26
NGOKUKHOLWA, UMOSE Ngiyabonga, Mfowethu Neville. Sanibona ekuseni, bantu. Kuhle ukuba lapha namhlanje etabernakele. Futhi ngicabange ukuthi mhlawumbe ukube ngithole uMfowethu Neville ukuba akhulume kulokhu ukusa, ngizozama namhlanje kusihlwa. Futhi-ke bengibuka emuva ngalesosikhathi esifundweni sikaSonto sikole ngalokhu kusa. Nalokho i… INkosi ithanda, sizozama uku—ukuba nalesifundo sikaSonto sikole. 2 Manje, sekungamaviki amabili manje, cishe, selokhu ngingenile. Futhi benginovalo kakhulu njengoba niqondile, ukuthi, ensimini, ngithole ngempela, ukukhandleka ngempela futhi kubelukhuni ngisho ukuba ngike ngiqhubeke. Kwase kuthi-ke bengifanele ngingenele ukuphumula okuncanyane. Futhi ngithathe cishe izinsuku ezintathu ezansi eDamini iWolf Creek, ezansi eKentucky, lapho engazalelwa khona. Ngicabangile, “O, ngizizwa nje ngikahle kakhulu manje. Ngikahle.” 3 Futhi ngibuye ekhaya, futhi into yokuqala encane ehlangabezane nami ebusweni kube yindaba thizeni kahulumeni nentela yemali engenayo. Ngihambe yonke indlela ngiya emsukeni futhi. Ngakho ngaqondile ukuthi kuzothatha ngaphezu nje kweviki noma amabili ukuziphumuza. 4 Nenkonzo yami ilungiselela ukwenza ushintsho manje. Futhi anginayo imihlangano ehleliwe. Futhi kungalesosizathu ukuthi ngithi nje ukubuyela eceleni, futhi ngacabanga, futhi manje okwamaviki ambalwa alandelayo, ngizothatha nje ukuphumula, ukuphumula okuphelele, bese ngilinda eNkosini. 5 Nabaningi benu bantu ophakathi lapha, asebekhulile, abakade benathi isikhathi eside, uyakhumbula ukuthi yini iNkosi ekushilo kithi, Ibihlala njalo yenza lokho lokhu Eyathi Iyokwenza. 6 Khumbulani, ngenkathi khona impela ekuqaleni, ebandleni lapha, ukusa esabeka ngakho itshe letabernakele, ukuthi kanjani Yona…Kwabhalwa, futhi kulele etsheni, ekhasini elingenalutho lokugcina leBhayibheli lami. Ngalokho kusa, lowombono omkhulu, wathi, “Leli akusilo itabernakele lakho.” 7 Ngathi, “Likuphi, Nkosi na?” Futhi Yangihlalisa ngaphandle phansi kwesibhakabhaka. NePhimbo lafika. Futhi ngabuka ngase ngibona lezoziphambano ezintathu, njenge, izihlahla nesithelo sazo, kanjalonjalo. Niyazi ukuthi umbono uyini. Kwalotshwa, iminyaka. 8 Ngiphakamisa, ngolunye usuku, incwadi endala phezulu lapho, ngifunda ezinye zezinto iNkosi eyazisho, eyazisho

ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

  • Upload
    others

  • View
    0

  • Download
    0

Embed Size (px)

Citation preview

Page 1: ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

NGOKUKHOLWA, UMOSE

Ngiyabonga, Mfowethu Neville. Sanibona ekuseni, bantu.Kuhle ukuba lapha namhlanje etabernakele. Futhi

ngicabange ukuthi mhlawumbe ukube ngithole uMfowethuNeville ukuba akhulume kulokhu ukusa, ngizozama namhlanjekusihlwa. Futhi-ke bengibuka emuva ngalesosikhathiesifundweni sikaSonto sikole ngalokhu kusa. Nalokho i…INkosi ithanda, sizozama uku—ukuba nalesifundo sikaSontosikole.2 Manje, sekungamaviki amabili manje, cishe, selokhungingenile. Futhi benginovalo kakhulu njengoba niqondile,ukuthi, ensimini, ngithole ngempela, ukukhandleka ngempelafuthi kubelukhuni ngisho ukuba ngike ngiqhubeke. Kwasekuthi-ke bengifanele ngingenele ukuphumula okuncanyane.Futhi ngithathe cishe izinsuku ezintathu ezansi eDaminiiWolf Creek, ezansi eKentucky, lapho engazalelwa khona.Ngicabangile, “O, ngizizwa nje ngikahle kakhulu manje.Ngikahle.”3 Futhi ngibuye ekhaya, futhi into yokuqala encaneehlangabezane nami ebusweni kube yindaba thizeni kahulumeninentela yemali engenayo. Ngihambe yonke indlela ngiyaemsukeni futhi. Ngakho ngaqondile ukuthi kuzothathangaphezu nje kweviki noma amabili ukuziphumuza.4 Nenkonzo yami ilungiselela ukwenza ushintshomanje. Futhianginayo imihlangano ehleliwe. Futhi kungalesosizathu ukuthingithi nje ukubuyela eceleni, futhi ngacabanga, futhi manjeokwamaviki ambalwa alandelayo, ngizothatha nje ukuphumula,ukuphumula okuphelele, bese ngilinda eNkosini.5 Nabaningi benu bantu ophakathi lapha, asebekhulile,abakade benathi isikhathi eside, uyakhumbula ukuthi yiniiNkosi ekushilo kithi, Ibihlala njalo yenza lokho lokhu EyathiIyokwenza.6 Khumbulani, ngenkathi khona impela ekuqaleni, ebandlenilapha, ukusa esabeka ngakho itshe letabernakele, ukuthikanjani Yona…Kwabhalwa, futhi kulele etsheni, ekhasinielingenalutho lokugcina leBhayibheli lami. Ngalokho kusa,lowombono omkhulu, wathi, “Leli akusilo itabernakele lakho.”7 Ngathi, “Likuphi, Nkosi na?” Futhi Yangihlalisa ngaphandlephansi kwesibhakabhaka. NePhimbo lafika. Futhi ngabukangase ngibona lezoziphambano ezintathu, njenge, izihlahlanesithelo sazo, kanjalonjalo. Niyazi ukuthi umbono uyini.Kwalotshwa, iminyaka.8 Ngiphakamisa, ngolunye usuku, incwadi endala phezululapho, ngifunda ezinye zezinto iNkosi eyazisho, eyazisho

Page 2: ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

2 IZWI ELIKHULUNYIWE

ngaphambili; esezivele ziyafezeka. Mayelana nezintozabantwana, namayelana nokuthi impi izovela kanjani,nazozonke lezozinto ezishayile.9 Nje izinto ezimbili ezisele, kwesinye salezo ziprofethoezinkulu. Lokho ngukuthi, ukuba izimoto zibe semgwaqenizinerimothi-khontroli, zibukeka njengeqanda, kuphelaawuyishayeli. Iyazilawula yona uqobo. Bese kuthi-kekuzobakhona owesifazane omkhulu ovukayo, ngoba iMelikaisizwe sowesifazane. Futhi izo…Owesifazane omkhuluuzovuka, futhi abe nguMengameli noma into enjalo, esizweni.Futhi khona-ke kuzofika ukushabalaliswa ngokuphelele. Isizwesonke sizoshanyelwa nya.10 Futhi, lokho, ngiyabikezela…Manje lokhu akusiyoiNkosi isho lokhu. (Okunye, ngowesifazane, kuyi, yiNkosi.)Kodwa ngabikezela, ngo 1933, ukuthi umhlaba uyohlangananokushabalaliswa okuphelele ngaphambi kuka ’77.11 Ngakho, ngangingakazi ngalesosikhathi ukuthi bebenentoengawushabalalisa njengalokhu benakho manje, kodwangisibonile isizwe sisekushabalalisweni okuphelele, iziqu njezezihlahla nezinto ezikanjalo, zisele.12 Ngakho, kusendleleni yakho. Futhi uma zonke lezi ezinyeizinto seyifezekile njengoba nje Yasho, ukuthi kuyobanjalofuthi; futhi njengoba nje Yasho emBhalweni lapha, lokhoEkushoyo. Uma uKristu afika okokuqala, Uzofika okwesibili.Nazozonke izinto Azisho zizofezeka. Futhi ngokufanele ngibonalokhu, futhi ngazi ukuthi si…inombolo yethu seyizobizwanje, njengesizwe, sazi ukuthi iBandla selizothatha uHlwitholwaLo. Kunyakazisa inhliziyo yomfundisi, noma yimuphiwabangafundele lutho, ukwazi ukuthi sikulolusuku nesikhathiesiphila kuso. Yisikhathi esikhulu kakhulu lapho noma yimuphiumuntu owake waphila emhlabeni, kumanje; lokho ngukuthi,eBandleni. Ngakho, impela ngilangazelela imikhuleko yenu.13 Futhi khona-ke ngibonile etabernakele, futhi ngibonileukuthi bebene…babezoba nokhetho lakabusha nayoyonk’into,ebandleni, lwelinye ibhodi futhi kanjalonjalo.14 Ne—nebandla belidinga umhlangano omncane,ukuzanyazanyiswa okuncane. Futhi benilokhu nilungile kimi,futhi nangibusisa. Futhi ngami ngilapha, kubonakala sengathikube yisibusiso kini. Futhi ngiqinisekile, ukuba nani, kubeyisibusiso kimi. Futhi benihlala njalo nikwemukela engikushiloukuthi kuliQiniso, njengoba ngikubonile ngoNkulunkulu. Futhingi—ngiyakuthakasela lokho.15 Ngakho manje-ke, ngiqale phakathi, bese kuthi-kebengifanele ngithole, futhi ngithole ibandla lethu liqondisiwe,emabhodini alo, bese-ke okokhetho nokunye nokunye. Besekuthi-ke—kuthi-ke, ngicabangile, emva kwalokho, ngiphumile

