13
Umgomo Womkhuleko Umgomo womama abakhulekayo ngendlela okuyiyona ezikolweni. INKOZO YESIKHUNGO [YOKHUKHULELANGOQO KA KRISTU]

INKOZO YESIKHUNGO [YOKHUKHULELANGOQO KA KRISTU] … · ba kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani”. • Manje sisondela kuNkulunkulu umnxuseli ukuthi abe umnxuseli wezingane

  • Upload
    others

  • View
    4

  • Download
    0

Embed Size (px)

Citation preview

Page 1: INKOZO YESIKHUNGO [YOKHUKHULELANGOQO KA KRISTU] … · ba kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani”. • Manje sisondela kuNkulunkulu umnxuseli ukuthi abe umnxuseli wezingane

Umgomo Womkhuleko

Umgomo womama abakhulekayo ngendlela okuyiyona ezikolweni.

INKOZO YESIKHUNGO [YOKHUKHULELANGOQO KA KRISTU]

Page 2: INKOZO YESIKHUNGO [YOKHUKHULELANGOQO KA KRISTU] … · ba kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani”. • Manje sisondela kuNkulunkulu umnxuseli ukuthi abe umnxuseli wezingane

1

IsingenisoEkupheleni kuka-1984, iningi labomama ababenabantwana abasebasha abafunda ezikoleni zase Canada babekhathazekile ngesithonya esibi iz-ingane zabo ezazibhekene naso ezikoleni. Ngokuqiniseka nokuthembela emandleni omkhuleko, baqala ukukhulekela izingane zabo kanye nem-velo yesikole. Njengoba uNkulunkulu wenza izinto ezimangalisayo ekuphenduleni um-khuleko, umbono wokusungulwa kwamaqembu abomama abakhule-kela izingane zabo kuzo zonke izikole zaseCanada wazalwa. Lombono wasaphazeleka nasezweni lase-United States. Namhlanje kunomama abakhulekayo abaxhumene kulo lonke izwekazi. Kunjalo nje, ku-namaqembu amasha asungulwayo emhlabeni wonke jikelele. (stc)

Okwaqala njenge-Moms kuTouch, okwiyicebo njengamanje elazi-wa ngelo-Mama Abanakekelayo, okuyigama elingagcinanga nje lihumushwe kangcomo ezilimi zamanye amazwe, kepha lichaza lphinde liveze ngokusobala ukushaya kwenhliziyo yalenkonzo yomkhuleko.Ngo 1990 uMary-Jean kanye noJohn Tempelhoff bathuthe-la ezweni laseNingizimu Afrika bevela eCanada. Ngo 1994, UMary-Jean wahlanganisa iqembu lomama, okwaholela ekusungulweni kweqembu loMama abaNakakelayo eSouth Africa, njengamanje sinezinhlangano ezingxenyeni eziningi zesizwe sethu. UNkulunkulu ukhulisa abesifazane emhlabeni wonke aba-zimisele ‘ukuma esikhaleni’ sabantwana babo nezikole abafunda kuzo. Lelibhuku elichazayo laboMama Aba-nakekelayo lisungulelwe omama abazizwa bebizelwe ku-lenkonzo yokukhuleka. Ngaphakathi kulelibhuku elichaz-ayo uzothola imihlahlandlela ewusizo kanye nezindlela ezithile ezingaba usizo komama ekusunguleni iqembu loMama abaNakakelayo emphakathini wabo. Njengoba uqala ukuthandaza, cela uNkunlunkulu akuholele kwa-banye abangakwazi ukujoyina. Umethembe ngentsh-isekelo. Kulunkulu uzokusebenzisa ngendlela emangal-isayo!

ImigomoIsinigeniso 1

Umbono 2

Siqalakanjani umuhlangano womama abanakekelayo 3

Uhlelo lokuhlangana 4

Umhlangano uzohamba kanjani 5

Amaphuzu okumele akhulekelwe 6

Amaphuzu okumele akhulekelwe ayaqhubeka 7

Ukukhulekela abantwana abangabazalwane, abasebenzi nesikole 8

Ukukhulekela labo abadinga uJesu 9

Umkhuleko wokuzungeza isikole 10-11

Singakhuluma kanjani nomphathi wesikolo 12

Izihloko ezidumwwwisa uNkulunkulu 13

Izihloko ezidumisa uNkulunkulu ziyaqhubeka 14

Bathini abaphathi bezikolo no thisha 15

Ukukhuthaza o thisha nabasebenza e-hhovsini 16

Imisebenzi okumele yenziwe ngabaholi 17-18

Imithetho emine ka Moya 19

Isiphetho 20

Page 3: INKOZO YESIKHUNGO [YOKHUKHULELANGOQO KA KRISTU] … · ba kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani”. • Manje sisondela kuNkulunkulu umnxuseli ukuthi abe umnxuseli wezingane

2 3

Indlela yokuqalwaKweqembu loMama Abanakekelayo

Ungaqala elakho iQembu loMama abaNakayo em-phakathini wakho. Okulandelayo kuchaza ukuthi ugaliqala kanjani:

1. Xhumana noThishanhloko wesikole ucele imvume yokuthan-daza esikoleni. Uma ungayitholi imvume kumele ukuthi uhoxise isicelo sakho bese ukhulekela ukuthi uNkulunkulu avule iminyan-go.

