaKhe, ukuthi NguYe. Niyabona ukuthi ngichaza ukuthinina? [Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.] Yileyondlela yokuMthola,kungukuMemukela.166 Nazo izizathu eziyisikhombisa zokuthi kungani sifanelesiMemukele manje. Akekho omunye esingaya kuye.“Wena kuphela.” Ungeke waya ebandleni bese utholaLokho. Angazi-hlelo ongaya kulo bese uyaKuthola. A—anginalutho oluphambene nehlelo. Kodwa abantu abaningibacabanga ukuthi nje, ngoba banebandla, yilokho kuphelaabafanele bakwenze. Ufanele uze kuJesu. UyiNdlela, hhayiibandla. UyiQiniso, hhayi ibandla. UngukuKhanya, hhayiibandla. UyisiSekelo, hhayi isisekelo sebandla. UyinjabuloyaPhakade, ukuPhila okuPhakade, okuyiyona kuphela iNzuzoeyimpumelelo ehlala isikhathi eside, okuyiyona kuphelaiNguquko. Okuyiyona kuphela iNdlela yokwazi uNkulunkulu,okuyiyona kuphela iNdlela yokubona iSambulo, okuyiyonakuphela iNdlela yokuphiliswa, ngukuza kuYe. Ufanele uze kuYe,bese uyaqonda futhi uMkholwe.167 Manje wena uthi, “Awu, Mfowethu Branham, angikazengiyibone imisebenzi enjengalokho eyake yenziwa.”168 Awu, ngethemba ukuthi uyayibona. Ngethemba ukuthiuyakubona lokho. Umhlangano usulungela ukuqala nje manje.Ngifuna wena lapha, ofuna ukuMthola, ukuMazi, uzokhulekelaukuba uMazi. Bangaki abazothanda ukuMazi ukuze niMqondeuma uMoyawaKhe ufika emhlanganweni na? Phakamisa isandlasakho. Uthi, “Ngithanda ukuMazi ngendlela engangokuthingizoMqonda.” Ngiyabonga.169 UbungaMqonda kanjani na? Ngenxa yokuthi Ubezokwenzaimisebenzi efanayo naYenzayo ngenkathi Eselapha emhlabenina? Manje, uJohane oNgcwele 5:19, Wathini na?170 Wedlula ngaseChibini laseBethesda, elalinesigejanesabantu, beshosha futhi besontekile. UJesu wahambangasezinkulungwaneni ezimbili, noma ngaphezulu, abantu,wahamba ngakubo. Ubone umuntu elele ohlakeni. Ngokuba,Wayazi, niyabo; Wayembonile, ngaphambili. Wayesehlalelapho yonke leminyaka. Wayesethi…Wayengesiso isishosha,wayekwazi ukuhamba.Wathi, “Uyathanda ukusinda na?”171 Wathi, “Anginamuntu wokungifaka emanzini. Uma ngiza,omunye uhamba phambi kwami, okwazi ukuhamba asheshekakhulu, angene kuqala.”Wathi, “Kuthi ngiseza, kwehle omunyephambi kwami.”

Page 23: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

SIYAKUYA KUBANI NA? 23

172 Wathi, “Thabatha uhlaka lwakho uhambe uye endliniyakho.” Umuntu wathabatha uhlaka lwakhe waqhubekawahamba.173 Wasukuma wabashiya khona lapho. Manje, lokhoakuzwakalanga kahle hle, kwezwakala na? Kodwa lowokwakunguJesu. Enhliziyweni, “Ngani na?”174 Manje, uma nizofunda nje niqhubeke, elinye ivesi, ivesi19, nizoqonda ukuthi Wakwenzelani. Lapho beMbuza, Wathi,“Ngiqinisile, ngiqinisile, Ngithi kini, iNdodana ingenze-lutho kuYo uqobo. Kuphela lokho Ebona uYise ekwenza,lokho iNdodana iyakwenza.” Niyakubona na? “NjengalokhouBaba, esebenza, naMi ngiyasebenza kuze kube-manje.”Ngamany’amazwi, “UBaba uNgibonisa umbono. Ngizobonaukuthi Ungitshela ukuthi angenzeni, futhi Ngizosho nje lokhoAthi aNgikwenze. Ngenza kuphela lokho Angitshela ukuthiaNgikwenze.”175 Awu, leso yisiSekelo. Lelo yiQiniso. Leyo yiNdlela. LokhongukuKhanya. Haleluya! Lowo nguJesu.

Uthi, “Angikaze ngiMbone.”176 Mangisho lokhu, sengivala. Emavikini ambalwa edlule,ezansi eFlorida, eduze kwaseGulf of Mexico, ndawondawoezansi phakathi lapho, noma ezansi eKeys ndawondawo.Kwakukhona u—udokotela, ngicabanga ukuthi kwakunguye,owehla ukuba ayodoba. Futhi wa—waqasha umphelekezeliomdala owayefanele ukuba ngumphelekezeli omuhle kakhulu,owayezokwazi ukuthi amfake futhi amkhiphe kanjani emanzini.Nomphelekezeli omdala wavele wangena esikebheni nje, waseesifuqa, wase ehamba ibanga elincane lapho ngezigwedlo zakhe,futhi walinda isikhashana. Futhi kwakungakasi.177 No—nomfo uqala ukuzwa leyomimoya engejwayelekile,lapho sifika olwandlekazi njalo ekuseni, sigwinciza. Wathi,“Awusho,” uqala ukucabanga, “siyantanta siphumelaolwandle. Ukuhlehla nokubuya kolwandle kuyasemukisa.”Wasibona isikebhe, kwakubukeka sengathi babehamba. Wathi,wacabanga, “Angifuni ukukhuluma kulowomphelekezeli,kodwa kungcono ngi—kungcono kubekhona engikushoyo.”Waphiyaza. Wathi, “Awusho, mnumzane, siyantanta siphumelaolwandle, asintanti na?”

“O,” wathi, “Ngicabanga ukuthi asintanti.” Zotha, uthulenje.178 Isikhashana esincane, waqaphelisisa isikebhe, sisalokhusihamba, kunenkungu futhi kumnyama. Wathi, “Siyantantasiphumela olwandle. Yenza okuthize. Ungumphelekezeli. Yenzaokuthize. Shesha. Siphumela olwandle. Yiyiphi indlela esibuyelangayo emuva na?”

Page 24: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

24 IZWI ELIKHULUNYIWE

179 Umphelekezeli omdala, ezothile nje ngakho konke, wahlalalapho, wayesethi, “Awu, linda nje isikhashana esincane,kuzokhanya, sizobe sesazi-ke ukuthi sikuphi.”180 Linda isikhashana esincane nje. Kwangathi ukuKhanyakweqiniso kukaNkulunkulu kungakhanya kulendlu,kulobubusuku. Uzobe usubona-ke ukuthi ukuphi. Uzobonaukuthi uya ngaphi, emva kwalokho.