Page 3: ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

NGOKUKHOLWA, UMOSE 3

futhi ngathola ukuphumula okuncane ngaphambi kokubangibuyele ensimini futhi.16 Kugcineni ngaphakathi kwenu uqobo. Manje, akusikhookwabangaphandle. Okwalelitabernakele. Sifuna umhlanganonalelitabernakele, ukuze yonk’into, nalolonke iphutha,nazozonke izinto ebeziqhubeka, futhi mhlawumbe imizwaemincane komunye nomunye; labo, ngizobathola bonke besengibaletha ngqo ubuso nobuso. Ngakho uma ningafuniukubhekana nakho, kungcono uhambe ezweni; ngoba uzaubhekana ubuso nobuso nakho konke okuncinyane kwakho,njengoba sasivamise ukwenza lapha etabernakele. Futhi konkeukuba kuqondiswe kahle, ngoba singabafowethu nodadewethuabephule isidlo, uMzimba kaKristu, ukuvundla itafulalezibusiso. Futhi akulutho kepha udeveli uyokwenza nomayini eyoba yiphutha, futhi uyobangela imizwa, noma adabule,noma yini ekanjalo. Futhi ngithatha uMfowethu Neville, futhisisuka endaweni siye kwenye, futhi silethe abantu kubantu,ndawonye, kuze kuba itabernakele elidala libuye, lamiswa futhi,ngezinyawo zalo, ukuqhubekela uMbuso kaNkulunkulu. Manje,lesi yisona, sizathu ngisho lokhu, yingoba kukuleliqembu lethuelincane lapha kulokhu ukusa.17 Futhi manje ngizothola ukuphumula, futhi ngibuyemasinyane ngakho konke engingakwenza. Ngakho-ke ngilindeleukuhamba ngiye ensimini futhi. Futhi kulesisikhathi, iNkosiithanda, ngifuna ukuthatha lokho okuncane esesikuqongeleleezimalini, kanjalonjalo, kwami uqobo, ngaphandle e…loluhlelo lwemishini yangaphandle. Futhi ngizitholele ithendeelisha, nezinto zokusebenza ezintsha, futhi ngiqale ensimini.Hhayi ukusuka ebandleni ngiye ebandleni, kodwa ukuhambaemihlanganweni yethu uqobo.18 Manje, kungesikho ukungahloniphi kubazalwaneabangimemile, okungukuthi kuyamangalisa. Kodwa iningilakho konke, uthola lezizingqungquthela, bathi uzoba lapho,bese kuthi-ke bonke abangani bakho bayangena, bese-kekuba nakho konke okuningi ukudlalwa kwezigubhu okukhulukwenzelwa imali. Kumunca nje labo bantu. Ngisanda njekukuthola lokho, niyabo. Ngakho lokho—lokho akukuhle.Sifuna ukuba nendawo lapho esingabaletha khona. Awudingiukuba ulethe imali yakho. Woza ngapha nje, wena uqobo, futhi—futhi ukhonze iNkosi. Niyabo? Futhi ngakhomanje…19 Futhi inkonzo yami isithathe ushintsho njengamanje.Niyakhumbula ngesikhathi ngangivamise ukuba ngibambeisandla somuntu, futhi ngime nje lapho, neNkosi ingitsheleukuthi bekuyini inkathazo yabo. Yathi, “Ngakho-kekuyakufezeka, wazi imfihlo yenhliziyo yabantu.” Nonke niyaziukuthi lokho kwenzeka ngokuphelele nje ngendlela Okwashongayo. Manje lesi isinyathelo esilandelayo, esiprofethiwe futhi

Page 4: ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

4 IZWI ELIKHULUNYIWE

sashiwo ngaphambili, esizoba kude le ngale kwanoma yikuphiOkwakho, niyabo. Futhi kukhonamanje enguqukweni.20 Futhi yingalesosizathu uSathane elwa nami ngentela yemaliengenayo, ezama ukungitshela, uhulumeni, ukuthi ngikweletaintela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile,njengomfundisi, kusukela eminyakeni yonke engamashumiamabili nesikhombisa eyedlule, ngingenile enkonzweni.Akunjalo, ngoba yedlule ebandleni lapha.21 Ngingumphatheli walelibandla. Lokho kunjalo impela.Kusemarikhodini phansi lapha. Ngakho, manje-ke, umangingumphatheli ongumgcini-mafa walelibandla, khona-keakukho lutho ezweni…Uhulumeni akanalutho angalwenzangakho. Ababuzi ibandla. Babuza mina njengomgcinimafawebandla. Nabaphatheli usayine iphepha elisebhange ngale,ukuthi zonke izimali zami…Esikhundleni sokuba nenhlanganoyosizo engeyami, ngikwedlulisele ebandleni lami lapha, ngobangokuzenzekelayo liyinhlangano yosizo, empeleni.22 Futhi ukwenza lokho, kungisiza ngokungigcinaekungabalekeleni ibandla futhi ngilishiye, futhi ngiqhubekengaphandle futhi ngingabi lutho lapha. Emva kokubangethembisa abantu ukuthi ngiyobuya ebandleni, isikhathingesikhathi, futhi ngibasize. Kungalesosizathu ngikugcinekukanjalo, ngoba ngenza isethembiso kinina bantu.Yingakho ngihlala nakho ngaleyondlela, esikhundleni sokubaneyangamunye. Ngakho-ke, uma wenza lokho, kukuphonselaenhlanganweni. Futhi ngimelene ngokuqinile nenhlangano.Ngakho ngi—ngizokugcina ngendlela nje okungayo, ezandlenizikaNkulunkulu, ukuze sikwazi ukuqhubekela uMbusokaNkulunkulu.23 Manje, kulokhu ukusa, sifuna ukufundisisa leliZwi elidalaelibusisiweyo, futhi sikholwe.24 Manje, ngifuna ukuthi, futhi…Ngibona uMfowethuEgan nabaningi, abanye abangabaphatheli behlezi lapha,emva kokuba sibe nomhlangano wethu wabaphatheli,ngobunye ubusuku; kuliqiniso, ngikwenza obala phambikwebandla, ukuthi ngamunye wenu anisesibo abaphatheli a—abaqokiwe. Ningabaphatheli abakhethiwe, futhi igama lakholisezincwadini. Kulungile.25 Futhi manje bazoba nolunye ukhetho lwama—lwamadikoni,kanjalonjalo. Futhi uMfowethu Neville nguye, uzobe ebiza labomasinyane emva kwalenkonzo, kulungile, futhi okomgcinimafanokunye nokunye, njengoba simisa ibandla ngohla. Silithola,zonke izisekelo, zilungele, lapho-ke singaba nemvuselelonjengoba iza.26 Manje, ngaphambi nje kokuba sivule emuva emakhasinilapha, okwesifundo sethu sikaSonto sikole, kuleliZwi elikhululikaNkulunkulu ophilayo, ake sikhothamise amakhanda ethu,

Page 5: ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

NGOKUKHOLWA, UMOSE 5

imizuzwana embalwa, sisakhuluma naMqalisi waleNcwadi.Futhi manje bekani eceleni wonke umcabango, yonk’intoephambene, ukukubamba ukuba ube nesibusiso.

Asikhuleke.27 Nkulunkulu ongcwele kakhulu nolungile, eBukhonenibaKho obuhloniphekile siyeza manje, sinikela kuWe izimpilozethu, nemiphefumulo ye—yethu, nemizimba yethu, nezinkonzozethu, namakhono ethu. Nakho konke lokho esinakho,sikwethula Kuwe. Futhi njengoba Usibheka, Nkosi, umakukhona noma yisiphi isono esisobala futhi singavunyiwe,sizocela Wena, O Nkosi Nkulunkulu, ukuthi UzobhecaiGazi leNdodana yaKho, uJesu, endaweni enjalo. Ngokuba,siqonda ukuthi thina ngokwethu uqobo asenele, futhi laphoakunakwenzeka nhlobo ukuthi thina sike sibe sikwaziukuzigcina ngokwethu. Kodwa sincike ngokuphelele eGazinilaKhe eliligugu, nomusa waKhe ukuba usebenze endabeniyethu, ukuthi thina zoni ezingafanele singakwazi ukuzangesibindi langa-limbe eBukhoneni baKho, siletha phambikwethu leliGazi leNkosi uJesu. Okungukuthi, Wena, ezikhathiniezedlule, ukubonile ukuthi kube yiGazi leNdodana yaKhoezelwe yodwa, futhi wenze isethembiso, ukuthi, “NgaYe, umasivuma izono zethu, siyakulungisiswa ngomusawaKhe.”28 Futhi manje sizocela, Nkosi, ukuthi Uzosithethelela kunomayiliphi iphutha, noma yisiphi isono sesiphambeko noma ukweqa,isiphambeko, ukuthi noma ngabe yimuphi umcabango omubiuhlabe umphefumulo wethu, ngemicibisholo evuthayo kadeveli,ukuthi Uzoxosha lesisitha esibi saKho, nesabantu baKho.29 Futhi singacela ukuthi Uzothumela uMoya oNgcwele ukuthiuzothatha ubambe iZwi kulesisikhathi, sisazinikela thina uqobonjengamathuluzi, ukuthiUzokhuluma ngathi, futhi uzwe ngathi,iZwi laKho. Futhi kwangathi thina ekuphenduleni siKwemukelekuvela kuWe, futhi sishiye lendawo, namhlanje, sizizwelaukuthi silungisekile futhi emsebenzini kaKristu; ukuze sikwaziukulungela kangcono lenkonzo yakusihlwa nakusasa, ngenxayokuvasha kukaMoya oNgcwele.30 Busisa umzalwane wethu yonk’indawo, amabandlaemhlabeni wonke jikelele, obambe iZwi lokuPhila kulolusukuolubi. Sizizwela ngathi asisekho isikhathi esingako esisaleleukuba sisebenze, ngoba ubusuku buza ngokusheshaokukhulu. Amafu empi ayantanta futhi. Ububi busondele,futhi siyakhuleka ukuthi Uzosivumela sisebenze kakhulukunakuqala. Phumuza imizimba yethu ekhandlekile, Nkosi,bese usithumela emuva empini. Ngoba sikucela eGameni leNkosiuJesu, nangenxa yaKhe siyakhuleka. Amen.31 Sisavula, kulokhu ukusa, iBhayibheli, esahlukweni se—se 11seNcwadi yamaHebheru.