2. Thandazela abanye omama abazizwa bebizelwe kulenkonzo yom-khululeko, bese ukhetha usuku okukanye isikhathi esifanelekile ku-wena kanye nesikole..

3. Ngenkathi seniqala ukuthandaza ndawonye, cabangani abanye omama bangamaKristu obaziyo esikoleni, ubameme ukuba babandakanye nawe esikhathini sakho sokuthandaza.

4. Landelisisa imiyalelo yomthandazo woMama abaNakekelayo.

5. Gxila kuNkulunkulu futhi uqinisekise ukuthi uholwa nguMoya oNgcwele, umethembe uNkulunkulu ukuthi ozowuphendula umthandazo uphinde ul-indele izinto ezinkulu.

6. Cela ikamelo elinokuthula esikoleni eningakwazi ukuhlanganyela kulona ukuze nikwazi ukuthandaza

7. Qinisekisa ukuthi umqaphi wendawo unayo yonke iminingwane yokuxhu-mana efanele yawowonke amalunga eseqenini lakho.

*NB. NgokukaMathewu (isahlukuko) 18 kuvesi 20 kubhalwe kanje,” Ngoku-ba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.”

Umbono

O Mama Abanakekelayo banezifiso nezinhloso ezilandelayo:

1. Ukuba yinkonzo esekelwe yiZwi leNkosi kanye noKristu ngokuphelele, baphin-de babeyinkonzo eholwa nguMoya Ongcwele ukuze bakwazi ukuveza inhliziyo yoMbuso Wezulu.

2. Ukugcina ubukhona kukaKristu ezikoleni nasemagcekeni esikole ngokukhulula amandla kaMoya Ongcwele ngomkhuleko, ukuze abantwana bamukele uJesu Kristu njengeNkosi noMsindisi ezimpilweni zabo ngokweqiniso.

3. Ukuvuselela izimo kanye nabantu (abafundi noThisha) ngokubasondeza ebuk-honeni bukaNkulunkulu ukuze baphulukiswe ukungenelela kukaNkulunkulu ngamandla akhe babandakanye nomkhuleko.

4. Ukubathandazela othisha abangamaKristu nabanye abasebenzi ezikoleni.

5. Ukuthandazela indlela yokuziphatha esezingeni eliphakeme futhi ehambisana nemithetho yeZwi likaNkulunkulu ukuthi kube iyona elawula izikole.

6. Ukuthandazela amathuba okuthi sikwazi ukuba isibonelo esihle siphinde siveze ukwesekana ezikoleni.

7. Ukuthandazela ukuthi zonke izikole zibe neqembu loMama Abanakekelayo ezweni lethu lonke jikelele.

“Igunya laboMama abaNakekelayo akusikho ukudlova

ngenkani, ukuphoqa kanye nokucindezela,

Akukhathali noma ngabe kunesizathu esifanele.

,kepha ukubamba iqhaza kumele kwenziwe ngentando yomuntu

ngamunye ngokwakhe,

futhi kungenziwa ngokuhlanganyela negama loMama

Abanakekelayo”

“oMama abaNakayo.” “Kepha yilowo nalowo uphiwa ukubonakalisa uMoya kube ngokokusiza.” 1 KwabaseKorinte 12:7

Page 4: INKOZO YESIKHUNGO [YOKHUKHULELANGOQO KA KRISTU] … · ba kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani”. • Manje sisondela kuNkulunkulu umnxuseli ukuthi abe umnxuseli wezingane

4 5

Umhlangano uzohamba kanjaniLapho khona nihlangana kuyoba usizo ukusebenzisa uhlaka olufana no D, V, B, N (Dumisa, Vuma izono, Bonga, Nxusa)Kumele singakhohlwa yilokhu:1. Khuluma noNkulunkulu njengomngani wakho. Isifiso sakho ukwabelana

noNkulunkulu ngezinto zesikele esikhathazeke ngazo.

2. Gwema ukwenza ‘inkulumo yomthandazo’ noma ‘ukushumayela’ kwa-banye phakathi nomthandazo. Akekho okufanele alawule isikhathi.

Njengoba iqembu lakho lijwayela ukukhuleka ngenhliziyonye, nizo-qala ukuba nomoya wamandla nobunye.

• Ekuqaleni komhlangano kumele sibe nesikhathi sokukhothamela noku-dumisa “Ngenani emasangweni akhe ngokubonga, nasemagcekeni akhe ngokudumisa”.

• Chitha isikhashana ucabange ngokuthula ukuthi yini uNkulunkulu akuk-hombisa yona edinga ukulungiswa phakathi kwakho naye.

• Cela uNkulunkulu akugcwalise ngoMoya oNgcwele.

• Enye ingxenye ebalulekile emhlanganweni woMama abaNakekelayo ukubonga uNkulunkulu ngemithandazo aseyiphendulile. 1 Thesalon-ika 5:18 uyasinxusa “Thokozani njalo; kukho konke bongani; ngoku-ba kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani”.