Asikhuleke.181 Baba waseZulwini, kuyashiwo emiBhalweni, “NgiyiNdlela,iQiniso, nokuKhanya. Akekho ongeza kuBaba, ngaphandlekwaMi. Ngingumnyango wesibaya sezimvu.” “NGINGUYE,NGINGUYE, NGINGUYE,” njalo njalo, Uze uyophetha,ngokuthi, “NGINGUYE ENGINGUYE. Lowo “NGINGUYE”wayengesuye owayizolo nakusasa. Uhlala ekhona njalo, ofanayou, “NGINGUYE.” Yonke iminyaka, kuzo zonke izizukulwane,kulolonke iPhakade, kuselokhu kungu, “NGINGUYE.” Manje,Usenguye lowo omkhulu u “NGINGUYE,” hhayi ongu “Ngangi”noma “ngiyo.” Nokho, Wawukhona, futhi Uyobakhona. Kodwa,nokho, Uhlala ukhona u, “NGINGUYE.”182 Akumangalisi umphostoli athi, “Singaya kubani, Nkosi na?Ubani esingaya kuye na? SiyaKubona wenza lezizinto. Siyaziukuthi akekho umuntu ongenza lezizinto, uma uNkulunkuluengenaYe.”183 UNikodemu wamemezela okufanayo, “Rabi, siyaziUnguMfundisi wena ovela kuNkulunkulu. Siyakwazi.Thina baFarisi, thina malunga ebandla, siyakwazi. Ngekesakwemukela. Sizokhishwa ebandleni. Kodwa siyaziukuthi UnguMfundisi wena ovela kuNkulunkulu, ngobaakekho obengenza lemisebenzi Oyenzayo, ngaphandle umauNkulunkulu wayenaye.”184 Qiniso, Nkosi, lokho kuyafana namhlanje. UyisiSekeloesifanayo; iNdlela efanayo, iQiniso elifanayo, ukuKhanyaokufanayo. IsiSekelo esifanayo! Uyinjabulo efanayo.Uyinguquko efanayo. Uyafana kukho konke. Unguwe izolo,namuhla, phakade; yena Lowo owazi imfihlo yenhliziyo. Onguyeizolo, namuhla, naphakade, umphilisi ofanayo, uMsindisiofanayo.185 Nkulunkulu, kungahle kubekhona izoni lapha. Amashumiamabili noma amashumi amathathu ezandla eziphakamile,esikhashaneni esedlule, ngenkathi ngibuza ukuthi ubaniongathanda ukuKubona. Ngithe ukubabeka eceleni,isikhashana esidanyana, phezu kokuphawula kwami kokugcina,“Lindani kuze kukhanye iNdodana, khona-ke nizobona ukuthinikuphi. Ningaphiyazeli. Ningabaleki niphume ebandleni.Ningabi, ngabathi, ‘Kushisa kakhulu ukuhlala esinye isikhathieside.’ Kodwa asilinde isikhashana. INdodana mayikhanye.UkuKhanya makuphume. UJesu makafike enkundleni

Page 25: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

SIYAKUYA KUBANI NA? 25

futhi akwenze futhi enze njengoba Enza lapha ngenkathiEsesemhlabeni, khona-ke sizobona ukuthi asiye ngaphi.”Siphe khona, Baba. Sicela lokhu eGameni likaJesu nangenxayenkazimulo yaKhe. Amen.

Ngiyazi kuyashisa. Asinaso isikhathi esiningi kakhulu.186 Bangaki okholwayo ukuthi lezozitatimende ziqinisile na?

[IBandla lithi, “Amen.”—Umhl.] Ayikho enye indlelayokujika. Ayikho enye indlela.

“Awu, ungaqiniseka kanjani na?”187 Ngilihlabile ibandla, njengenhlangano. Ngisihlabileisisekelo elakhele kuso, phezu kwemfundiso yababhishobhinjalonjalo, “Benesimo sokumesaba uNkulunkulu, kephaAmandla bewaphika.” Ngoba, abakholelwa ekuphilisenikukaNkulunkulu. Abakholelwa embhaphathizweni kaMoyaoNgcwele. Abakholelwa eziMfundisweni zeVangeli. Ihlelolabo, amaPentecostal, ideda nje kude kakhulu. Kunjalo.AmaNazaretha, aboHambo oLungcwele, bayakhukhuleka,ngoba baqala ukwemukela imfundiso yomuntu, inkoloyeqabunga lomkhiwane. Umuntu, eshaywa wumoya, “Singayakuphi na?”Nizoba njengamashumi ayisikhombisa, azomuka na?188 Noma, nizoba njengoPetru, kulobubusuku na? Nithi, “Nkosi,besingaya kubani omunye na? Ubani omunye ebesingaya kuyena? Sibonile ukuthi Wena uneZwi lokuKhanya okuPhakade.NguWe kuphela onaKho.”189 NoJesu nguYe kuphela onomphefumulo wakho esandlenisaKhe. Ibandla lakho ngeke lakusiza. UKristu uyakusiza.190 Ungatholaphi…noma uke ukholwe noma ubone isiSekeloesingaphumelela ukuzuza noma yini emva kokufa na?Lingakwenzelani ibandla emva kokufa na? Lingakwenzelaniibandla uma odokotela bekwenqabile na? Angakwenzelaninoma yimuphi umuntu uma isayense yezemithi isikuphenduleyakuphendula, udliwawumdlavuza na? Akukho-lutho.191 Kodwa sikhona isiSekelo. Ukhona Oyedwa. Ikhona iNdlela.Kukhona ukuKhanya.Ukhona uNkulunkulu. Ukhona umphilisi.Ukhona uMsindisi. Ukhona Ongcwelisiwe, futhi Uphakathikwethu kulobubusuku, ngobaWethembisa ukuthiUyobakhona.192 Wayesethi, “Nomaphi lapho kubuthene ababili nomaabathathu eGameni laMi, Ngiyobakhona lapho phakathikwabo. Imisebenzi engiyenzayo Mina nabo bayoyenza.Kuseyisikhashana, nezwe,” lelo yibandla nje, abangaphandle,“bangabe besaNgibona. Nokho, niyoNgibona nina, ngokubaNgi…” Futhi noma ubani owake waya esikoleni sokufundwanokubhalwa kolimi uyazi ukuthi u “Ngi” uyisabizwanasomuntu. Niyabo? “Ngiyakuba nani, ngibe kini, kuze kubesekupheleni kwezwe. Nemisebenzi eNgiyenzayo mina nani

Page 26: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

26 IZWI ELIKHULUNYIWE

niyakuyenza.” Misebenzi mini Ayenzayo na? Njengoba uYiseayeMbonisa.

193 Yingalesosizathu ngishilo esitatimendeni sami sokugcina,“Lindani.” Angishumayelanga ize kini. Uma uJesu engakwenziengikushoyo, iBhayibheli elathi Wakwenza, engicaphune kulo,nina…umBhaloAwenzayo, nginitshele iphutha-ke; iBhayibhelilinephutha-ke; asiphume-ke sifumane inkolo kaMohamede,asifumane uBuda, enye inkolo ethize eyiqiniso.

194 Ake ngikutshele khona manje, mfowethu, ngaphambikokuba uqale, yinye kuphela iNdlela, linye kuphela iQiniso.Yinye kuphela inkolo ekhona, engafakazisa ukuthi uMsunguliwabo wavuka kwabafileyo futhi uhlala kuze kube-phakade,amen, lelo yiBandla likaNkulunkulu ophilayo. BenziwekumaMethodisti, amaBaptisti, iPresbyterian, namanye,amaNazaretha, aboHambo oluNgcwele, amaPentecostal. Wonkeumuntu ozelwe eMbusweni kaNkulunkulu, lowo owemukeleuJesu Kristu, wakhelwe kulesoSisekelo futhi akasoze adlula,kuphumule lelothemba laPhakade. Ngisho nakuba bengaphosauthuli ebhokisini lakho lomngcwabo ikhaskhethi, evikinikusukela manje, nokho akusoze kwakukhathaza nangokukodwaokuncanyana. Uvele nje ugudluke kulendlu endala, uyekwentsha, yilokho kuphela. Kuyokuvusa ngomuhlawokuphela.

195 UJesu Kristu uyiyona-ndawo kuphela ongaphendukelakuyo. Ngiphendukela kuYe, ngayo yonke inhliziyo yami,ngawo onke amandla ami. Njengoba bengingaba njalo umabenginezinkulungwane ezingamakhulu amahlanu, njengobasenza eBombay. Lapha kulelibandla elincane, kulobubusuku,labantu abayikhulu namashumi amahlanu, noma into efananalokho, mhlawumbe ababaningi kangako. Indlela efanayo,ukuphumuza umphefumulo wami kuYe, ukuthi UzozembulaYena ngandlela-thize, kulobubusuku, ezonenza niqonde ukuthiUlapha.