Page 6: ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

6 IZWI ELIKHULUNYIWE

32 Ngolwesithathu ebusuku besikhuluma ngesahluko 7seNcwadi yamaHebheru, ka “Melkisedeki, engongenababa,futhi engenamama, engenasiqalo sezinsuku, noma isiphethosokuphila.”33 Futhi ngicabange ukuthi, mhlawumbe, kulokhu ukusa,kuzoba ngokufanelekile ukuvula futhi leNcwadi enhle kakhulu,kungukuthi sinezisekelo zalokhu esifisa ukukusho, ekufundwenikwasekuqaleni. Futhi seqela ngale esahlukweni se 10, nesahlukose 9, okuyimithetho yemihlatshelo, sizofika endaweni yo“kukholwa.” Futhi lapha eNcwadini yamaHebheru, isahluko se11, futhi siqala ngevesi lama 23, siLifunda kanje:

Ngokukholwa uMose, esezelwe, wafihlwa ngabazalibakhe izinyanga ezinthathu, ngokuba bembonaengumntwana omuhle; abawesabanga umyalo wenkosi.Ngokukholwa uMose, esekhulile, wala ukubizwa

ngokuthi indodana yendodakazi kaFaro;Kunalokho wakhetha ukuphathwa kabi kanye

nabantu bakaNkulunkulu, kunokuba athokozeisikhashana esonweni;Ethi ukuthukwa ngenxa kaKristu kuyimfuyo enkulu

kunencebo yeGibhithe:…futhi wayebheke kuwoumvuzo.Ngokukholwa washiya iGibhithe, engesabi ulaka

lweNkosi: ngokuba wakhuthazela, sengathi uyambonaongabonwa.

34 Ngifuna ukuthatha ingqikithi, kulokhu ukusa, “ukukhethangokukholwa.” Futhi ngifuna kube indikimba, amagamaamathathu okuqala esahluko 23, “NgokuKholwa, UMose.”Futhi, “ukukhetha ngokukholwa,” cishe yonke into esiyenzayo,sifanele sikhethe ngokukholwa. Futhi konke lokho esitholaukuthi uMose wakwenza, lokho kufanelekile ukuthikuphindwe, kwakungokukholwa; kungesikho ngokubona,kodwa ngokukholwa.35 Futhi isizathu ukuthi ngikhethe lokhu kulokhuukusa, ukwenzela ibandla elikulesisimo, kube ngukuthikukokwethu…ngisho nezikole zethu, nakulendawo, sibenokukhulu kakhulu ukufundisa kwesayense. Ngenxayalokhu, sidonse abantu sabasusa ekukholweni. Manje,ukukholwa akufakaziswa ngesayensi. Ukukholwa yilokhoisayensi engakuboni. Futhi thina…Uma sike salahlekelwayilokhukukholwa okukhulu, khona-ke sisebumnyameningokuphelele, ku…akunandaba ukuthi sifundiswe kahlekanjani, ukuthi singalichaza kanjani iZwi likaNkulunkulu,ukuthi lilungele indlela yethu yokukholwa.36 Ayikho indlela yokuba uke uthokozise uNkulunkulu,kuphela ngokukholwa. UmBhalo ukusho kucace ngaleyondlela,

Page 7: ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

NGOKUKHOLWA, UMOSE 7

futhi kungokukholwa. “Futhi ngaphandle kokukholwa,” kushoumBhalo, “akunakwenzeka ukuthi uthokozise uNkulunkulu.”37 Ngakho, uma ukukholwa kungavumelani nesayensi,nesayensi ayivumelani nokukholwa, lokho kuzibeka o—onqenqemeni kokunye nokunye, lapho-ke kumele sithatheukukhetha njengoba uMose enza. Ngokukholwa siyakholwa!38 Manje, uma silahlekelwa ukukholwa, lapho-ke singekesibenomkhuleko ophendulwa nguNkulunkulu. “Ngoba loyooza kuNkulunkulu kumele akholwe ukuthi Ukhona, futhiungumvuzi walabo abaMfuna ngokuzimisela.” Ngakho, umasilahlekelwa ukukholwa, imikhuleko yethu iyachithwa; asifikindawo.39 Ngakho yilokho konke esingacabanga ngakho, kulokhuukusa, ngukubambelela ekukholweni. Ngakho-ke, umasilahlekelwa ukukholwa, onke emathemba ethu lihambile. Futhiuma silahlekelwa ukukholwa, konke okwethu okuphathekayokukamoya kuhambile. Ngokuba, ungeke ube nokukholwaezintweni ozibonayo, ngokuba zonke izinto ozibonayo zonkeziyabhubha.40 Uma sibuka kumuntu omkhulu, umshumayeli omkhulu,noma ibandla elikhulu, bonke bazobhubha, ngelinye ilanga.Futhi uma sibuka isizwe esikhulu, noma isikhali esikhulu,zonke ziyobhubha, ngelinye ilanga. Ngakho-ke simele siphilengokukholwa, ngalezozinto isayensi engazisho. Kungokukholwaukuthi siyakholwa.41 Manje, silahlekelwa udumo lwethu uma silahlekelwaukukholwa. Manje, uma sisuka ekukholweni, khona-ke sithathaibandla silifake ezingeni lenhlakanipho yenyama.42 Futhi izikhathi eziningi, bekuhlala kucatshangwa,phakathi kwabantu, ukuthi ngoba ibandla belilikhulu,futhi bebenamabandla amakhulu, izakhiwo ezinkulueziyimibhoshongo, nokukhulu, abantu abagqoke kahlenabaqeqeshekile, nezimali eziningi, ukuthi bangakwaziukuthenga into enjalo, thina, izikhathi eziningi, besicabangaukuthi lokho kunika ugqozi, ukuthi lelibandla elithizekumele lithole ugqozi. Noma, besivamisile isikhathi esiningiukubhekisela kubashumayeli abehlukene abaphuma bayeensimini futhi babenemibuthano emikhulu yezixuku, futhisicabange, ngezinye izikhathi, ukuthi bayizimpawu zogqozi.Kodwa lokho akusilo ngokuphelele iqiniso. Lokho ugqozilomuntu.43 Kodwa ugqozi lwangempela luza ngokwenza intandokaNkulunkulu. Niyabo? Noma ngabe kunye, noma kugcweleisandla. Noma ngabe ibandla elikhulu, noma ibandla elincane,lokho akunandaba. Noma ngabe ungesikhulu, isikhulumiesikhuluma ngokucacile, noma umuntu nje ongabazi kahleoABC bakhe, akunandaba. Kuncike emlayezweni awulethayo,

Page 8: ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

8 IZWI ELIKHULUNYIWE

ukuthi uphefumulelwe iZwi likaNkulunkulu, noma, ngabeuphefumulelwe imicabango yenhlakanipho yogqozi womuntuna?44 Abanye abantu bangathola ugqozi ngenxa yesikhulumiesikhuluma ngokucacile. Lokho akukwenzi kube kahle.Ngezinye izikhathi babanogqozi ngoba indoda iqeqeshekekakhulu kangangoba ingakwazi ukubeka iphuzu layongaphezulu. Lokho akusho ukuthi okukaNkulunkulu. Niyabo?45 Kuphela kungokokungenasiphelo kukaNkulunkulu, iZwielibusisiwe laPhakade, lapho singemukela khona ugqozi,futhi lokho sikuphiwa nguMoya oNgcwele. Ngokukholwasiyakwemukela.46 Manje singacabanga ngoMose, nalesisikhathi esikhulusokuphila kwakhe. Futhi sifunda emuva, ekuzalweni kwakhe,ukuthi uNkulunkulu wayemnakekele kanjani, kodwa nakhokufika isikhathi empilweni kaMose lapho kwakudingeka kubenesikhathi sokukhetha. Uma sifunda kahle, siyathola ukuthiwayeyindodana yendodakazi kaFaro, futhi wayeyindlalifaesihlalweni sobukhosi, futhi ngabe waba nguFaro olandelayoeGibhithe. Ngakho wayeqaphela ngenkathi eqalaza lapho, umaesefike emnyakeni ethize futhi yokuzimela, futhi bekuyobanalezozigqila ebezisebenza emigodini yodaka. NoMose, esabukangefasitela lesigodlo, kuzona lezozigqila lezo uFaro ayekadeezibuka, kodwa umehluko ongaka kulokhu kubuka pho.47 Ngifuna ukusekela loyomcabango, kulokhu ukusa,okwemizuzu embalwa, futhi kwangathi uNkulunkuluwaseZulwini angakuqondisa kuye ekhaya ngqo kuyoyonkeinhliziyo lapha. Kuya ngendlela obuka ngayo noma yini, lokhookwenza umehluko.48 Umvangeli omkhulu, uJohn Sprawl, owaphendukaenkonzweni kaMfowethu Bosworth, loyo abaningi benubayakhumbula iminyaka eyedlula, we-Old Glory Barn. Wathi,ngelinye ilanga ngenkathi ethatha uhambo, ngaphambikokushona komlingani wakhe othandekayo nonkosikazi.Babese La Salle, eLorraine, eFrance. Futhi ngibenenhlahlayokuvakashela indawo efanayo. Futhi umholi wayebathathaebahambisa ezingadini, futhi ebakhombisa izinto ezehlukene.Base befika kwesinye isithombe esibaziwe esithize seNkosiuJesu, ukubethelwa. NoMnu. Sprawl wayemi ebangeni, esibuka,yena nomkakhe, futhi, ezinhliziyweni zabo, bebagxeka lokhoumdwebi okufanele ukuthi wayenakho engqondweni, nomaumbazi wamatshe, njalo, ngenkathi ebaza esebenzisa itshe,into ebukeka kabi eyiyo ukuba imele ukuhlupheka nothandonehlazo leNkosi uJesu, nokuthi konke kwakungubudlabhakanjani futhi kubukeka kuqoshiwe nje. Nomholi weza kuMnu.Sprawl, wayesethi, “Mnumzane, ngiyacabanga ukuthi ugxekalesisithombe esibaziwe seNkosi uJesu.”