• Manje sisondela kuNkulunkulu umnxuseli ukuthi abe umnxuseli wezingane zethu kanye nezikole zazo.

• Okubaluleke ukudlula konke ukuthi sithole umbono kaNku-lunkulu ngesimo esithize, lakhe sikwenza ngokukhunjuzwa ngeZwi elithize, ngokuzwa uNkulunkulu ekhuluma noma uku-bona umbono, bese ngithandaza ukuthi lokhu engikubonile kumoya kube khona.

• Sicela uBaba wethu oseZulwini lokho akufunayo, ukuze sik-wazi ukungena esivumelwaneni necebo lakhe kanye nesi-fiso ngesimo.

• Kanjalo kufezeke isimemezelo emthandazweni weNkosi ‘Makufike umBuso wakho.’

Imiyalelo yomhlangano

1. Woza unguwena (ngendlela oyiyona).

2. Imihlangano yakho yaphakathi nesonto kumele ibe ihora elilodwa kuphela. Holelwa uMoya Ongcwele. Uqaphe izidingo zalabo abaseduze kwakho kanye nemithandazo yabo.

3. Qala futhi uqedele ngesikhathi. Uma abanye omama befisa ukuhlala isikhathi esijana ukuze babe nobudlelwano futhi ukwabelana, kufanele benze kanjalo emva kwesikathi sokuthandaza.

4. Qoka inhloko, umuntu ozoxhumana noThishomkhulu wesikole kanye nomqaphi wendawo yeqembu loMama abaNakekelayo. Uma kunesidingo, qoka futhi umuntu ozogcina amarekhodi emithandazo neminingwane yokuxhumana amalungu eqembu.

5. Uma kungenzeka, memezela ngokwakho esikoleni ukufika kwakho – lokho kwakha ubudlelwano.

6. Ekuqaleni qoqa izicelo zomkhuleko esikoleni, lokhu kungenziwa ngokuseben-zisa incwadi noma ibhokisi lemikhuleko.

7. Ungasabi ukudumisa ngomculo, uma kufanelekile. Lokhu akwenziwe ngokuh-lonipha nokuqaphela ukuthi awukho endaweni yesikole enjengamahhovisi namagumbi okufundela, lapho khona bengawudingi umsindo.

8. Lesisikhathi sokukhuleka kumele sikhulule wonke amalungu ukuba abeyngx-enye futhi nawo akwazi ukukhuleka.

9. Ungavumeli ukuxoxa ngezicelo zomthandazo kubaluleke kakhulu ukudlula imi-thandazo ngokwayo.

10 Imfihlo ibaluleke kakhulu. Akekho okufanele axoxe ngizicelo zomkhuleko ngaphandle eqinjini.

“Okungaye sinesibindi ukungena ngokwethemba, ngokukholwa nguye”Kwabase Efese 3:12

Page 5: INKOZO YESIKHUNGO [YOKHUKHULELANGOQO KA KRISTU] … · ba kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani”. • Manje sisondela kuNkulunkulu umnxuseli ukuthi abe umnxuseli wezingane

Kepha yena onamandla okwenzaokukhulu kakhulu kunakho konke

esikucelayo nesikuqondayongokwamandla asebenza kithi,

makube kuye udumo ebandleni nakuKristu Jesuezizukulwaneni zonke zaphakade naphakade.

Kwabase Efese 3:20

6 7

Amaphuzu okumele akhulekelwe ayaqhubeka

1. Cela ukuba uJesu akumbulele izinto ezisenhlizweni yakhe.

2. Thandazela izingane zamalunga eqembu.

3. Thandazela ukuphepha emicimbini yokuzikhipha.

4. Thandazela izikhathi zesikole, izenzakalo, usuku lwezemidlalo, usuku lwemklomelo, nokunye.

5. Thandazela uThishomKhulu nomndeni wakhe.

6. Thandazela indikibeni eBusayo, Abazali Abambisanayo.

ImiBhalo aPhakamisayo:

1 IziKronike 28:9Izaga 2NgokukaJohane 17:11, 22, 23KwabaseRoma 12:2Kwabase-Efesu 1: 17-19Kwabase-Efesu 3: 16, 19Kwabase-Efesu 4: 1, 2, 31, 32

Amaphuzu okumele akhulekelwe

Ukuncengela kwakho kungafaka…….

1. Izicelo zomthandazo. (imikhuleko yakho mayihambiselane neBhayibheli - hloli-sa ngoMoya Ongcwele).

Akuzona zonke izimo ezihlezi zizimbi, kungenzeka kube ithuba lokuthi bazi uJesu ngendlela ejulile. Cela uBaba uNkulunkulu ukuthi azimbule futhi azibo-nakalise kulaba ababhekene nezimo ezinzima.