196 Amakhadi omkhuleko? Akhona owakhiphile? [Omunyeuthi, “Yebo.”—Umhl.] Kunjalo. Uthe ukhiphe amangaki?[“Cishe amashumi amabili.”] Mfowethu Ruddell, bengilindele,kulobubusuku, ngempela. Kodwa bekushisa kakhulu, abantubaminyane futhi bagcwale swi, futhi bagcwale swi phakathilapha, njalo—njalonjalo. Kodwa yi—yilokho, ngiqagele,ba…Njengoba ngenzile, kuqala. Bengifuna ukuhambangilande umkami, futhi ngashayela ngedlula, ukubona ukuthibebebangaki lapha, futhi ngiyabona ukuthi bekugcwele, ngavelengabuya ngangena. Niyabo?Ngiyabuya, ngiyajika, ngiyabuya.

197 Manje, kuyashisa. Kodwa, o…[Akuqoshwangaeteyipini—Umhl.] Abambalwa nje, bese kuthi-ke mhlawumbesithole abanye futhi abambalwa, abanye futhi abambalwa, futhingibakhulekele.

Page 27: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

SIYAKUYA KUBANI NA? 27

198 Manje, angisho ukuthi iNkosi izosenzela noma yiniegqamileyo.Mhlawumbe Izoyenza.Mhlawumbe ingeke. Angazi.199 Manje, ini, uqale kwelokuqala? [Umunye uthi,“Elokuqala.”—Umhl.] Elokuqala. Kulungile. Ubani onekhadilomkhuleko eliyinombolo yokuqala na? Ungaphakamisa isandlasakho nje. Onekhadi lomkhuleko eliyinombolo yokuqala.[Omunye usho okuthize.] Uqinisekile ngalokho na? Inomboloyokuqala? [“Qhubeka. Umi ngemuva.”] O, ngiyaxolisa.Kulungile, nenekazi, woza khona lapha.200 Inombolo yesibili, ubani onenombolo yesibili na? Ikhadilomkhuleko eliyinombolo yesibili, ungaphakamisa isandlasakho. Intombazane encane…O, ngi—ngiyaxolisa. Ikhadilomkhuleko eliyinombolo yesibili, ungasiphakamisa isandlasakho. Kulungile.201 Usho ukuthi ikhadi lomkhuleko eliyinombolo yesibili alikholapha na? [Omunye uthi, “Nanti.”—Umhl.] Inenekazi. Kulungile.Woza khona lapha, nenekazi. Khona ngapha.202 Inombolo yesithathu. Bhekani masinya, manje, kungahlekube ngumuntu ongezwa, noma umuntu ongakwazi ukusukuma.[Omunye uthi, “Nanti.”—Umhl.] Inombolo yesithathu,phakamisa isandla sakho, ngiyacela. Ikhadi lomkhulekoeliyinombolo yesithathu. Kulungile, mnumzane. Ngiyayazilendoda. Kulungile.203 Inombolo yesine, phakamisa isandla sakho. Ikhadilomkhuleko eliyinombolo yesine. Ukhona onekhadieliyinombolo yesine, ngiyacela. Lelinenekazi lapha. Ngikholwaukuthi ngiyalazi lelonenekazi. Angiphosisi. Ngicabanga ukuthingiyalazi. Inombolo yesine.

Inombolo yesihlanu. Emuva ngemuva. Kulungile.Inombolo yesithupha. Ikhadi lomkhuleko eliyinombolo

yesithupha. Kulungile.Inombolo yesikhombisa. Ikhadi lomkhuleko lesikhombisa,

umnumzane ohloniphekile eza.Inombolo yesishiyagalombili.

204 Billy, ungehla uyobalungisa, ukuze ube nendawo yokuma,noma enye into.

Inombolo yesishiyagalolunye. Ubani onekhadi lomkhulekoeliyinombolo yesishiyagalolunye na?205 Lelinenekazi lapha? Kulungile. [Udade uthi, “Inomboloyesishiyagalombili.”—Umhl.] Inombolo yesishiyagalombili.Kulungile.206 Inombolo yesishiyagalolunye, ubani onekhadi lomkhulekolesishiyagalolunye na? Qalazani. Umuntu angahle ukubauyisithulu. Inombolo yesishiyagalolunye. Inomboloyesishiyagalolunye. Ngabe baphumele phandle? Qalaza

Page 28: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

28 IZWI ELIKHULUNYIWE

kowakho…Ake nisho, ukhona onekhadi lomkhuleko esandlenisabo, qalazani. Kungahle kube umuntu ongakwazi ukusukuma.Ikhadi lomkhuleko eliyinombolo yesishiyagalolunye. Asifunikulahlekelwa-muntu.207 Ngabe lelinenekazi lapha linenombolo yesishiyagalolunyena? [Omunye uthi, “Qhabo, mnumzane. Eyeshuminane.”—Umhl.] Bhekani.208 [Omunye uthi, “Amashumi amabili-nesithupha. Amashumiamabili-nesithupha.”—Umhl.] Qhabo. Qhabo. Leyo i—leyoisiphezulu le.209 Inombolo yesishiyagalolunye. Ungeke uze nje, ngaphandleuma inombolo yakho ibizwa, uma uzobizwa. Inomboloyesishiyagalolunye.210 Ngiyalazi lelinenekazi. Nkk. Ford, unekhadi lomkhulekoeliyinombolo yesishiyagalolunye na? Omunye akabone.Mhlawumbe akezwa. Gene, ungehlela lapha, umzuzu nje, futhiubone mayelana nalo na? Mfowethu Fred, woza lapha usizeuBilly, umzuzu. Kulungile.211 Inombolo yeshumi, ubani onenombolo yeshumi na?Inombolo yesishiyagalolunye, inombolo yeshumi na?212 Baphi bonke abantu na? Kulungile. Sizoqala ngalaba, ke,sithole laba. Kulungile.213 Manje, bangaki kini lapho emgqeni womkhuleko ongaziyona?Wena uyangazi, futhi uyangazi. Kulungile.214 Bangaki laphaya ezethamelini ongangazi na? Futhi angi…Uyazi ukuthi angazi ukuthi yini engalungile kuwe, kepha nokhouyagula na? Phakamisa isandla sakho. Kulungile. Kulungile.215 Manje, wena ongangazi, nami angikwazi, ngifuna wenzelokhu. Ngifuna ubheke phezulu ngapha, futhi wenze njengobakwenza owesifazane, sisenalomugqa omncane njewomkhuleko.216 Manje, bukani. Labobantu bayagula. Angiboni bantuabayizishosha, kodwa—kodwa lababantu bayagula. Manje,uma bedinga ukuphiliswa, awu, munye uMfo ongabaphilisa,lowo nguJesu Kristu, uMuntu oyedwa. Manje, Ubengakwenzakanjani na? Ukwenza kanjani na? Ngoba niyakholwa ukuthiUsekwenzile, ukuthi niyakholwa ukuthi Usekwenzile. Manje,uma Ephila, khona-ke Usenguye umphilisi. Kunjalo na?Phakamisani izandla zenu. Uma Esaphila, Usenguye umphilisi.Kulungile. Manje-ke, uma Engafakazisa kini ukuthi Uyaphila,lapha kulobubusuku, umaEngakufakazisa kuYe uqobo.217 Manje, Angeke aba lapha ngesimo somzimba, ngobaumzimba waKhe uhlezi ngakwesokudla sikaNkulunkulu.Bangaki okwaziyo lokho na? Nowaziyo ukuthi uMoya oNgcwele,owawukuYe, usubuyele lapha manje wenza imisebenzi efanayonoWayenzayo ngenkathi UsekuYe, lokho Akushoyo. Kulungile.