Page 9: ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

NGOKUKHOLWA, UMOSE 9

Futhi wathi, “Ngiyasigxeka.”49 Wayesethi, “Angimangali nakancane, ngoba abantuabaningi abasibukayo, okokuqala, bayasigxeka.”50 NoMnu. Sprawl wathi, “Kungani, angiboni nahlazo nomaugqozi ekubukeni lento enjena, ngakho ngiyamangala ukuthikungani lombazi wamatshe akwenza konke kwaba kanje.”51 “Futhi lombazi wamatshe…” Wathi, “Mnu. Sprawl,lesisithombe esibaziwe sikahle, nombazi wamatshe ubenentoekahle emqondweni wakhe. Kodwa lapho inkinga ikhona,ikuwe. Yindlela osibuka ngayo.” Wase ethatha yenanomkakhe ngesandla, wabaholela ezansi ealtare ezinyawenizalesiphambano esishiwo. Futhi wathi, “Manje, Mnu. Sprawl,buka phezulu manje.” Futhi ngenkathi ebuka phezulu, wathiinhliziyo yakhe ithi ukumbulala. Kwakungumehluko onjanina, ukuma lapho bese usibuka ngaleyondlela, nokuthi ushonephansi bese usibuka ngendlela esenzelwa ukuthi sibukwe ngayo.52 Futhi yileyondlela uNkulunkulu angayo. Yileyondlelaukukholwa okungayo. Yindlela okubuka ngayo. Uma ukubukenjengeBhayibheli elingumlando othize, njengento ethizeeyayisezinsukwini ezedlula, ungeke uze ukwazi ukutholaisisindo sangempela seBhayibheli. Ufanele uguqe ngamadoloakho, futhi uthobele imiyalo yaleliBhayibheli, bese uLibukangamehlo kaMoya oNgcwele.53 Ngingabuza lezizethameli, kulokhu ukusa. Usisizangani uNkulunkulu womlando namhlanje uma EngasuyeuNkulunkulu ofanayo na? Usisiza ngani uNkulunkulu,owathatha uMose futhi enze izimangaliso ngaye lokhuakwenza, kuzosisiza ngani thina ukufunda ngoNkulunkuluonjalo uma Engesuye Loyo ofanayo namhlanje na? Usizangani lowoNkulunkulu ongakhulula esithandweni somliloohangulayo, abantwana bamaHebheru, uma EngesuyeuNkulunkulu ofanayo namhlanje na? Usiza ngani uNkulunkuluongehlulela phakathi komuhle nomubi, osukwini olwedlula,futhi ajezise omubi bese abusise olungile, uma EngesuyeuNkulunkulu ofanayo namhlanje na? Siyelani-ke enkonzwenina? Siziyekelelani izinto zezwe, uma Engesuye uNkulunkuluofanayo ehlulela ngokufanayo, nombono ofanayo abelokhuEyiwo na? Uzosiza ngani uNkulunkulu obengathintaisandla sowesifazane owayephethwe ngumkhuhlane onzima,nomkhuhlane ume, uma Engesuye uNkulunkulu ofanayonamhlanje? Kuzosiza ngani ukukhonza uNkulunkuluowayengabiza umngani waKhe aphume ethuneni, esefe izinsukuezine, umaEngesuye uNkulunkulu ofanayo namhlanje na?54 Ngokukholwa siyakholwa ukuthi ngelinye ilangaelikhazimulayo Uyosibiza emhlabeni, noma singabaisipunu esigcwele imilotha futhi. Sikufakazisa kanjani na?

Page 10: ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

10 IZWI ELIKHULUNYIWE

Asikufakazisi. Siyakukholwa. Asicelwa ukuthi sifakazise nomayini. Sicelwa ukuba sikukholwe.55 Ngokukholwa uMose wenza okuthize nokuthize. FuthinjengoMose, njengensizwa, wabuka ngefasitela lesigodlo,ezigqileni, wabona isigejane esifanayo samakhekhebaokungcola, ezingcolile, izigqila ezigcwele udaka uFaroazibonayo.56 Futhi ngenkathi uFaro ebabuka, namaGibhithe,babengelutho ngaphandle kwesigejane sezigqila. Yilokhokuphela ababelunge kukho; ukuthi babe nje abaxovi bodaka,ukuthi benze izitini zodaka ukuze kuzuze amadolobha uFaroayewakha. Yileyondlela amaGibhithe noFaro ababebuka ngayoizigqila.57 Kodwa uMose, ngenkathi ebabuka, kwakungukubukaokwehlukile uMose ayenakho. Ngesikhathi ebone, edlulangasefasiteleni, izigodi ezinkulu ebusweni babo, izinyembeziezehlela ezihlathini zabo, nemizimba yabo egobile,wababuka njengebantu bakaNkulunkulu. Akazangeababuke njengezigqila. Wababuka njengabantu abakhethiwebakaNkulunkulu.58 Futhi, o, njengoba ngihamba ngale, amazwengamazwe, nasesizweni ngesizwe, ngishumayela! Kusukelangashiya iminyango yalelitabernakele elincane, lesosikole senhlanganisela yamahlelo, esingenamthethokodwa uthando, esingenancwadi kodwa iBhayibheli,futhi kungenasivumukholo kodwa uKristu, ngizamileukubuka abantwana bakaNkulunkulu, nakulaba onqatshiwe,njengabantu bakaNkulunkulu abakhethiwe nabaqokiwe.Angibabuzi ukuthi bangabeTabernakele likaBranham yini.Angibabuzi ukuthi ngabe bangamaMethodisti yini, noma ukuthibangamaPresbyterian, noma ukuthi ngabe bangamaPentecostal,noma amaNazarini, noma iPilgrim Holiness. Ngifuna njeukubabuka njengabantu bakaNkulunkulu. Futhi uma ngibonaukwenza kwabo nesenzo sabo, ukuthi bayizinceku zeNkosiuNkulunkulu. Futhi inhliziyo yami ifisa ukuhlanganyela nabo,akunandaba ukuthi banaluphi uphawu. Ngilangazelela njeinhlanganyelo yabo. Ngiyabathanda ngoba ngiyazi ukuthibangabantu bakaNkulunkulu.59 Uma ngibona owesifazane eza ehla ngesitaladi, nesiketieside, nezinwele zakhe zenziwe kahle ngemuva, futhi—futhi egqoke ingubo ebukeka ihloniphekile; futhi ngibonaomunye udade omncane, mhlawumbe unyaka ofanayo, egqokeizikhindi; angahle abe, ukube ubukeka, emuhle ngokuphindwekabili njengowesifazane nje onezinwele ezinde, ngokubukakwalelizwe, kodwa ngizothatha uhlangothi lwami nayelontombazana egqoke njengomKristu. Nakuba bengamhleka,futhi bembiza ngohlanya, nokho, ngizothatha uhlangothi

Page 11: ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

NGOKUKHOLWA, UMOSE 11

lwami. Angahle angabi muhle njengalenye intombazane,ngokuma, kodwa ubona into ethize. Ngokukholwa ubona LowoOngabonakali, Ohola ukuphila kwakhe.60 Uma ngibona indoda emsebenzini, ebizwa nge “dikoni,”noma “umshumayeli,” noma “uhlanya,” ngoba ingafuniukubhema, nokuphuza utshwala, nokuya emidansweni,njengabanye, bese ibizwa ngo “hlanya,” inhliziyo yami iyakuye. UnguMfowethu, ezansi emhlabeni waleGibhithe, lokhokwenza inhliziyo yethu ilangazelele ukumemukela futhisithi, “Mfowethu, singabafokazi nezihambi, zalelizwe, futhingilangazelela ukuhlanganyela nawe.”