2. Izidingo zezingane.

3. Othisha abangamaKrestu. Isiqondiso, isivikelo, ukuhlakanipha nokuqonda kulokhu.

4. Bonke abasebenzi nabaphathi.

5. Umnyango nezindaba zemfundo ezihlobene.

6. Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kithina akube isikhuthazo esikoleni (Izinsuku zokuzalwa, amatiye woThisha nokubajabulela ngosuku lweValentine/usuku lwentwasahlobo ntwasahlobo/usukulaboThisha, nokunye)

7. Ukukhula kwamaqembu woMama abakhathalelayo sonkana.

Page 6: INKOZO YESIKHUNGO [YOKHUKHULELANGOQO KA KRISTU] … · ba kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani”. • Manje sisondela kuNkulunkulu umnxuseli ukuthi abe umnxuseli wezingane

98

Ukukhulekelalabo abadinga uJesu

Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho

ninokubonga. Kwabase

Kolose 4:2

Nansi imiBhalo ephakamisiwe ongayise-benzisa ukukhulekela laba abalahlekile:

NgokukaMathewu 9: 37-38NgokukaJohane 6:44NgokukaJohane 14:13KwabaseRoma 10:1KwabaseRoma 10: 13-152 KwabaseKorinte 10:3-5Kwabase-Efesu 2:4-101 kuThimothewu 2:4-62 kuThimothewu 2: 25-262 kaPetru 3:9

Ukuthandazela abantwana bama Kristu,

abasebenzi nesikole1. Ukuthi bafundiseke kodwa baphinde bakwazi ukuhlolisisa.

2. Ukuthi bakwazi ukusungula ubudlelwano obunempilo.

3. Ukuthi ukholo lwabo luqine futhi lusekelwe kabusha njengoba behlan-gana noNkulunkulu, bathole amandla okuqina isibindi noma bengaphansi kwengcindezi yontanga.

4. Babe nokuhlakanipha lapho bebhekene nobunzima, baphinde bakwazi nokuphana.

5. Babe nesibindi sokufakaza ngoKristu ngokuthi baziphathe ngendlela eveza ubuKristu.

6. Amakholwa amasha esikoleni.

7. Thandaza ukuthi oThisha abangamaKristu basebenzise isikhathi sabo ngokuh-lakanipha, bazi intando kaNkulunkulu, bagcwaliswe ngoMoya oNgcwele ukuze babe ngubufakazi bukaKristu ngokugqamile endaweni yomsebenzi.

8. Thandaza ukuthi babengu kuKhanya

Iziphakamiso zokuthandazela isikole.

Leziphakamiso kumele zihambiselane nezidingo zesikole.

1. Cela uJesu alethe ubukhona Bakhe esikoleni.

2. Khuleka ukuthi abazali abangamaKristu babambe iqhaza eliqavile.

3. Thandazela izisebenzi ezingabaluleki ukuthi zibe nezinga eliphakeme lokuziphatha,ziphinde zibenokuhlakanipha kukaNkulunkulu.

Sidinga ukuthandazela abakangamazi uKristu abenguMsindisi neNkosi.AbaseRoma 10:1 Bazalwane, ukulangazela kwenhliziyo yami ngokunxusa kwami

kuNkulunkulu ngabo kungukuba basindiswe.

Page 7: INKOZO YESIKHUNGO [YOKHUKHULELANGOQO KA KRISTU] … · ba kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani”. • Manje sisondela kuNkulunkulu umnxuseli ukuthi abe umnxuseli wezingane

10 11

Umkhuleko OwuhamboLokhu kungachazwa kanje:- ukukhuleka endaweni ethize ngombono.uJoshuwa 1:3 “zonke izindawo ayakunyathela kuzo amathe onyawo lwenu ngininikile zona,njengalokhu ngakhuluma kuMose”

Incazelo yomkhuleko wokuhamba:-ukukhuleka endaweni ethize ngombono.

Lapha usuke usebenzisa imizwa yakho yomzimba kanye nekaMoya. Sicela uNku-lunkulu ukuba avule imizwa yethu yakuMoya, njengamehlo, amakhala,ukunambitha, ukunuka kanye nokuthinta kuphinde kuhambiselane nentando kaNkulunkulu futhi kube ngokwenhliziyo yakhe.

Ngalenkathi sinyathela emagcekeni esikole sicela uMoya Ongcwele ukuba asim-bulele ukuthi yikuphi ekumele sikukhulekele. uNkulunkulu angasebenzisa izinto ezibonakalo ngokwenyama ukuze asembulele aphinde asikhombise ukuthi ukuphi esimele sikukhulekele kumoya.

Ukuncika kwemizwa yethu enhliziweni kaBaba uNkunkulunkulu kungaba isikhali esihle kakhulu sokulwa nemimoya emibi. Umzekelo, singabona umoya wokusaba ngamehlo kaMoya bese siwulwa ngokukhuleka amavesi akhuluma ngenkululeko ekuhlushweni imimoya emibi kanye nokuwisana nengcindezelo.

Uma sibona abantu abacindezel-we umoya wenhlupheko, singath-andaza amavesi aseBhayibhelini akhuluma ngokukhululwa kwa-bantu abacindezekile. Inhliziyo kaJesu ukuba abantu bakhululwe kwingcindezi, njengoba sibona en-cwadini ka-Isaya 61.

NgokukaMarku 6:34“wathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba-nesihe ngabantu, ngokuba babenjenge-zimvu ezingenamelusi;waqala ukubafundisa okuningi”.