Page 29: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

SIYAKUYA KUBANI NA? 29

Manje, uma Ezokwenza imisebenzi efanayo naYenzayo,phakathi kithi.218 Manje, nina eningenawo amakhadi omkhuleko, futhieningangaziyo, futhi niphakamise izandla zenu, bhekaningapha, bese nithi, “Nkosi, ngiyakholwa ukuthi Uphakathilapha, futhi ngifuna ukuthinta ingubo yaKho. NgokubaiBhayibheli lathi Unguye, khonamanje, umPristi oMkhuluonokuzwelana nobuthakathaka bami. Ngiyagula, futhi ngidingaumkhuleko. Futhi ngifuna ukuthinta ingubo yaKho. Manje-ke,Wena khuluma ngoMfowethu Branham futhi ungitshele ukuthiangenzeni.” Nje—nje kwenze lokho, uthole ukuthi Ukhona yinilapha, noma qha.219 Ubani owokuqala emgqeni womkhuleko na? Kulungile.Ngabe ila-…Lo, inenekazi elisesihlalweni lapha na? Kulungile.Kulungile.220 Into yokuqala, ngi—ngikholwa ukuthi a—angikwazi,angicabangi. Siyizihambi omunye nomunye. [Udade uthi,“Yebo, siyizo.”—Umhl.] Siyizihambi. Kulungile. Manje, nanguowesifazane engingamazi. [“NgiyaKubonga, Jesu.”] Angazilutho ngaye. Angikaze ngimbone empilweni yami. [“Kunjalo.NgiyaKubonga, Jesu.”] Uyisihambi kimi.221 Futhi silapha njengesithombe, njengoba kwakunjalonje eBhayibhelini. Nakhu kudibana indoda nowesifazane,njengoJohane oNgcwele 4, uma nifuna ukukufunda.UJesu wadibana nowesifazane emthonjeni. [Udade uthi,“NgiyaKubonga, Jesu.”—Umhl.] Futhi Wayengakaze ambone,futhi wayengakaze aMbone, ngaphambilini.222 Ngakho Wathi, “Sifazane, Ngiphuzise.” Wayenzani na?Exhumana nomoya wakhe.223 Futhi wathi, “Akusilo isiko kumaJuda ukuba bacele intoenjalo kumaSamariya. Asidlelani.”

Wathi, “Hamba ulande indoda yakho, uze lapha.”Wathi, “Anginandoda.”

224 Wathi, “Kunjalo. Ubunayisihlanu. Le ohlala nayo ayisiyoeyakho.”225 Wathi, “Nkosi, ngiyabona ukuthi Ungumprofethi wena.Manje, siyazi, thina maSamariya, siyazi ukuthi uma uMesiyaefika, Uyositshela lezizinto. KodwaUngubaniWena na?”

Wathi, “NginguYe, okhuluma nawe.”226 Wayesegijima, watshela wonke umuzi. “Wozani, niboneuMuntu ongitshele izinto engizenzile,” noma okuthize ngaye.“Kungebe nguye impela uMesiya Lona na?”

[Udade uthi, “NgiyaKubonga, Jesu.”—Umhl.]227 Awu, uma leso kwakuyisibonakaliso sikaMesiyangalolosuku, futhi Unguye izolo, namuhla, naphakade, kungeke

Page 30: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

30 IZWI ELIKHULUNYIWE

yini kwafana namhlanje njengoba kwakunjalo ngaleyonkathina? [Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.] Ubengenze into efanayo na?[“Amen.”]228 Bangaki kini kulendlu, isoni, noma kungesiso,obengakukholwa uma Ebengakwenza ngendlela efanayo na?Asibone isandla sakho.229 Manje nasi isandla sami. Ngokwazi kwami, angikazengimbone owesifazane kuyo yonke impilo yami. [Udadeuthi, “NgiyaKubonga, Jesu.”—Umhl.] Umi lapha, ethi,“NgiyaKubonga, Jesu.” Angahle ukuba ungumKristu. Angahleukuba akasuye.230 Kukhona inqwaba yabantu abathi, “NgiyaKubonga, Jesu,”ongazi lutho ngaYe. Abaningi babo. Niyabo? Wathi, “Abaningibayoza kiMi, ngaloloSuku, bethi, ‘Nkosi, Nkosi.’ Angizangenginazi,” Washo.231 Manje, uma uJesu enguye izolo, namuhla, naphakade,futhi Elapha phakathi kwethu, uma ngingazithoba phambikwaKhe, ukuba ngizinikele kuYe, khona-ke Ubezosebenzangami njengoba Enza eyaKhe…UNkulunkulu uzosebenzangami njengoba Enza ngoJesu, ngowesifazane emthonjeni?Kunjalo na? [Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.] Manje, silapha,sobabili asikaze sibonane. Bekunganenza nonke nikholwe na?[“Amen.”] Bekuzoluqinisa ukholo lwenu na? [“Amen.”] Ngakho-ke uma Elapha, uma Ephila, ngakho-ke Usenguye uMsindisiwenu, usenguye umphilisi wenu. Kunjalo na? [“Amen.”] Manjebonani ukuthi Uzokwenza yini.232 Manje, Nkulunkulu, lokhu kusezandleni zaKho manje.Konke okunye kungokwaKho, ngokuba siyazi ukuthi umuntuangeke azenza lezizinto. Kufanele kuvele kuWe. Siza, Baba,kulobubusuku, ukuze kusizakale abantu ohlezi lapha, ngenxayenkazimulo yeVangeli, makwenziwe, kulobubusuku, Baba,ukuze abantu bazi ukuthi Usalokhu uhlezi unguJesu Kristu,onguye izolo, namuhla, naphakade.233 Futhi kwangathi u—ubumnyama obungahle bube kwezinyezezinhliziyo zabo manje, bengazi, beqagela, bemangala, umaUzoza nje bese ukhanyisa ukuKhanya, kwangathi bangayibonaleyoNdlela, bese-ke, benyakaza bangene kuWe. Bayagula,kwangathi bangaphiliswa. Uma belahlekile, kwangathibangasindiswa. Sizoyibona indlela ebuyela ogwini, umaiNdodana iphuma. Siphe khona, Nkosi. Kwangathi “iLangalokulunga lingaphuma manje linokuphilisa emaPhikweniaLo,” bese lisabalalisa ubuNtu baLo obukhulu phezukwalendawo. Siphe khona, Baba. Sikucela ngenxa yenkazimulokaNkulunkulu, eGameni likaJesu Kristu. Amen.234 Ngifuna nihloniphe, ngokuba siyaqonda ukuthi ngekesa…Lokhu akusikho ukudlala isonto. Lokhu kungukubiza

Page 31: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

SIYAKUYA KUBANI NA? 31

uBukhona bukaNkulunkulu uSomandla angene kulendluencane.235 Manje niyabona lapho engimi khona na? Kukhonaabantu abayikhulu namashumi amahlanu lapha. Ngikengakusho lokhu phambi kwamashumi ezinkulungwane,nekhulu lezinkulungwane, nabaningi njengamakhulu amahlanuenkulungwane, ngesikhathi esisodwa, lapho ababehlezi khonalapho nabaphikiNkulunkulu, abangakholwa, abaphikinkolo,ababambi-zinyoka, nakho konke okunye. Angeke ehluleka.236 Manje, Ufanele afakazise ukuthi UnguNkulunkuluweBhayibheli, noma akasuye uNkulunkulu weBhayibheli. Futhiuma EnguNkulunkulu weBhayibheli, UnguYe izolo, namuhla,naphakade, uma Engamtshela lo wesifazane ukuthi uze nganilapha. Angikaze ngimbone. Noma, amtshele into ayaziyo ukuthiangazi lutho ngayo. Uma Engamtshela ukuthi uze ngani lapha,njengoba Enza owesifazane esemthonjeni, uma Engamchazelaokuthize akwaziyo. Uma ngingamazi ngisho, naye engangazi,khona-ke nakhu simi lapha okokuqala empilweni, ngempelalokho bekuzoninyakazisa kanzima, kuze kuthi yonke inkunguisuke kini. Kwangathi Angakwenza, ngumkhulekowami.237 Manje, inenekazi elilapha ukuba lizokhulekelwa, ngifunangamunye nikholwe manje. Manje, ngingalazi inenekazi,ngifuna nje ukukhuluma nalo umzuzwana nje, njengobaiNkosi yethu yenza ko—kowesifazane e—emthonjeni, ukuzengixhumane nomoya walo.238 Manje, cishe si…Asikaze sibonane ngaphambilini, kephanokho iNkosi iyakwazi, futhi Iyangazi. Uma Ingangitshelaukuthi uzokwenzani lapha, ukuzongicela ngakho, into o—oyaziyo. Futhi angazi lutho ngawe.239 Manje, uma Ikuthumele lapha, nami yangiletha lapha,ukuba mhlawumbe ngikwazi ukukuchazela, noma Ingakhulumangami ukuthi ukhuphukele ukuzokwenzani kulomsamo, lokhobekungakwenza ukuba uYikholwe na? [Udade uthi, “Yebo,bekungangenza.”—Umhl.] Bekungakwenza ukuthi ukukholwena? Manje, ngiyabona.240 Nezethameli zithe bezizokholwa. Manje, silapha, silungeleukuba kwenzeke eny’into, uma uNkulunkulu esenguyeuNkulunkulu. Into efanayo neyenziwa nguJesuKristu!241 Sengiyalibona inenekazi manje. Lifuna ngikhulekele amehloalo. Linento ethize engalungile emehlweni alo. [Udade uthi,“NgiyaKubonga, Jesu. NgiyaKubonga, Jesu.”—Umhl.] Manje,lokho bekungesikho ukuqagela. Kunjalo. [“NgiyaKubonga,Jesu. NgiyaKubonga, Jesu.”] Liyehluleka ukubona, futhi lifunaukukhulekelwa, amehlo alo. Lelo yiqiniso. Lelo yi…Uma lokhokuqinisile, vayizisa leloduku kubo, dadewethu. [“AlidunyisweiGama laKho, Nkosi.”]