UMose kwadingeka enze ukukhetha, ukukhethangokukholwa.61 Zingaki izinsizwa ezingabe zaligxumela ithuba lokubayindodana yendodakazi kaFaro! Zingaki izinsizwa ezingabezaligxumela ithuba uMose ayenalo, ukuthokozela zonkeizinjabulo nobukhazikhazi bezwe, ukuba yinkosi yaseGibhithe,ukuba nezwe lonke ezinyaweni zakhe! “Into ewubuwulakanje pho,” ukuthi izinsizwa zosuku lwakhe ezifanele ukuthizakucabanga, “ngesikhathi uMose akhetha ukuthatha indawoyakhe nabahlushiwe nabantu abahluphekile bakaNkulunkulu.”62 Wakwenzelani na? Ngokukholwa, uma ephakamisa amehloakhe, wabuka ngale kobukhazikhazi balelizwe. Wabuka ngalekobumnandi besono. Futhi iBhayibheli lasho ukuthi waqiniselaukumbona Yena Owayengenakubonwa, ngokukholwa, futhiwenza isinqumo sokukhonza lowoNkulunkulu kungakhathalekiukuthi kwenzekani.63 Akukaguquki. Abaningi bethu bangaya kulokhoesingakubiza ngesakhiwo esincono. Singathokozela,mhlawumbe, inhlanganyelo nobumnandi bokuhlala ezihlalweniezingcono. Mhlawumbe singahle sidume kakhulu, ukuphuzanokubhema, nokugqoka nokwenza njengezwe. Kodwayin’indaba na? Uphakamise amehlo akho, futhi ngokukholwauyaMbona Ongabonwayo, futhi uthathe isinqumo ukumanabenqatshiwe nababizwa ngabagingqiki abangcwele bosuku.Ngoba ngokukholwa siyaMbona Ongabonwayo, ukukhethaukuhlushwa ngezinhlupho nokuhlupheka.64 Ngingeke ngasho kubantu ukuthi bafanele bakhetheukuhlushwa. Angisho ukuthi nifanele nikhethe ukuhlushwa.Kungeke kube ubuntu ukukwenza. Kodwa uma ukuhluphekakulele endleleni yomsebenzi, ngakho asikuthathe njengobakuza. Angifuni ukuthi nenze into ethize nenzele umuntuthizeni ukuthi ahlekise ngani. Ngingeke ngathanda ukuthinisho izinto ezehlukile, ukuthi, “Ngiyi…Ngingowalelibandlaelingakholelwa kokuthize-thize, kokwezwe,” nezinto ezinjalo,ukuthi nje wenze abantu bahlekise ngawe. Uzilethela wenalokho. Ngingeke ngisho kuwe ukuthi phuma lapha futhi

Page 12: ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

12 IZWI ELIKHULUNYIWE

uqhubeke nokwenza okuthize okwakwehlukile. Ngingekengifune wena wenze lokho, ukuze umuntu othize athiuwuhlanya. Uzilethela wena lokho. Kodwa uma kuleleendleleni yomsebenzi kuNkulunkulu, yekela izwe lisho abafunaukukusho. Qhubeka nokuphila.

Yenza ukukhetha. Wonke owesilisa noma owesifazaneufanele enze lokhu.65 Ukube-ke uFaro ubengabona lokho okwabonwa nguMosekhona-ke? Wabona ukuhlupheka kwabantu. Wayazi ukuthiyini inhlawulo okwakumele ayikhokhe. Kodwa ngokukholwawakukhetha, esikhundleni sokuba nobumnandi besono.66 Kukhona mhlawumbe omncane, odade abancane abahlezilapha, njengabesifazane abancane ababukeka kakhulu. Izwelingathanda ukuthi kini, “Yenzani kanje nakanje. Umuhle.Umzimbawakho ume kahle. Ufanele ukuveze lokho.”67 Kodwa, dadewethu, phakamisa amehlo akho beseubuka ngale kwalokho, kuYe owathi, “Kuyisinengiso ukubaowesifazane agqoke ingubo engeyowesilisa.”68 Uma amadoda abantu emphakathini wakini, umaabesifazane ohlanganyela nabo, bathi, “Gunda lezozinweleezinde zisuke. Kuzophola. Kuzoba yilokhu, lokho, nomaokunye.” Noma, “Kuzokwenza ubengcono.” Ungalokothiukulalele lokho!69 Wena phakamisa amehlo akho, futhi ngokukholwawaMbonaowathi, “Izinwele zowesifazane ziludumo kuye, futhi angekeazigunde.”70 Uma bethi, “Uzoduma. Uzoma kahle nomsebenzi wakho,noma nomphathi wakho, uma ungaphuza kokuzijabulisa. Umaungabhema ugwayi njengabo bonke abanye abesifazane, ungabangozijabulisayo kakhulu komakhelwane.”71 Ngokukholwa phakamisa amehlo akho futhi ubuke kuYeOwathi, “Ngcolisani lomzimba, futhi Ngizowubhubhisa.”Ngokukholwa siyazikholwa lezozinto. Akulutho okubonile.Yinto oyikholwayo. Ngokukholwa, uMose wenza.72 Futhi kuloluhambo lokukholwa, kuza isikhathi laphokumele kube nokukhetha.73 ULoti wenza lelophutha elibuhlungu esilenzayo. Izikhathieziningi sizikhethela lokhu okuzosilungela. Sikhetha izintoezizobangcono.74 Ngesinye isikhathi uma kunokuhilizisana kufika ebandleni,futhi omunye athi, “Yebo-ke, idikoni noma umelusiungakuloluhlangothi.” Ungakubuki lokho. Buka kulokhookulungile. Khipha leyonto futhi uzilethe zombili ndawonye.Lokho ngubungcwele.

Page 13: ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

NGOKUKHOLWA, UMOSE 13

75 Kukhona ukukhetha. Futhi siyazikhethela ngokwethu.Sikhetha into ezosilungela.76 Kodwa uMose wakhetha izinhlupheko nehlazo, ukuzeakwazi ukuhamba nabantu bakaNkulunkulu. Cabangangakho manje. Kulalele. “Wakhetha izinhlupheko zabantubakaNkulunkulu, futhi wakubalela njengengcebo enkulu, ngobawaqinisela, embona loWo Ongabonwayo.”

Manje, uLoti, ngesinye isikhathi, wadingeka enzeukukhetha.77 Futhi kungahle ukuba, kulokhu ukusa, ukuthi kuzobaabesilisa nabesifazane abahlezi lapha, ozokwenza ukukhethakwakhe kokugcina. Uyilokho oyikho namhlanje, ngobaeminyakeni embalwa eyedlule wakhetha ukuba yilokho oyikhomanje. Futhi lokho okukhetha manje yikho okuzonquma ozobayikho eminyakeni eyisihlanu kusukela namhlanje. Iminyakaeyisihlanu kusukela namhlanje ungahle ube isithunywasenkolo. Iminyaka esiyihlanu kusukela namhlanje ungahle ubengumKristu ongusaziwayo.78 Noma, iminyaka eyisihlanu kusukela namhlanje ungahleube sesihogweni, ngoba wenze isinqumo esingesiso. Iminyakaeyisihlanu kusukela namhlanje ungahle ube ngowasha izitshaendlini yokuphuza utshwala. Iminyaka eyisihlanu kusukelanamhlanje ungahle ube yisifebe esitaladini.79 Noma, ungaba mhlawumbe owesilisa noma owesifazane o—olusizo emphakathini, ngenxa yokukhetha kwakho kukaKristu.Iminyaka eyisihlanu kusukela namhlanje ungahle ubeseNkazimulweni, uhambile waya oHlwithweni, ngoba wenzeukukhetha kwakho namhlanje.80 Kodwa ufanele ukhethe. Futhi ungakubuki lokhookubonayo. Khetha lokho okubona ngokukholwa. Yileyokuphela into ezosebenza, yilokho okukhetha ngokukholwa.81 ULoti, njengoba kwakufanele enze ukukhetha. UAbrahamaunika uLoti ukukhetha kwakhe.82 Futhi uNkulunkulu ukunika ukukhetha kwakho. “Khethaninina namhlanje ukuthi ngubani enizomkhonza.” Ensimini yase-Edeni kwakunesihlahla so—sokwazi, neSihlahla sokuPhila.Umuntu wanikezwa ithuba lokukhetha noma kulokhoabekufisa. Futhi kukanjalo nanamhlanje. Unikezwe ithubalakho, njengabantu bokuzikhethela, ukuthi ukhethe noma yiniofuna ukuyikhetha.83 Iseluleko sami kini, ukuthi, ungabuki izinto zesimanjemanje eduze nawe, nodumo nobukhazikhazi ongabayibo. Kodwa khetha, kunalokho, ngokukholwa, Loyoonika isethembiso ukuthi ngelinye ilanga Uzofika futhiuyoqondisa konke ukugwegwa, futhi uzoninika ukuPhilaokuPhakade, futhi anivuse. Akunandaba uma uthatha indlela

Page 14: ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

14 IZWI ELIKHULUNYIWE

edelelekile nabambalwa beNkosi, yenza lokho kukhetha.Uma kunezinkathazo esandleni, uma kunezinkathazo ezweni,uma kunezinkathazo ebandleni, uma kunezinkathazo ekhaya,akunandaba ukuthi ikuphi, yenza ukukhetha kwakho,“Ngokukholwa, ngizokhonza uNkulunkulu. Ngizothobisainhliziyo yami eBukhoneni baKhe. Ngizothatha indlelanabantwana bakaNkulunkulu. Ngibabona bedelelekile futhibenqatshiwe, futhi benqotshiwe futhi kwahlekiswa ngabo,kodwa ngizoqhubeka ngithathe indawo yami yokusebenzela.Ngizohlala kuyo. Futhi uma bekhala, ngizokhala kanyenabo. Futhi uma kunosizi, ngizodabuka kanye nabo. Indlelaabayiphilayo, ngizoyiphila.”84 NjengoNawomi owathi…Noma, uRuthe wathi kuNawomi,“Izindlela zakho mazibe izindlela zami. Izindlela zamimazibe izindlela zakho. Lapho uhlala khona, ngohlala.Lapho uyakhona, ngiya khona. UNkulunkulu omkhonzayouzoba nguNkulunkulu wami.” Thatha lokho kukhetha,nakuba kudonsa kususe lesosikhumba sikanembeza wakho,obecabanga ukuthi uwutho. Zihlanze wena uqobo futhiuthathe indlela yakho nabeNkosi abambalwa abadelelekile,futhi uhlale wethembekile ensimini yomsebenzi nasendaweniyokusebenzela.85 ULoti waqalaza. Wathi, “Nginokukhetha.” Futhi wabukangaseSodoma. Wabona amasimu agcwele utshani ukuthiayengcono kunalokho uAbrahama akubona, nalaphouAbrahama ayekade ekhona. Wawabona amathuba okudlisaizinkomo zakhe, ukuba nezikhuluphele nezinkomo ezingcono.86 Ngiyethemba angilimazi mizwa yamuntu. Kodwa lesobekuyisinqumo sabashumayeli abaningi, ukuba baxegisengeVangeli, becabanga ukuthi bathola imali eningingakho. [UMfowethu Branham ushaya izandla zakhekathathu—Umhl.] Ithikithi lokudla! Ngingamane ngihlaleendaweni engatheli lutho, ngidle, ngiphuze engatsheni,futhi ngidle amaqebelengwane e-soda, kunokuthi ngixegiseekuqinisekeni kokukholwa kwami eZwini likaNkulunkuluophilayo. Ngizothatha indlela yami.87 Abanye babo bathi, “Billy, yini indaba ngenkonzo yakho,njengoba kunamaPentecostal amaningi kakhulu kuyo.”Umshumayeli omkhulu wehlelo washo lokho.