Kwabase Efesu 6v18ngawo wonke umkhuleko lonxuso likhuleka

isikhathi sonke

NgokukaLuka 13:12“kwathi uJesu embona,wambiza,wathi kuye: Mame, ukhululiwe ebuthakathakeni kwakho”.Lama vesi awumzekelo omncane wokukhombisa isihe uJesu awenaso kubantu.

NgokukaMarku 10:14-16

2 AmaKhosi 6:20“kwathi sebefike eSamariya uElisha wathi:Jehova,vula amehlo abo, babona; bheka,base bephakathi kweSamariya”.

2 AmaKhosi 6:17“UElisha wakhuleka, wathi: Jehova,ake uvule amehlo ayo ukuba ibone.uJehova wavula-ke amehlo aleyonceku, yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zom-lilo nxazonke zakhe uElisha”.

NgokukaMathewu 13:15“ngokuba inhiziyo yalesizwe isiyaba-lukhuni,bezwa kanzima ngezindlebe, amehlo abo bawacimezile,funa mhlawumbe babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe,baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise”.

NgokukaMathewu 13:16“kodwa abusisiwe amehlo enu,lokhu ebona,nezindlebe zenu,lokhu zizwa”.

UJobe 31:1“Ngenza isivumelwano namehlo ami: Ngingabuka kanjani intombi na?”

Page 8: INKOZO YESIKHUNGO [YOKHUKHULELANGOQO KA KRISTU] … · ba kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani”. • Manje sisondela kuNkulunkulu umnxuseli ukuthi abe umnxuseli wezingane

12 13

Singakhuluma kanjani u noThishoMkhulu Ukuqala iqembu

1. Qinisekisa ukuthi uhlela isikhathi sokuhlangana noThishomkhulu.

2. Chaza izinhloso nemigomo yeQembu loMama abaNakekelayo.

3. Cela imvume yokuqala nokuqhuba iqembu loMama Abanakekelayo esikoleni.

4. Cela indawo yokuthandazela esikoleni.

5. Nika uThishomkhulu incwadi lapho angabhala izicelo zomthandazo.

6. Cacisa ukuthi anizelanga ukuzofundisa noma ukuthandaza nezingane noma abasebenzi ngaphandle KWEMVUMO. Ngasosonke isikhathi hlonipha ama-gunya kathishomkhulu uhambisane nemiyalelo ebekiwe. Kumele ukuthi ba-zogcina besithanda njengoba sihlwanyela endaweni yabo ngothando kanye nenhlonipho

Sibonile ukuthi uma iskikole sesiqala ukubathemba Omama abathandazayo. Iqembu liyaye limenywe ukuba lizokwethula umyalezo othize emthandazweni

mayelana nezimiso zokuphila kwamaKristu.

Lokhu kwenziwa ngesimemo kuphela. Yize noma kungeyona inhloso yenhlangano, lokhu sikubona

njengethuba lokusiza isikole.

Izihloko ezidumisa uNkulunkulu

AmaHubo 63:3-6“Ngokuba umusa wakho umnandi ku-nokuphila; izindebe zami ziyaku ku-dumisa. Ngiyakukubonga ngisaphila; ngi-yakuphakamisa izandla zami egameni lakho. Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha; umlomo wami uyakudumisa nezethabayo.”

AmaHubo 116: 12, 17“Ngiyakubuyiselani kuJehova ngazo zonke izenzo zakhe ezinhle kimina na? Ngi-yakunikela kuwe umnikelo wokubonga, ngibize igama likaJehova.”

1 KwabaseKorinte 15:57“Kepha makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu.”

ISambulo 15: 3b, 4a“Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho wena Nkosi yezizwe; wena ongayikwesaba, Nko-si, adumise igama lakho na? Ngokuba wena wedwa ingcwele. “

AmaHubo 106:1“Haleluya! Bongani uJehova, muhle, ngoku-ba umusa wakhe umi phakade.”

AmaHubo 107:8, 9“Mababonge uJehova ngomusa wakhe nezi-mangaliso zakhe kubo abantwana babantu. Ngokuba usuthisa umphefumulo olanga-zelayo; umphefumulo olambayo uyawugc-wallisa ngokuhle.”

UJeremiya 32:17“E, Nkosi Jehova, bheka, wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo; akukho lu-tho olukwahlulayo”

Kwabase-Efesu 3: 20, 21“Kepha yena onamandla okwenza okukhu-lu akhulu kunakho konke esikucelayo nesi-ku qondayo ngokwamandla asebenza kithi makube kuye udumo ebandleni nakuKristu Jesu ezizukulwaneni zonke zaphakade na-phakade. Amen.”

Page 9: INKOZO YESIKHUNGO [YOKHUKHULELANGOQO KA KRISTU] … · ba kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani”. • Manje sisondela kuNkulunkulu umnxuseli ukuthi abe umnxuseli wezingane

14 15

Izihloko ezidumisa uNkulunkulu ziyaqhubeka

UDuteronomi 7: 9“Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo.”

1 IziKronike 16: 31, 34, 36“Malijabule izulu, umhlaba uthokoze; Makabongwe uJehova, ngokuba Makuthi-we ezweni: uJehova uyinkosi. Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba Umusa wakho umi phakade. Makabongwe uJe-hova uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Bonke abantu bathi: “Amen,” bamdumisa uJehova.”