Page 32: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

32 IZWI ELIKHULUNYIWE

242 Manje, angikaze ngilibone ngaphambilini, empilweniyami. Yini eyenze lokho na? Yini eyenze lokho na? [Udadeuthi, “NgiyaKubonga, Nkosi. NgiyaKubonga, Jesu.”—Umhl.]Libonakala lingumuntu onomoya omuhle. Ucabanga ukuthingikuqagelile lokho na? Kulungile, sizobona. [“Nkosi, sidumisaiGama laKho, kulobubusuku, Jesu.”]Manje, nenekazi…

243 Ukuze konke ukusola kukhishwe kulelibandla, kusukelaemva kwalokhu, ukuthi ngesikhathi uMfowethu Ruddelleshumayela ngokuthi, “UJesu Kristu onguye izolo, namuhla,naphakade,” ukuze kwaziwe, yilelipulpiti, ukuthi uKristuJesu wabonakalisa inkazimulo yaKhe futhi wakufakazisaukuthi kunjalo. [Udade uthi, “Yebo, Nkosi. NgiyaKubonga,Jesu.”—Umhl.]

244 Manje, yebo, ngiyabona li…Amehlo alo aya ngokubamabi. Yibala elisemehlweni alo. [Udade uthi, “NgiyaKubonga,Jesu.”—Umhl.] Manje-ke, enye into, linento ethizeengalungile. [“NgiyaKubonga, Jesu.”] Line…Like labanokuhlinzwa kohlobo oluthize. [“NgiyaKubonga, O NkosiJesu. O!”] Okwenza inyama eyisibazi esikhulu. Alisiloelakulelidolobha. [“NgiyaKubonga, Nkosi.”] Kanjalo futhialisilo elakulesisifundazwe. [“O!”] LingelaseKentucky. Kunjalo.Futhi linendodakazi elifuna ikhulekelwe. [“NgiyaKubonga,Jesu. Haleluya! Haleluya!”] Intombazanyana, cishe eneminyakaeyisishiyagalombili noma eyishumi ubudala. [“O!”] Lifunaumkhuleko waleyondodakazi ngoba indodakazi ikhuphukeleukuyohlinzwa. [“NgiyaKubonga, Nkulunkulu. NgiyaKubonga,Jesu.”] Lowo nguISHOKANJE INKOSI.

245 Bona ukuthi lokho kuyiqiniso yini noma qha. Bekuyiqinisolelo, nenekazi na? Uma lokho kuyiqiniso, vayizelisa lelodukufuthi, kubantu. [Udade uthi, “NgiyaKubonga, Jesu. Ineminyakaeyisithupha kuphela ubudala.”—Umhl.] Yintombazanyana.Kulungile.

246 Uyakholwa ukuthi uNkulunkulu angangitshela ukuthiubani igama lakho na? [Udade uthi, “Yebo, Nkosi.Yebo, Nkulunkulu.”—Umhl.] Uma uNkulunkulu…Lapha,ngizonibonisa enye into. Nakhu kuza indoda, imi ecelenikwakho, leyo yindoda yakho. [“NgiyaKubonga, Jesu.NgiyaKubonga, Jesu.”] Ihlezi ngemuva khona lapha. Kunjalo.[“NgiyaKubonga, Jesu. NgiyaKubonga, Jesu.”] Nayo futhiidinga ukuphiliswa. Inesibhobo. Kunjalo. [“NgiyaKubonga,Jesu.”] Igama lakho nguCamper. [“NgiyaKubonga, Jesu.”]Kunjalo. Futhi ungowaseKentucky. Buyela emuva ezansieKentucky, futhi wemukele…Uthathe leloduku futhi ulibekephezu komntwana. [Udade ukhala kakhulu, “O!”] Ukholwengenhliziyo yakho yonke, ungabi nakuhlinzwa. Amen.Uyakholwa ngenhliziyo yakho na? [“O!”]

Page 33: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

SIYAKUYA KUBANI NA? 33

247 Lokho cishe impela kungumqingo wencwadi wempiloyowesifazane. Ngibamba izandla zami, angikaze ngimbonengaphambilini, empilweni yami. Kunjalo.248 Manje, niyabo, wathintani na? Wenzani na? WathintalowomPristi oMkhulu. Wathinta Lowo onokuzwelananobuthakathaka bethu. Amen.249 Manje, ukuphilisa kungubufakazi bukaNkulunkulu uqobo,iNkazimulo yaKhe uQobo. Kulungile.250 Wena, ngikholwa ukuthi uyisihambi kimi. Angikholwaukuthi ngiyakwazi. UNkulunkulu uyakwazi. Uma uNkulunkuluezongembulela ukuthi yini inkathazo yakho, kumbe ukuthiufunani; noma ngabe ukugula, ezasekhaya, kumbe nomakungahle kube yini; uzokholwa ngenhliziyo yakho yonke,uzokholwa, nenekazi na? [Udade uthi, “O, yebo.”—Umhl.]Manje, nanti elinye inenekazi engingalazi, nalo alingazi.Siyizihambi uqobo omunye komunye. Lokhu ngukubonanakwethu kokuqala, empilweni. Kodwa, uma uMoya oNgcweleungafika, uBukhona bungene lapha manje futhi busitshelengento ethizi mayelana nalona wesifazane!251 Manje, ukumphilisa, ngeke ngakwenza lokho. UNkulunkuluwakwenza lokho ngenkathi Efa eKalvari. Uma eyisoni, ngekengamsindisa. Ngoba, uJesu wakwenza lokho e…Lokhosekuvele kuphelile. Kodwa Angafika eBukhoneni boBuntubaKhe, ukukhombisa ukuthi Usaphila, nemisebenzi yaKheiseyiyo eyangempela, ukukwenza kube yikho ngempela kithi,uma singakukholwa.252 [Umfowethu ukhala kakhulu nebandla lithokozakakhulu—Umhl.]253 “Uma ukholwa, konke kuyenzeka.” Uma nje ungakholwamanje. Ukholwe nguNkulunkulu. Ungangabazi.

Manje, ukhona ozizwa ekahle. Nje, kulungile lokho.254 Ngangehla ngidabula esifundazweni saseKentucky,ngolunye usuku, ngezwa indoda iza yenyuka idabula ehlathini,imemeza kakhulu. Ngathi, “Ngabe leyondoda…Yin’indabangayo na?”