Ngathi, “Ihlelo lakho lingazixhasa yini izinkonzo zami na?”88 Kungekho kade, ephephabhukwini iLook, ngiyakholwa,kwakunendatshana ebhaliwe. Futhi lombhali wathi lapho,wakhuluma ngabantu bamaPentecostal. Wathi, “IbandlalePentecostal yibandla elikhula ngokushesha kunawoonke emhlabeni namhlanje.” Ngani na? Kungoba abesilisanabesifazane baphakamise amehlo abo base bebuka buqamama.

Page 15: ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

NGOKUKHOLWA, UMOSE 15

89 Nalombhali wabancoma futhi abantu bamaPentecostal.O, kusobala, wathi, “Bekunabanye babo abahamba bedlova,nokunjalonjalo. Kodwa, iMethodisti ikhonza isivumokholo.Bakhonza uNkulunkulu ngesivumokholo. IBaptisti yenzaokufanayo, namaPresbyterian. Kodwa iPentecostal ikhonzangeBhayibheli lakhe.”90 Ngokukholwa sibona isethembiso. Ngizothatha inkathoyami kanye nabo, akunandaba ukuthi badeleleke kangakanani,inqobo ngingomunye wabo. Nakuba kuhlekiswa ngabo, futhibewa-bevuka, njengoba uIsrayeli enza, ngingeke ngifuneukuma nomprofethi wamanga eceleni kwegquma, uBalamu,futhi ngizame ukuqalekisa lokho uNkulunkulu akubusisile.Ngoba, kuleyonkambu kuneDwala elashaywa, noMhlatsheloonegazi, neNsika yoMlilo. Akunandaba ukuthi bakukuphi,kubaholela ngqo ekunqobeni, futhi bafanele beze kuyo, ngobabangabantu abethenjisiwe abahamba ngokukholwa. Nakubabengesilo ihlelo, babeyilaba ozulazulayo lapho, futhi kanjalo-ke nabantu bakaNkulunkulu. Kodwa ngifuna ukuthathaindlela yami kanye nabo, ngibajoyine ezigabeni zabo; hhayiehlelweni labo, Kodwa enhlanganyelweni yabo emibhalwenikaMoya oPhakade kaNkulunkulu, lokhu ukuthi, ngokukholwangiwemukele umbhaphathizo kaMoya oNgcwele. Nkulunkulungisize ngihlale nginalesosimo somqondo.91 Qaphelani. Besaqhubeka beya phambili, sithola ukuthiuLoti wabona amathuba ezinkomo ezi—ezikhuluphele. Abaningibabona amathuba ezincwajana zamasheke ezikhuluphalisiwe.Abaningi ubona amathuba okuma kangcono emphakathini.Wabona amathuba okwenzeka amadola angeziwe ambalwa.Wabona amathuba angenzeka ukuthi abe umphathi-dolobha. Ngokuba ngumuntu oyisihambi, nendoda ekhaliphekakhulu, njengoba wayenjalo, “Mhlawumbe ngizoba yindodaeyisikhulu salelidolobha.” Wabona amathuba angenzeka ngobaayendlalwe phambi kwakhe. Kodwa akawubonanga umliloowawuzobhubhisa izwe. Akazange azibuyise yena uqobo,ukuthi izwe laligcwele isono, futhi uNkulunkulu kwadingekaalibhubhise.92 Futhi, namhlanje, abantu bazama ukuzibuyisa bona uqobongokuthi, “Ngabe u…?”

Ngiyaye ngithi, “Ngabe ungumKristu na?”93 Bathi, “NgingumMelika.” Lokho akukaphathelaninakho nakancane kunokuzama ukuthi igwababa laliyixoxo.Akukaphathelani nhlobo nakho. [UMfowethu Branham ushayaizandla zakhe kanye—Umhl.]94 Lona owesifazane uzobhujiswa, ngoba uNkulunkuluunobulungiswa. Futhi uma iMelika iphunyuka nezonozayo, ukulunga nokuzibusa, uNkulunkulu ongcwele ufaneleabophezeleke ukuba—ukuba avuse iSodoma neGomora futhi

Page 16: ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

16 IZWI ELIKHULUNYIWE

axolise kulo ngokulishisa aliqede, ngenxa yesono salo; umaEsivumela siphunyuke ngakho.95 Uma enivumela nifike eZulwini ngalemisebenzi yenuengenabulungiswa, Uzofanele avuse uAnaniyase noSafira futhiabanike elinye ithuba. Yena uyokwenza impela. KodwaUlungile.UAnaniyasewabona imali yakhe. UPetruwabona uKristu.96 O, hhe! ULoti akakubonanga ukubhujiswa kwabantwanabakhe kuleyondawo.97 Abaningi benu, namhlanje, ababambelelekulezizivumokholo ezindala eziyisitashi nezinto, anikuboniukuziphatha kabi kwabantwana nokubhubhiswa kwabantwanabenu. Awuyiboni indodakazi yakho endlini yesifebe. Awuyiboniindodana yakho idakwa, noma isetafuleni lokudlala emakhadindawo ndawo.98 “Ngoba uniselwe kahle.” Futhi isono asithintwa.Akazange ambone umkakhe, inhloko yazozonke izinhlanganozemiphakathi, waguquka waba isiduli sikasawoti, ngesikhathiebuka. Akazange ambone yena ephunyuka ngesamagundwane,edolobheni elincane ndawo ndawo, ngokuphila kwakhe.Akazange akubone lokho, ngoba wabuka kuphela lokhoayekubona phambi kwakhe.99 Kodwa, uAbrahama, akaliqaphelanga izwe eliniselekekahle, ngokuba waphakamisa amehlo akhe futhi wabonaikusasa, ngoba uzodla ifa lakhokonke. UmKristu wangempelanamhlanje uphakamisa amehlo akhe futhi ubona isethembisosikaKristu: “Babusisiwe abamnene ngoba bayokudlaifa lazozonke izinto. Bayodla ifa lomhlaba.” UmKristuwangempela, ngokukholwa, ubuka phezulu abone lokho. Mbizengalokho ofuna ukumbiza ngakho. Waphakamisa amehlo akhe.Futhi ngesikhathi enza lokho, uNkulunkulu wathi, “Abrahama,hamba ezweni, elakho lonke.” Ngokukholwa, uAbrahama wenzalokhu; ukukholwa okufanayo uMose ayenakho.100 Kwabhalwa ngomunye umhlaziyi, owasho lokhu.Ngicabange ukuthi bekungamagama amahle kakhulu. UkuthiAbra-…“uMose wathatha okuhle kunakho konke komhlabafuthi wakubeka esikalini sinye; nokubi kakhulu kwenkolo, futhiwakubeka kulesi esinye isikali; futhi okubi kakhulu kwezenkolokwedlula okuhle kunakho konke komhlaba ngesisindo.”101 Kunjalo-ke nanamhlanje, ukuthi uma sibizwa nganomayini esifuna ukubizwa ngayo, “izinhlanya,” noma “abaphilisingokukaNkulunkulu,” noma “umgingqiki oNgcwele,” noma yiniabafuna ukuyibiza. Okubi kakhulu esiyikho okuzokwedlulaokuhle kakhulu izwe elingakwazi ngesisindo. Bafuna ukubizwange “fashini endala, umuntu omdala onombono wefashiniendala, uhlanya.” Kuzokwedlula into enhle kakhulu udeveliangabanayo ukukunikeza yona. Impela izokwenza.

Page 17: ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

NGOKUKHOLWA, UMOSE 17

102 UMose wakhetha ukuthukwa ngenxa kaKristu. WabonauKristu ngaphambili. Kamuva wakhuluma amagamaanamandla anogqozi ngaYe. “Niyabo, iNkosi uNkulunkuluwenu izonivusela umprofethi onjengami.” Wayazi. WaMbonangaphambili, futhi wakhetha ukuthukwa ngenxa yaKhenjengemicebo emikhulu kunobukhazikhazi bezwe.103 Mngani ongumKristu, namhlanje, ningekwenze lokho na?Futhi bonke ubukhazikhazi nodumo lwezwe, ngokukholwa,siyambona Yena lowo owathembisa. Futhi okubi kakhulukwebandla namhlanje, kusosonke isimo salo, nokhoLizokwedlula yonk’into ngesisindo leyo udeveli angakunikezayona. Uma sidabukile, uma sidabuke saba yizicucu, umasididekile futhi sidabukile, emahlelweni nasekuhlanyeni,lizokwedlula noma yini ngesisindo udeveli angakunika yona.Impela.104 Wakhetha ukuthukwa ngenxa kaKristu njengemiceboemikhulu kunayoyonke iminotho yaseGibhithe. Ngakho-kekwadingeka enze okuthize. Washiya iGibhithe. O, ngiyalithandalelogama. Washiya iGibhithe. Niyabo, wayebuka efasitelenielifanayo, kodwa wayebuka ngokwehlukile kuFaro. UkubeuFaro wayesibonile isiphetho sakhe na? Ukube uFarowayesibonile isizwe sakhe siminza na? UMose wasibona.Kanjani na? Ngesayensi na? Ngokukholwa, uMose wasibona.Yonk’into ayeyeyenza yayingokukholwa, ngoba uNkulunkuluwethembisa uAbrahama, ubaba wakhe, ukuthi Uzo—Uzovakashela lesisizwe emva kweminyaka engamakhuluamane, futhi uzobakhipha. Futhi ngokukholwa, uMosewalikholwa iZwi uNkulunkulu alisho, futhi wayezazi yenauqobo, njengokukholwa, ukuthi uzokhethwa abe ngumholiwokubakhipha. Wayazi ukuthi wayekuphi. Wathatha indawoyakhe emigodini yodaka, njengomxovi wodaka, futhiwabala ukuthukwa ngenxa kaKristu njengemicebo emikhulukunokuhlala esihlalweni sobukhosi baseGibhithe. Wathatha…Akazange ake athi, “Ngiyazwelana nakho.” Wathatha indawoyabo futhi wahamba nabo! Udumo ku…Wathatha indawoyabo. Wahamba nabo.105 Akumangalisi lombhali onogqozi wathi:

Ngizothatha indlela nabeNkosi abadelelekileabambalwa.