IHubo 34: 1-3 “Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke; Ukudunyiswa kwakhe kuyakuba kusemloyeni Wami njalonjalo. Umphe-fumulo wami Uyakuzibonga ngoJehova; abakuthobekileyo Bayakuzwa, bajabule. Mtuseni uJehova”

AmaHubo 28: 6, 7‘Makabongwe uJehova, ngokuba ulizwile Izwi lokunxusa kwami. UJehova unga-mandla ami nesihlangu sami; inhliziyo yami ithembe kuye, ngasizwa; ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba; ngizakumdumisa ngesihlanelelo sami.”

1 IziKronike 29: 11-13‘Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, Nobukhosi, ngoku-ba konke. okusezulwini nasemhlabeni kun-gowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke; … es-andleni sakho Kukhona ukukhulisa nokuni-ka bonke amandla. Ngalokho, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyakudumisa igama lakho elitusekayo..”

IHubo 56: 10-12 “KuNkulunkulu ngiyakulidumisa izwi; kuNkulunkulu ngiyakulidumisa izwi. Ngi-yethemba kuNkulunkulu, Angiyikesaba; umuntu angangenzani Na? Nkulunkulu, izithembiso zami kuwe Ziphezu kwami; ngiyakunikela kuwe Iminikelo yokubonga.”

Michelle othandekayo

Ngempela ngifisa ukunibonga nina nonke omame

enimangalisayo umthandazo wenu Ngokwethemba

phezu ezinyangeni ezedlule.

Ngi ngezingxenye ezimbili kwezintathu ngechemo

kanye nokuhlinzwa manje kahle emva kwami.

Ngizoqala umsebeni kwamuva ngoJulayi.

UNkulunkulu ubemuhle kimi ngokugcina Wempilo.

Ngiyamthokoza ngakho.

Ngiyazi ukuthi lokho kweziwe nawukuthi lemith-

andazo zabanti othembekile njengani ongibekile

phambi kweNkosi usuku nosuku.Ngibusisiwe impela!

Ngothando Anne.

Sonja othandekayo

Ngiyababongela Abasebenzi bethu isipho simangalisayo izolo. Ngiyabonga kakhulu ngokuphiwa wonke umuntu.

Kwakuyingendlela emangalisayo yokuqala ithemu entsha bese ngiyakwa-zisa ngempela ukusekelwa Umthandazo kulelikolishi.

Kusekuningi ekusamele kwenziwe, kodwa Izicindezelo zohambo zenzi-welula ukwazi Ukuthi iqembu lakho liyasithandazela. Sicela usisdlulisle ukubonga kulo lonke iqembu.

Okozithobayo,

Allen van BlerkUThishaMkhulu St Charles College

Sibonga kakhulu komama bomkhuleko abasithwala ngom-khuleko ngezikhathi ezinhle nezimbi. Sibonga uNkulunkulu ngokunisebenzisa ukusithwala nisethule umthwalo osemahlombe ethu njengothisha wokukhulisa, sinakekele nokufundisa abantwana.

Khithina niyohlala ningamaqhawe ngoku siKhathalela ngemikhuleko nangezwi

Uka NkulunkuluSiyabongaHesph Khumalo

Okukhishiweyo encwadini kaThisha……….

OMame abathandekao abathandazayo, Singenza kanjani ngaphandle kwenu na? Imithandazo yenu yiba ingxenye ephelelisayo esikoleni sethu.

Sibonga ubugotho kinina nonke. Phikelani ngomsebenzi wenu omuhle.

Ngothando

AnnuThisha eKZN

Bathini abaphathi bezikolo no thisha

Page 10: INKOZO YESIKHUNGO [YOKHUKHULELANGOQO KA KRISTU] … · ba kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani”. • Manje sisondela kuNkulunkulu umnxuseli ukuthi abe umnxuseli wezingane

1716

1. Khumbula ukuthi uNkulunkulu akabheki futhi akadingi ulwazi oluphakeme kakhu-lu noma amandla amakhulu, kodwa udinga ukuzinikela nokuthembeka. Izinhloko kumele zithobele imiyalo yebandla.

2. Khuluma noThishaMkhulu. Zazise uphinde umchazele ngomsebenzi nenhloso yeqembu lomthandazo. Umnikeze incwanjana equkethe ulwazi. Cela imvume yokuhlangana esikoleni niphinde nivumelane ngendawo eningahlanganela kuyo. Qinisekisa ukuthintana okuqhubekayo noThishaMkhulu.

3. Bazise esikoleni oMama abaKhathalelayo. Cabanga ukuxoxa namalungu kanye nabasebenzi besikole nomama bezingane, ukukhuluma nethimba lenhlangano yoNobhala noma inhlangano yabaFundi abaKholwayo. Khangisa emihlangan-weni yethimba lezincwadi zezindaba zesikole uma kuvunyelwe, noma uthumele amapheshana emakahaya kulabo bamaqembu eS.U kanye neqembu labaFundi Abakholwayo esikoleni. Faka inothisi emabhodini ezaziso emabandleni.