Wathi, “Idakiwe nje futhi izizwa ikahle.”255 Injalo nalendoda, kodwa idakwe wuphuzo olwehlukile. Njeidakiwe futhi izizwa ikahle. Kunjalo. “Ngakho maningadakwawuphuzo olunamandla, kodwa manidakwe nguMoya,” kwashoiBhayibheli.256 Manje, lona wesifazane lapha, eyisihambi, umauNkulunkulu engamtshela ukuthi iyini inkathazo yakhe, nomaokuthize ngaye, aziyo ukuthi angikwazi, makabe ngufakazi,uzokwazi noma kuyiqiniso, noma qha. Kunjalo, nenekazina? Bekungakusiza uma uNkulunkulu ubekwenzile lokho

Page 34: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

34 IZWI ELIKHULUNYIWE

na? Manje, ukukuphilisa, dade, ukuba bengingakwenza,bengizokwenza, kodwa ngingeke. Ngingumuntu nje.257 Kodwa inenekazi lilapha ukuba likhulekelwe. Linesimosetshe lenyongo. Kunjalo. Kanti futhi linesifo sikashukela.Yilokho ofuna ukukhulekelwa khona, akusikho, nenekazina? Uma lokho kunjalo, phakamisa isandla sakho, ukuzeabantu babone. Uyakholwa ukuthi uNkulunkulu angangitshelaukuthi ungubani na? Lokho bekungakusiza na? Bekungakusiza?Ngakho-ke, Nkk. Johnson, buyela emuva uthathe isihlalo sakho,futhi uphiliswe, uma ukholwa, eGameni leNkosi uJesu.258 Uma ungeke wakholwa. Angazi ukuthi yini engalungile.Kukhona okungalungile. Awuboni na? UkuKhanyakweNdodana kuyakhanya. Leyo yinto efanayo uJesu Kristuayenzayo.259 Ngiyayazi lendoda. Bengi…Umkhwekazi wayo ulapha.Futhi—futhi ngiyamazi umkayo. Ngayigcina kudala, kudala.Igama layo nguJames Morris. Kodwa angazi ukuthi yinieze ngakho lapha. Angazi ukuthi yini engalungile kuyo.Sekuyisikhathi eside kabi uJim ngamgcina. Kodwa ngi…Wayengazi ngisengumfanyana. Kodwa, Jim, uma iNkosiingangembulela ukuthi yini oze ngayo lapha, uzokwemukela,njengoba ukholwa-ke uzokuthola okucelayo? [Umfowethu uthi,“Amen.”—Umhl.] Uze lapha ngendodana yakho. [“Amen.”] Lesoyisimo esiphathelene nengqondo. [“Amen.”] Uyakholwa ukuthiizophila na? [“Amen.”] Hamba, ukukholwe, ke. [“Amen.”]Kholwa kuphela, yonke inhliziyo yakho. (Ngicabanga ukuthingifanele ngize, Mfowethu Jim.)260 Ngiyalazi lelinenekazi. Lingunkosikazi womngane wamiothandeka kakhulu. Igama lalo nguHimmelheber. Ngikengakubona esitolo, lapha, esikhathini esingeside esedlule.Anginalwazi lokuthi yini engalungile kuwe. Ngiyakwazi.Ngiyayazi indoda yakho. Indoda yakho nami sikhula ndawonye,njengabafana. Futhi yafundela, ngiyakholwa, yafundela ukubaowelapha ngokwelula amalunga, ukuba ngumeluli wamalunga.Kunjalo. Futhi ngi…ukwazi nje ukuthi yini engalungile kuwe.Kodwa uma iNkosi izongembulela…261 Manje, Nkk. Himmelheber, ngenxa ka—ka—ka—kaGilbert,nangenxa kadadewabo engangivamise ukuhamba nabo, khonange—ngenxa yabo, uma bengingakuphilisa, bengizokwenza,kodwa ngingeke. Kodwa Izokwenza, uma uzokholwa manje.Futhi uma Izokwazisa ukuthi—ukuthi…Kusobala, ngiyalaziigama lakho. Futhi sekuyisikhathi eside ngikwazi, kodwaangazi ukuthi yini engalungile kuwe. Uma uNkulunkuluezongitshela ukuthi yini engalungile kuwe, uzoMkholwa,ngokuphiliswa kwakho? [Udade uthi, “Ngiyakholwa.”—Umhl.]Yisifo sokuqaqamba kwamalunga omzimba yileyo inkathazoyakho. [“Yebo.”] Ngiyakubona ubal’khuni, uzama ukuphuma

Page 35: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

SIYAKUYA KUBANI NA? 35

embhedeni, ekuseni. Kunjalo impela. Kulungile. Buyela ekhayawemukele ukuphiliswa kwakho, Nkk. Himmelheber. INkosiuNkulunkulu ayikusindise. Kholwa ngenhliziyo yakho yonke.262 INkosi ikubusise. Niyakholwa ngenhliziyo yenu yonke na?[Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.] Kholwani nguNkulunkulu.Kulungile.263 Nanti inenekazi. Buka lapha, dade. Qhabo, angimaziowesifazane. Ngethemba ukuthi asazani. Kodwa uNkulunkuluuyasazi, kunjalo na? Sazalwa, sehlukene ngeminyaka, kodwalona ngumhlangano wethu wokuqala, ngokwazi kwami,noma ngokwazi kwakho. Lokhu kungokwethu kokuqala.Ningambona enyakazisa ikhanda lakhe. Kunjalo. Lesi yisikhathisokuqala sokuba ngize ngimbone owesifazane, empilweniyami. Kodwa—kodwa uNkulunkulu usazi sobabili. Wasazikusukela sisengabantwana. Wasazi. Wasazi ngaphambi kokubakuze kubunjwe izwe. Wayazi ukuthi siyobe simi khona lapha,kulobubusuku.264 Wayazi ukuthi lesisehlo sasizokwenzeka, kungakabikhongisho i—iatomu noma imolekhuli engumsuka wezinto. Wa—Wayekwazi, Yena, ngoba Wayekhona. Ungongenasiphelo.Wayazi yonke into ngaphambi kokuba kuze kubunjweizwe. Wayazi yonke into eyake yenzeka. Wayazi zonkeizimbuzane, njalo uma icwayiza ngeso layo. Wazi konke, ngobaUngongenasiphelo. Niyabo? Futhi ungeke ukubekele imingcelekunoma yini okungenasiphelo. Nje U…Kungukuphelela njekokuphelela, okwakuhlala kuYe. Usefikile nje. Yilokho kuphela.Niyabo?265 Manje, uma Engangitshela ukuthi yini inkathazo yakho,khona-ke uzokholwa ngenhliziyo yakho yonke na? [Udadeuthi, “Nkosi!”—Umhl.] Uzokholwa, yonke inhliziyo yakho na?[“Yebo.”] Kulungile.266 Uphethwe inkathazo yenhliziyo ofuna ukuba ikhulekelwe.Inhliziyo. Kunjalo.267 Manje, kukhona okunye okusenhliziyweni yakho,nokho. Uyabo, ngikubambile lokho. Uyabo? Ucabangile,“Ngabe uzongixosha ngaphambi kokuba asho lento na?”Qhabo. Ngizokutshela. Ulapha ngenxa yomfana, indodanayakho. Kunjalo. Naleyondodana ayikho lapha. [Udade uthi,“Qhabo.”—Umhl.] Leyondodana iseOhio. [“Yebo.] IsesibhedlelaseTB. [“Yebo.”] IneTB. [“Yebo.”] Futhi ayisindisiwe. Futhiukhulekela umphefumulo wayo, nokusinda kwayo. ISHOKANJE INKOSI.268 Ngikuphosela inselelo ukuba ukuhlole lokho, bese ubonaukuthi kuyikho yini, noma qha. Yiqiniso lelo. Akusilo, nenekazina? [Udade uthi, “Yebo, mnumzane. Amen.”—Umhl.] Yiqiniso.[“Yebo.”] Kulungile. Angikwazi ukuphilisa. Uzokholwa na?[“Yebo, mnumzane.”] Hamba-ke futhi wemukele. Njengoba

Page 36: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

36 IZWI ELIKHULUNYIWE

ukukholiwe nje, yilokho impela nje ozokwemukela. Hamba,eGameni leNkosi. Amen.269 Niyakholwa ngenhliziyo yenu yonke na? [Ibandla lithi,“Amen.”—Umhl.] Niyabo? Yena, i…Awu, ukuKhanyakuyakhanya. Siyazi ukuthi sesikuphi manje. SiseBukhonenibeNkosi uJesu.