Ngiqale kanye noJesu, manje ngizophumelangale.

Ngisendleleni yami eya ezweni laseKhenani.(Impela.)

106 UMose. Kwashiwo ngomunye ukuthi uMose wayekhetheesikhundleni sokuthi, ngesikhathi wayefanele abe yindodanakaFaro futhi wayenobukhazikhazi bezwe, wathi angamaneabe yindodana kaAbrahama kunokuthi angaba yindodana

Page 18: ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

18 IZWI ELIKHULUNYIWE

kaFaro. Indodana kaAbrahama, odelelekile, kunokuthi angabayindodana kaFaro, inkosi.107 Ngingamane ngibe yindodana yeNkosi uJesu, nencekuyaKhe esikanye nayo, futhi ngithathe indawo yaminabantu abenqatshiwe balomhlaba, kunokuba nguMengameliwaleUnited States of America enkulu, noma ukuba nguElvisPresley, noma uPat Boone, noma ngubani ofuna ukukwenzayena. Ngizothatha indlela yami.108 Amanenekazi amancane afanele athathe indlela yawo.Esikhundleni sokuba ngu—nguMary Pickford, noma isihlabaniesithize samafilimu, intombazane yobukhazikhazi, thathaindlela yakho nabadelelekile beNkosi abambalwa.109 Ngingamane ngibe ngumshumayeli epulpiti, ngishumayeleimicebo kaKristu engehlolakale, kunokuba isihlabani sefilimusaseHollywood, noma umuntu omkhulu emhlabeni. Uma kubizaukuthi ngidle okungenamsoco, ngicele, noma ngabe yiniokumele ngiyenze, ngizothatha indlela yami nabantu beNkosi.Ngokukholwa, ngenza lokho. Nginikezwe ithuba. Kodwa,ngomusa kaNkulunkulu, ngisabona ngokukholwa.

Ngokukholwa ngikubona kude le;NoBaba wethu ulinde endleleni,Ukusilungisela indawo yokuhlala Lapho.

110 Indoda yentela yenzuzo engenayo yathi, ngelinye ilanga,“Kungani ushintshe ikhaya lakho laba yilelosonto na? Yiniekwenze unikele ngekhaya elibiza izinkulungwane zamadolaezingamashumi amabili nesihlanu kulelotabernakele elidalaelibukeka lingudoti na?”111 Ngathi, “Akusilo ibandla elangenza ngakwenza.Ngababantu abalapho.” Anginalutho nhlobo yezinto zalelizwe.Wonke upeni wemali engake ngayithatha ngawulethakulelibandla. Ngani na? Ukukholwa kwami kukuNkulunkulu,futhi hhayi ezintweni zalelizwe. Ukuthinteka kwami ngothandookwaphezulu. Futhi ngiyakholwa nonke kunjalo, umanikahle noNkulunkulu. Kuliqiniso, ukuthi nikahle. Thina,ngokukholwa, siyemukela. Thina, ngokukholwa, sikholwauNkulunkulu.112 UMose, kwadingeka enze ukukhetha. Futhi-kekwadingeka, emva kokwenza ukukhetha, kwadingeka alwenalokhukukholwa, khona-ke, ngoba wayengalwesabi ulakalwenkosi. Manje, ngokobuntu, wayenelungelo lokwesabaulaka. Wayenelungelo lokwesaba ulaka lwenkosi, kodwaakakwenzanga. Akakwenzanga, ngoba wayenomsebenziokwakumele awenze, futhi wayesemgqeni womsebenzi. Futhiwayengenandaba ukuthi iNkosi ithini ngakho. Wathatha indlelayaKhe ngokufanayo.113 Manje, uFaro, kusobala, uma ebona ukuthi wehluliwe,wayefuna ukunika uMose nabantwana…Wathi, “Kulungile,

Page 19: ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

NGOKUKHOLWA, UMOSE 19

ngizokutshela ukuthi ngizokwenzani. Nina nonke hlalani laphaezweni bese niphuma niyokwenza imihlatshelo kuNkulunkuluwenu.”114 Yileyondlela-ke asebenza ngayo udeveli. “O, ungabangokholwayo. Kungani ungayi ngale futhi ujoyine ibandlaelithize na? Awufanele wenze zonke lezizinto.” Indoda ithikumkayo…115 Unkosikazi uthi, “Myeni, ngisindisiwe. Akusekhoukwenza izinzipho, noma ukupenda umlomo nezinto.Akusekho okwalokhu. Awasekho amaphathi. Akusekho luthookwalezizinto ezezinhlangano. Ngiphumile kukho! Ngizofakaisikhathi sami ekufundeni iZwi, nginakekele ikhaya.”116 “Manje, buka, s’thandwa. Wena, ungaba okholwayo,kulungile. Manje, buka, hamba u—uye ngalapha. Uthole ibandlaelingesilo.”117 Cha, awunalo. Ukwelikahle. Uma unomshumayeliozoshumayela lokho kuwe, ufanele uhlale nalo. Hlola emuvaemiBhalweni uthole ukuthi ngabe lokho kuyikho yini.118 “O,” wathi, “hamba uye ngalapha. Abafanele—abafaneleukwenza lokho ngalapha. Niyabona? Abakwenzi lokhongalapha.” Yileyondlela…“Hamba nje kangako.” Kodwaakafuni ukuthi uphume kulelizwe. Yileyondlela udeveli enzangayo. Akafuni ukuthi uphume ezintweni zezwe; woza nezwenje kanye nebandla.119 Kolunye usuku, ngehla ngomgwaqo, ngavula umsakazowami. Futhi kwakune—neculo, futhi ngaqhubeka nokulalela,futhi kwadingeka ngithathe, cishe, leliculo ngiliqede,ngaphambi kokuthi ngikwazi ukusho ukuthi laliyiculolokukholwa kwangempela, noma udeveli uzama ukwehliselaphansi izinto zikaNkulunkulu ziye esigabeni sezwe. Ungekeukwenze lokho! Nkulunkulu yiba nomusa!120 Anginandaba ukuthi mangaki amarekhodi omculoawabhalayo uElvis Presley, awowonke lamaculo amnandiokukholwa. Uselokhu uphethwe ngudeveli. Wathumelaabantwana abaningi esihogweni, nayoyonke leminyakazoengiyaziyo, kuwowonke umhlaba kulolusuku. UPat Boonenalaba abanye babo, ungowechurch of Christ; noElvis Presley,uyiPentecostal; bangoJuda iSkariyothe, esimeni salawomadoda.Udeveli uzama ukuletha izinto eziphakeme zikaNkulunkulu,ukuze bazihlanganise lapha phansi. Lababantu bangekebabuke ngaphezulu, Lokhu. Babuka lapha nje, bathi, “Yebo-ke,kuyafana konke nje.” Akufani. Phumani ezweni.121 Wathi, “Ningahamba nje izinsuku ezimbalwa. Futhihambani, nihlale ezweni.” Impela, wayazi ukuthi babezobuya.Wase-ke ethola ukuthi lokho bekungeke kusebenze, ngakhowacabanga okunye okwehlukile. Wathi, “Ngizonitshela ukuthinenzeni. Qhubekani niphume niye noma yikuphi lapho nifuna