4. Xhumana nomama abangakuthokozela ukujoyina, unqume usuku kanye ne-sikhathi esifanele.

5. Thola incwajana yoMama abaNakekelayo esuka kumxhumanisi wendawo yakho unikeze omunye oyilungu eqenjini ngalinye. Lencwajana nivumelekile ukuyikopisha. Gcizelela imiThetho eMine yezikaMoya neqembu namalun-gu ekuqaleni konyaka nalapho ilungu elisha lijoyina iqembu.

6. Dala indlela yokuthola izicelo zomkhuleko, njengencwadi, noma ibhokisi lezicelo zomkhuleko. Qaphela okuyimfihlo.

7. Xhumana nomuntu ongumxhumanisi esikoleni ukuba asekele inkonzo futhi akube ozimisele ukuxhumana neQembu loMama AbaNakekelayo.

8. Zama ukubheka izinto ngombono omuhle ngempela, ekhuthazayo nenokweseka ekusebenzelaneni kwakho nesikole kanye namalunga eqembu. Umehluko wamabandla akufanele uvunyelwe ukuba udale ukungaboni ngasolinye phakathi kwamalunga ikakhulukazi ezintweni ezithinta ubuKrestu. Qinisekisa ubukhona bomoya wokuzwana noku-bamunye.

9. Qaphela futhi uphinde ubheke ngobuhlakani izinto ezingadala ingxa-bano eqenjini, uma zivela, zixazulule ngobuhlakani. Lezi zingxabano akumele zivunyelwe ngoba zingaba nomthelela omubi eqenjini, ziph-inde zingcolise umsebenzi kanye nesithunzi seqembu.

Indlela enhle kakhulu yokukhombisa ukukhathazeka kanye nokunakekela esikoleni ukuba nibe usizo kothisha kanye nethimba elisebenzela isikole.Themba uNkulunkulu ukuba akukhombise indlela ongaba ngayo usizo olumqoka esikoleni. Yiba nekhono nokucabanga. Nazi iziphakamiso ezim-balwa ongazisebenzisa:

1 Xhumana noThishaMkhulu umazise ukuthi wena kanye neqembu lak-ho niyamthandazela yena kanye nezidingo zesikole.

2 Thola ongaxhumana naye esikoleni (uthisha noma unobhala) ozok-wazi ukukunikeza izidingo ezithize okuyizona ezidinga ukukhulekelwa ngokuphuthuma. (incwadi/ibhokisi lezicelo zomthandazo)

3 Thola uhlu ukuze ukhulekela othisha ngamagama abo uqikelela uku-khumbula izinsuku zabo zokuzalwa.

4 Bhalela uthisha wengane yakho ipheshana elincane lokumbonga.

5 Cela uNkulunkulu akubonise izindlela ungasiza ngazo othisha nabase-benzi.

6 Sebenzisa izinsuku ezikhethiweyo njenge zokugubha (uKhisimuzi, iz-insuku zokuzalwa, usuku likaNobhala, usuku lothisha, nokunye) uku-thi zibe ngamathuba okukhombisa ukubonga,kube khona okwenzayo okukhombisa ukubonga, njengetiye labasebenzi, nokunye.

Ukukhuthaza o thisha nabasebenza e-hhovsini

Imisebenzi okumele yenziwe ngabaholi

Page 11: INKOZO YESIKHUNGO [YOKHUKHULELANGOQO KA KRISTU] … · ba kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani”. • Manje sisondela kuNkulunkulu umnxuseli ukuthi abe umnxuseli wezingane

1918

Imisebenzi okumele yenziwe ngabaholi iyaqhubeka

10. Xhumana nomphathi wendawo uma kukhona izinkinga eziqubukayo eqenjini. Umphathi wendawo unolwazi olunzulu lokubhekana nezink-inga zamaqembu futhi uyakwazi ukuzixazulula.

11. Thola izincwadi zezindaba uphinde uzidlulisele eqenjini. Qoqa imining-wane futhi uthumelele umXhumanisi weNdawo amakheli kanye nama i-meyili amalungu. Dlulisa izicelo nolwazi oluqhamuke kubadidiyeli bendawo.

12. Qinisekisa ukuthintana okuqhubekayo nomxhumanisi wendawo yak-ho; umazise ukuthi imicabango nemibono yakhe yamukelekile. Me-luleke umxhumanisi ngokushintshwa kwabaholi kanye/noma imining-wane yokuxhumana.

13. Qikelela ukugcina okuyimfihlo. Gcizelela isidingo sokuba izindaba no-lwazi oluxoxwayo kuhlale phakathi eqenjini futhi khumbuza amalun-gu ukuba bahloniphe ukukhathazeka okuyimfihlo kwabantu abacele umthandazo.

14. Khumbula ukuthi oMama abaNakakekelayo akulona iqembu lokuqala izinhlangano ezingalungile.

15. Amaqembu woMama abaNakakelayo angacelwa ukuba abe usizo ngezindlela ezihlukahlukene.

16. Sicela ukhumbule ukuthi ukugxila emthandazweni kuyinhloko yenkon-zo yethu. Uma amalungu evuma ukuba usizo ngendlela ethile ehlukile, lokho kungaba ubufakazi obuhle kakhulu.