Wena uthi, “Ufunda imiqondo yenu.”270 Kulungile. Angizukulibuka ngisho lelinenekazi. Bekaisandla sakho kwesami, nenekazi. Uma iNkosi izongitshelangapha, ngibuka nga ngapha, ukuthi yini engalungilekuwe, uzokukholwa lokho na? [Udade uthi, “Yebo.”—Umhl.]Futhi uyakholwa ukuthi uzophiliswa na? [“Yebo.”] Kuseqololakho. Kunjalo. Uma kunjalo, phakamisa isandla sakhousisuse kwesami. [“Amen.”] Hamba, uphiliswe. UJesu Kristuuyakusindisa. Niyabo? Kulungile.271 Uyi—UyiNkosi uJesu nje, onguye izolo, namuhla,naphakade. Kulungile.272 Lendoda ezayo, ufuna ukwelapheka ekuqaqambenikwamalunga omzimba na? Uyakholwa ukuthi uNkulunkuluuzokuphilisa na? [Umfowethu uthi, “Yebo.”—Umhl.] Buyelaemuva usinde. Kulula kanjalo nje. Kukholwe nje. Buyelaesihlalweni sakho bese uthi, “Ngiyakholwa ngenhliziyo yamiyonke, ngayo yonke ingqondo yami.” Uzosinda. Kukholwe njengenhliziyo yakho yonke. Ungangabazi. Kulungile,mnumzane.273 Lona wesifazane lapha, kusobala, niyambonauyaqhaqhazela. Unedumbe. Mhlawumbe kukhona okunyeokungalungile. Ake sibone. Yebo, mnumzane. Unesifosikashukela. Uyakholwa ukuthi uNkulunkulu uzokuphilisakulesosifo sikashukela, mama na?274 Nkosi Nkulunkulu, siyayichitha lento embi, eGamenilikaJesu Kristu. Kwangathi angaphiliswa. Amen.

Buyela esihlalweni sakho usinde, dadewethu.275 Uyakholwa ngenhliziyo yakho yonke na? [Ibandla lithi,“Amen.”—Umhl.]276 Nina-ke, enihlezi lapho na? Niyakholwa na? Niyangikholwaukuthi ngingumprofethi kaNkulunkulu na? [Ibandla lithokozangokumemeza kakhulu futhi lithi, “Amen.”—Umhl.] Kukhonai…Uma ningahle nikholwe.277 Wena ongenalo ikhadi lomkhuleko, wena o—ogulayo futhiodingayo, kholwa nguNkulunkulu. Ungakukholwa.Kulungile.278 Ulethe lowomfana ukuba azophiliswa. Kuseqolo lakhe.Kunjalo. Uyisishosha. Uyakholwa ukuthi ungamthathaumbuyisele eArkansas, futhi asinde, futhi abe kahle na? Ufunaukuyeka labo osikilidi, bese uthi, “Ngizoyeka,” futhi u…futhi—futhi ukhonze iNkosi futhi wenze okufanele na? Uzokwenza na?

Page 37: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

SIYAKUYA KUBANI NA? 37

Kulungile. Kulungile. Manje-ke hamba, ubeke isandla sakhophezu komntwana manje, usami lapho. Kwangathi iNkosiuNkulunkulu waseZulwini ingamphilisa umntwana. Futhiikwenze…

Nginiphosela inselelo ukuba nikholwe.279 Kukhona inenekazi elihlezi lapha, libuka ngamehlo alophansi, libuka, lingibuka. Unenkathazo ngomlenze wakho.Kunjalo. Uyakholwa ukuthi uNkulunkulu angangitshelaukuthi ungubani na? Ubuzongikholwa na? Nkk. Worley.Kulungile, mnumzane, kunjalo impela. Angikaze ngikuboneempilweni yami. Leyo yindoda yakho ehlezi emva kwakho lapho.Ingumshumayeli. Angikaze ngiyibone empilweni yami, kodwayiqiniso lelo.280 Uyakholwa ukuthi uNkulunkulu angangitshela ukuthikwenzenjani kuwe, mnumzane na? Unendawo ebusweni bakho,awazi noma ngumdlavuza, awazi ukuthi kuyini. Unesibhono,futhi. Kunjalo. Ufuna ukuphiliswa. Yiqiniso lelo, Mnu. Worley.Kulungile. Uyakholwa ngenhliziyo yakho yonke na? [Umfowethuuthi, “Yebo.”—Umhl.] Hamba-ke futhi wemukele ukuphiliswakwakho, eGameni leNkosi uJesu. Yilokho-ke. Kunjalo.281 Amehlo akho-ke? Uyakholwa ukuthi uNkulunkuluuzokusindisa, emuva lapho, uhlezi lapho ungibuka na?Kulungile. Uma ukholwa ngenhliziyo yakho yonke. Kholwa njenguNkulunkulu, yilokho kuphela ofanele ukwenze.282 O, he! Kwenzeka kuyo yonke indawo, manje, uma njeungahle ukukholwe. Kutholakala okuningi kakhulu phakathilapha manje, wonke umuntu uzama ukukholwa. Manjeuyakholwa ukuthi UyiNdodana kaNkulunkulu na? Uyakholwaukuthi Unguye izolo, namuhla, naphakade na?283 Manje, ngabe ukhona umuntu lapha ongaMazinjengoMsindisi wakho, futhi ufuna ukusindiswa na?Ungathanda ukwenza lokho na? Awukaze uwemukele uMoyaoNgcwele, futhi ungathanda ukuza futhi ube kuKristu,ukuze ube yikholwa na? Phakamisa isandla sakho, uma uthi,“Ngithanda…” UNkulunkulu akubusise. Yenyukela laphaealtare, khona manje.284 Sinikeze indlela encane kulolopiyano lapho, umzuzu nje,ngaphambi kokuba siqede nya.285 Ngiyakumema, woza lapha, ealtare lapha. Woza khonalapha futhi uguqe phansi. Lowo, ngumfo omncane. Sukumaume mpo. Woza lapha, ntombazanyana. Wena o…Bukalomfanyana. Lokho bekufanele kube amahloni komunye.Ufuna ukuya ngale, ngaphambili na? Ufuna ukusondela eduzekwaKhe na? Woza khona manje. Khuphuka uze impela manje.Amen. Khuphuka uze impela manje eBukhoneni bukaMoyaoNgcwele. Kunjalo, mfowethu. Woza, manje. Ungekhuphukelelapha uguqe phansi, ngaphambi kokuba kuqhubeke inkonzo