17. Khuthaza amalungu ukuza emihlanganweni yendawo kanye nasemi-hlanganweni ehlanganisiwe, lokhu kwenzeka ngokushintshana njalo ngethemu.

18. Ethemini lokugcina noma ekuqaleni, nquma ukuthi ubani ozohola iqembu ngonyaka olandelayo, bese wazisa umxhumanisi wakho ngem-iningwane yezinguquko.

Siyabonga ukuzimisela. Ujabulele ukusetshenziswa nguNkulunkulu ukuba

isikole sakho sibusiswe!

Imithetho emine yakwaMoya

Imithetho emine yakwaMoya, “UNkulunkulu uyakuthan-da futhi unecebo eliyisimangaliso ngempilo yakho”.Jo-hane 3:16 uyasitshela, “Ngokuba uNkulunkulu walithan-da izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. Johane 10:10 usinikeza isizathu sokuthi uJesu wezelani, “mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime”.Ngabe ikuphi okusivimbayo othandweni lukaNkulunkulu? Ng-abe ikuphi okusivimbela ekubeni sibe nempilo echichimayo?

Owesibili kulemithetho emine yakwaMoya, “Ubuntu bungcoliswe isono ngakho-ke kuhlukene noNkulunkulu. Lokho kuholela ekutheni singazi ngecebo likaNkulunkulu elimangalisayo ngezimpilo zethu”. AmaRoma 3:23 kuqinisekisa lolulwazi “ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu”. AmaRoma 6:23 usinikeza imi-vuzo yesono, “Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa”. Unkulunkulu wasidala ukuthi sibe nokuhlanganyela Naye. Kanjani-ke, ubuntu baletha isono kulomhlaba ngalok-ho-ke kuhlukene noNkulunkulu. Sibushabalalisile ubudlelwano noNkulunkulu aye-hlose ukuthi sibe nakho. Ngabe sithini isixazululo?

Owesithathu kulemithetho emine yakwaMoya, UJesu Kristu nguyena kuphela mh-linzeli ezonweni zethu. NgoJesu Kristu izono zethu zingathethelelwa futhi kubuyise nobodlelwane obulungile noNkulunkulu.” AmaRoma 5:8 athi, “kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.” 1 Khorinte 15:3-4 Bayasitshela esidinga ukukwazi nokukukholwa ukuze sisindiswe, “u Kristu wafa Ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo, nokuthi wembelwa, Nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo…” u Jesu wazisholo ngesingaye ukuthu nguyena kuphela indlela yensindiso ku NgokukaJohane 14:6, “Nginyindlela neqiniso, nokuphila; akheko oza kubaba ngaphandle kwami.: ngin-gasithola kanjani lesisipho esimangalisayo sensindiso?

Owesine kulemithetho emine yakwa Moya, “Kumele sibeke ukholo lwethu kuJesu Krsitu ukuze sikwazi ukuthola isipho sensidiso nokwazi necebo lika Nkulukulu eli-mangalisayo ngezimpilo zethu. “NgokukaJohane 1:12 uyasichazela, “Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe-ngabantwana baka Nkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe” Izenzo 16:31 uyasicacisela , Kholwa yinkosi uJesu yikhona uzakusindiswa “, Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu. [kwabase-Efesu 2:8-9]

Page 12: INKOZO YESIKHUNGO [YOKHUKHULELANGOQO KA KRISTU] … · ba kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani”. • Manje sisondela kuNkulunkulu umnxuseli ukuthi abe umnxuseli wezingane

Notes

2120

IsiphethoImizamo yenu ukuqala iqembu loMama abaNakekelayo kuyokuba nomvuzo omkhulu. Njengoba ubona uNkulunkulu uyayiphendula imikhuleko isonto nesonto, ukuphila kwakho kuyoshintshwa.

Njengoba iqembu liqaliwe kubalulekile ukugcina iqembu esikoleni ngonyaka olandelayo. Njengoba ungumholi wena, kufanele ufune ozongena esikhundleni sakho uma uthola ukuthi ngeke usakwazi ukuqhubeka. Ngakho-ke, kuhle ukuvumela omunye umuntu ahole iqembu ngezikhathi ezihlukahlukene phakathi nonyaka wonke.

Lokhu kukunika ithuba lokuqeqesha omunye umuntu, ukuze lingan-ciki kuwe kuphela.

UNkulunkulu akubusise njengoba uphuma ngokholo ukuze uqale iqembu loMama aba Nakekelayo.

Kulokhu enginikucelela kuNkulunkulu;Ukuze izinhliziyo zenu ziduduzweNihlanganisiwe othandweni nibe

Nengcebo yonke yokwazi okuphelele,Nazisise imfihlakalo kaNkulunkulu

enguKristu olufihlwe kuye amaguguonke okuhlakanipha nowolwazi.

KwabaseKolose 2:2

Page 13: INKOZO YESIKHUNGO [YOKHUKHULELANGOQO KA KRISTU] … · ba kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani”. • Manje sisondela kuNkulunkulu umnxuseli ukuthi abe umnxuseli wezingane

22

Notes