Page 38: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

38 IZWI ELIKHULUNYIWE

yokuphilisa. Khuphukela lapha impela manje futhi uphilisweemphefumulweni, bese ubhekisisa ukuthi kwenzekani. Wozaungene kuKristu.286 UyiNdlela, iQiniso, ukuKhanya. Akekho ozayo, ngaphandlekwaKhe. Sithi, iMethodisti, iBaptisti, iPresbyterian, iLuthela,noma ngabe ungubani, ongakemukeli uMoya oNgcwele,manje sekuyisikhathi sokukwenza. Khuphuka manje, futhiuze ungene kuKristu. Uzomangala ngaLokhu. Awuzukwaziukuthi Kubanjwa kanjani. AwuzukuKuqonda, ngaphandle umawemukela uMoya oNgcwele. Woza manje.287 Uma ngikhulume iQiniso, uNkulunkulu ukhulume kimi.UNkulunkulu ukhulume ngami. Ngikhulume iQiniso. NguYekuphela iNdlela. NguYe kuphela isiSekelo. NguYe kuphelainsindiso. “Ayikho insindiso ngelinye igama elinikwe phansikweZulu, kepha eGameni likaJesu Kristu.” Ungeze, uMemukelemanje na?288 Bangaki abahlubuki abasemuva lapho, abathanda ukuzabakhuphukele lapha, baguqe phansi manje na? Wenaowahlubuka futhi wasuka kuNkulunkulu, ungeze khona manjena? Khuphuka uze. Yilo lelihora.289 Manje bukani. Uma ukwenqaba lokhu, angazi nomalisekhona yini, noma yimuphi wenu, noma yiliphi ithembalakho, noma qha. Manje, angisho ngoba ngimi lapha. Kodwangiyanitshela, bangane, yikuphi okunye futhi uNkulunkuluangakwenza na? Yiso lesi isikhathi. Yilo leli ihora uNkulunkuluakhuluma ngalo kubantu.290 Nakho-ke, dadewethu. Nakho-ke, bodadewethu.Khuphukani impela. Yilo leli ihora. Yiso lesi isikhathi sakho.Awusoze wabuye usondele kakhulu kuYe, uze ufe bese uhambaeBukhoneni baKhe. Ukhona lapha, Ezifakazisa ukuthi uyaphila.Ungeze na?

O Wundlu likaNkulunkulu, ngiyeza! Ngiyeza!Njengoba nginje, ngingenasicelo,Kodwa ukuthi iGazi laKho lachithelwa mina,Futhi njengoba ngiza, ngizokholwa,O Wundlu likaNkulunkulu, ngiyeza! Ngiyeza!Njengoba nginje, ngingalindileUkususa emphefumulweni wami elilodwa…

291 Banebala elilodwa elimnyama, ngukungakholwa. Wozani.Yikho lokhu. [Ibandla likhuleka kakhulu—Umhl.]

Wena, OGazi lingahlanza ibala ngalinye.O Wundlu likaNkulunkulu, ngiyeza! Ngi…

292 UngaMenqaba kanjani, emva kokuba Esefike ngamaZwi,wangena ekuMuntu, ekwazisa ukuthi Ulapha, ekhuluma kuwe,ekhuluma kuwe manje na? LeloPhimbo elincane likhulumakuwe. Lowo nguNkulunkulu. Ufuna ukuba uze. Asinaso

Page 39: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

SIYAKUYA KUBANI NA? 39

isikhathi eside kakhulu sokuba lapha, bangane. Siyahambalapha. Ungeze yini futhi uguqe nalesisigejane sabantu na?Uthi, “Nkulunkulu, ngihawukele. Manje ngifuna ukwemukelauKristu. Ngifuna ukuzalwa ngokusha. Ngifuna ukugcwaliswangoMoya oNgcwele. Ngifuna into eyiyo ngempela. Ngifunaukuba ngowangempela.”293 Woza, khona manje, uzungeze ialtare, njengoba siculalelivesi elilandelayo. Uzoza yini manje siseza na? [Ibandlaliqhubeka nokukhuleka kakhulu—Umhl.]294 Manje, abanye benu bantu abangamaKristu yenyukelanilapha, macala onke nani. Abanye benu bantu abagulayowozani, niguqe phansi, nani. Abanye benu bantu ongamaKristu,yenyukani bese niguqa kanye nalaba, sisakhuleka.

…mukele,Uzokwemukela, uxolele izono, uzikhulule;Ngoba…

Woza nabo, soni. Woza nabo, wena.…za kuWe,O Wundlu likaNkulunkulu, ngiyeza!

Yehlela khona phakathi lapha…?…Njengoba nginje, ngingalindileUkususa emphefumulweni wami ibalaelilodwa elimnyama,

KuWe, OGazi lingahlanza ibala ngalinye,O Wundlu likaNkulunkulu…

295 Uzolahlekelwa yisibusiso uma ungezi. [Ibandla liqhubekanokukhuleka kakhulu—Umhl.]

Njengoba nginje, Wena uzongemukela,Uzokwemukela, uxolele, uhlanze, ukhulule;KuWe OGazi lingahlanza ibala ngalinye,O Wundlu likaNkulunkulu, ngiyeza! Ngiyeza!

296 Kulungile. Lonke ibandla manje khothamisani amakhandaenu, Nonke, ngomkhuleko, khulekelani lababantu abazungezeialtare, nonke ngamunye.297 Wonke umuntu lapha ealtare, manje, senifike phezukwezisekelo zeGazi elichithekileyo. Nize lapha ukuba nemukeleuMoya oNgcwele. Nize ukuba nithethelelwe izono zenu;uNkulunkulu, Olungile nje novumayo.298 Kuzoba namanzi alindile. Ningeza echibini, kusasa,ukuba nibhaphathizwe, ezansi esontweni, uma umelusi efunaukuniletha lapho.299 “Phendukani, yilowo nalowo, nibhaphathizwe eGamenilikaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono, khonaniyokwamukela isiphiwo, uMoya oNgcwele.”

Page 40: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

40 IZWI ELIKHULUNYIWE

300 “Kwathi uPetru esakhuluma lawamaZwi, uMoya oNgcwelewehlela phezu kwalabo abaLizwayo, ngokuba babezwabekhuluma ngezilimi.”301 Nkulunkulu waseZulwini, Owayenabaphostoli,OnguNkulunkulu kuze kube-phakade, Ulapha kulobubusuku.

[Ibandla liqhubeka nokukhuleka kakhulu—Umhl.]302 Manje wonke umuntu makakhothame ngomkhuleko. Wonkeumuntu phakamisa iphimbo lakho nje futhi ukhuleke, umelusiesasihola.

Mfowethu Ruddell. Kulungile.

Page 41: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

SIYAKUYA KUBANI NA? ZUL60-0604(To Whom Shall We Go?)

LomMlayezo ngo Mfowethu William Marrion Branham, okokuqala wethulwangesiNgisi ngoMgqibelo kusihlwa, ngo Juni 4, ngo 1960, eTabernakele Gospel,eJeffersonville, eIndiana, U.S.A., uthathelwe ekuqopheni kweteyipu enozibuthefuthi washicilelwa ungafinqiwe ngesiNgisi. Lokhu ukuhunyushwa ngesiZulukwashicilelwa futhi kwakhishwa yiVoice Of God Recordings.

ZULU

©2008 VGR, ALL RIGHTS RESERVED

VOICE OF GOD RECORDINGS, SOUTH AFRICA OFFICE

58 DISA ROAD, ADMIRAL’S PARK, GORDON’S BAY 7140 WESTERN CAPE

REPUBLIC OF SOUTH AFRICA

VOICE OF GOD RECORDINGS

P.O. BOX 950, JEFFERSONVILLE, INDIANA 47131 U.S.A.www.branham.org

Page 42: SIYA KUYA KUBANI NA - Branhamdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL60-0604 To Whom Shall We...SIYAKUYA KUBANI NA? Mfowethu Russell. Awungitshele ukuthi yini…Qhabo. Yebo.Ngiqondeukushonjalo.Ukushilo.[Umfowethuuthi,

Inothisi yelungelo langokomthetho

Onke amalungelo agodliwe. Lencwadi ingaprintwa kwiprinta yasekhaya yenzelwe okuqondene nomuntu noma inikezelwe, ngesihle, njengethuluzi ukusabalalisa iVangeli likaJesu Kristu. Lencwadi ingethengiswe, iphinde ikhiqizwe zibe ningi, iposwe kwiwebsayiti, igcinwe ngohlelo lokuthi iphinde itholakale, ihunyushelwe kwezinye izilwimi, noma isetshenziselwe ukuzicelela izimali ngaphandle kwemvume ebhaliwe eshiwoyo ye Voice Of God Recordings®.

Ngolwazi olwengeziwe noma olwenye impahla ekhona, siza uxhumane ne:

Voice of God RecoRdinGsP.o. Box 950, JeffeRsonVille, indiana 47131 U.s.a.

www.branham.org