Page 20: ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

20 IZWI ELIKHULUNYIWE

ukuya khona, kodwa shiyani wonke amakhosikazi enu, bonkeabantwana benu, nazozonke izinkomo zenu, emuva lapha.Bashiyeni lapha, bese niyaphuma.” Ngoba, wayazi ukuthibanemphahla emuva lapho, ezobadonsela emuva.122 Futhi yilokho udeveli akushoyo kuwe. Kuphela nje umauzoshiya ezinye zezinto zezwe zilenga kuwe, usafuna ukubhema,ufuna kuphuza, ufuna ukugqoka njengezwe, lokho kukahlenjengoba udeveli efuna.123 Ngizwa okuningi mayelana nokuhlubuka. Angikholwaukuthi kunokuningi ngakho ukuhlubuka njengoba abantubecabanga ukuthi kungako. Bashiya nje izimpahla zabo eziningikakhulu eGibhithe ukuba zibadonsele emuva, yilokho-ke.Ukuhlubuka akusikho lokho abathi yikho. Nishiye okuningikakhulu kwezwe emuva lapho, okukudonsayo.124 Mfowethu, ngiyakutshela, ngesikhathi uIsrayeli elungela,phakathi nobusuku, babenayo yonke into ababenayokulomhlaba, ipakishiwe futhi belungele ukuhamba.125 Nkulunkulu sithumelele imvuselelo enjengaleyo. Sipakisheyonk’into, bese silungela ukuhamba. Ukumemeza kwaphakathinobusuku kuyeza, “Phumani niMhlangabeze.” Kuzoba kuhleuyipakishe yonke into. Kungcono ungabi nalutho, lelizwe,elikudonsela emuva, nanezintambo ezizokubamba. Pakisha.Asilungele. Siyahamba.126 Futhi niyazi ukuthini? Ngiyanitshela, babethembekilekuNkulunkulu, waze uFaro waxhuxhuma phakathi nobusuku,wathi, “Phumani! Phumani, futhi nihambe. Thathani konkeeninakho, futhi nihambe!”127 Ngiyathokoza kakhulu ukuthi indoda ingaphila eduzekakhulu noNkulunkulu, aze udeveli angasazi ukuthi kumeleenzeni ngaye. Kunjalo. Phumani! Qhubekani nihambe!Thobelani uNkulunkulu!128 Ngokukholwa, wasibona isethembiso. Umxovi wodaka,noma kungekho mxovi wodaka, wathatha indlela yakhekanye nabeNkosi abambalwa abadelelekile. UFaro wathi,“Thathani konke okwenu eninakho niphume lapha! Angisaziukuthi kumele ngenzeni ngani.” Wayethembekile kakhulukuNkulunkulu, ngokukholwa.129 Ukukholwa kuzokwenza izimangaliso, uma uzohlalangokwethembeka kuNkulunkulu. Ngokukholwa, siyaMbona.

Isikhathi sethu siphelile; sesishayile isikhathi.130 Kodwa, ngokukholwa, kulokhu ukusa, phakamisa amehloakho. Awukuboni okuseduze nawe, lelizwe lesimanjemanje,kodwa buka ubone Yena Onikeza isethembiso. IBhayibheli lathi,“Asiziboni zonke izinto ngokuphelele manje, kodwa siyambonauJesu.” Wena buka kuYe, kulokhu ukusa, nezindlela zakhozizoguqulwa.

Page 21: ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

NGOKUKHOLWA, UMOSE 21

131 Sisakhothamisa amakhanda ethu, umzuzwana nje, senzelaizwi lomkhuleko. Kwangathi iNkosi ingenezela izibusiso zaYoeMlayezweni.132 Cabanga enhliziyweni yakho manje. Ngabe bewulokhuubuka izinto zezwe na? Ngokukholwa, ngabe uyambonauJesu na? Ngabe ubuke odumweni lwakho, lwebandla lakhona? Ngabe ume kanjani maqondana nenhlalakahle ezweni?Noma, uyambona uJesu Lowo, ngozwelo, azibeke Yenauqobo esandleni sangakwesokudla soMkhulu phezulu, Owezaukubulawelwa inkolo, olungile enzela abangalungile na? Ungekeyini waphakamisa amehlo akho ubone lesoSihlahla sokuPhilangale na? Ngakho-ke, shiya lesisihlahla sesayense nolwazi, beseukhonza Yena.133 Ungathanda ukukhunjulwa emkhulekweni ngingakakhulekina? Phakamisa isandla sakho, nganoma yisiphi isicelo ongahleubenesidingo saso. UNkulunkulu akubusise. Uyasibona isandlasakho.134 Uma uyisoni, phakamisa amehlo akho bese uyabuka manje.Umabewulokhu ungenandaba, uma bewulokhu unokuhilizisanaokuncane nezinto ezincane, kwenza mehluko muni na? Uzofakwelinye lalamalanga. Luphi usuku na?Mhlawumbe namhlanje!Awazi. Ehoreni kusukela manje, ungahle ubesesihogweni, nomaungahle ubeseZulwini. Kodwa ufanele ukhethe manje. Umakukhona noma yini empilweni yakho okungakalungi, khethamanje, ngokukholwa.135 Wena uthi, “Awu, uma ngingaziphindisela naye owesifazane!Uma uma ngingaziphindisela naye owesilisa!” Akunandabaukuthi benzeni, khetha ukuPhila. Khetha ukuPhila.136 Ngokuba, uJesu wathi, “Uma enhliziyweni yakho ungaxoleliwonke umuntu iziphambeko zabo, kanjalo noBaba wakhooseZulwini angeke akuthethelele nawe.” Ngakho sondelakangako. Uma kukhona esisodwa isikweletu onaso nomuntuothize, isoni noma ongcwele, usengozini yomlilowesihogo.137 Manje phakamisa iso lakho. Ubonani na, isitha sakho na?Noma, uyambona yini uMsindisi wakho na? Ubukani kulokhuukusa na?138 Uma ugula, futhi nodokotela wakho uthi ungeke usinde,phakamisa iso lakho, ulibhekise esiphambanweni, laphoAlinyazwa khona ngenxa yeziphambeko zethu, ngemivimboyaKhe saphiliswa. Ungabuki kulokho okushiwo ngudokotela;usebenza kwisayensi. Ukukholwa kusebenza ezingenilikaMoya noNkulunkulu. Akesicabange ngalezizinto manjenisaphakamise izandla zenu. UNkulunkulu uzibonile.

Asikhuleke.139 O Nkulunkulu oPhakade, ekuthuleni kwalokhu kukhonzamanje, emva kokuba uMlayezo sewuphumile, ungazivumeli

Page 22: ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

22 IZWI ELIKHULUNYIWE

lezozinhlanganyelo zeZwi laKho, Nkosi, ziwele emhlabathiniongamatshe. Ungawuvumeli uMlayezo, Nkosi, uwele emhlathinielinameva, emeveni, ukuthi iminako yalokhu kuphila(njengoLoti) ingahle iyiminyanise, ekugcineni, ibe ngelahliwe.Kodwa, O Nkulunkulu obusisekile, ayiwele kwemihle, evundileimihlabathi, ezinhliziyweni ezizisolayo. Nakweyami, futhi,Nkosi, ukuthi sonke singabuka engilazini kaNkulunkuluyokubuka, futhi sibone ibandla leNkosi uJesu elenqatshiwe,abantu abenqatshiwe, indlela enqatshiwe, futhi kwangathisingahamba kulendlela ekhazimulayo.140 NjengoMose, wayengazi ukuthi uyaphi. Abantu babengaziukuthi bebayaphi. Bebangazi ukuthi iyiphi indlela ababefanelebahambe ngayo. Baqala nje.141 Futhi, O Nkosi Nkulunkulu, njengoba leliculo elihlelisadlalwa, ngokukholwa siyalibona leloZwe buqamama.Akube manje nje, lapho abesilisa nabesifazane lapha bengekebacabange ukuthi izwe lizothini, noma bazohamba kanjani.Kwangathi bangaphakama emoyeni, futhi bahambe.142 UMosewalandela ukuKhanya, futhi Kwamhola waya ezwenilesethembiso. Engazi ukuthi uyaphi, kodwa nje wahambaekuKhanyeni, ukuya kulelozwe elalilihle kunosuku.143 Siphe, Nkosi, namhlanje, ukuthi abaningi lapha bazohambaekuKhanyeni komBhalo nasenhlanganyelweni kaMoyaoNgcwele, kanye neBandla; iBandla, iZibulo, abantwanaabasanda kuzalwa abemukele uKristu, futhi abagcwaliswengoMoya oNgcwele, beholwa nguMoya. Kwangathisingahamba kulenhlanganyelo, ndawonye, emibhalwenikaNkulunkulu, siMkhonza ngombhabhathizo, ngokuthobaekufeni kwaKhe, ukungcwatshwa, nokuvuka kwabafileyo.Kwangathi singaMkhonza emyalweni waKhe othi, “LindanieJerusalema nize nigcwaliswe ngaMandla avela Phezulu.”Kwangathi singaMkhonza ekuphiliseni ngokobuNkulunkulu,ekukhulekeleni abagulayo. Kwangathi singaMkhonza esidlweniseNkosi, ekuhlephulweni kwesinkwa, ngobunye benhliziyo,enhlanganyelweni ngaseZwini likaNkulunkulu. KwangathisingaMkhonza kuyoyonke imibhalo yaKhe yobuNkulunkulu,lize leloZwe libonakale. Siphe khona, Nkosi. Yizwa umthandazowethu, sisakunikela konke kuWemanje, eGameni leNkosi uJesu.144 Manje namakhanda ethu ekhotheme, ngokuthula, ngesineke,ake nje sicule leliculo. Manje lokhu ngukukhonza. Umlayezosewuphelile. Akekho ohambayo. Thulani nje. Asikhonze.145 Umlayezo uyalungisa. Cabangisisa manje ngalokhookwenzile, lokho obewufanele ukwenze, lokho okukwenzelokho oyikho namhlanje. Lokho okukwenza ube ngolahliwe,namhlanje, ngoba wenze into ethize izolo. Kuzobanjanikusasa na? Kulungise namhlanje, futhi uzokhululeka kusasa.Niyabo? Ufanele wenze ukukhetha. Ungakwenza kanjani na?

Page 23: ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

NGOKUKHOLWA, UMOSE 23

“Ngokukholwa, manje sengikhulula yonk’into. Sengiyakhulula,futhi ngelinye ilanga ngiya khona Ngale.”

Kwelimnandi khona maduzane,Siyakuhlangana kulelo elihl-…

Dumisani nje iNkosi emoyeni wenumanje.Kwelimnandi khona maduze,Siyakuhlangana naleloBandla elidelelekile.(Hamba kanzima, kodwa sohlanganangelinye ilanga.)

KuBaba wethu onikeza izidingo ophezulu,Sizonikela izethulo zethu zendumiso,Ngenxa yesipho esimangalisayo sothandolwaKhe,

Nezibusiso ezingcwelisa okwethu…Nalabo beNkosi abambalwa abadelelekile, ngokukholwa,

ngiyakhetha.Kwelimnandi (kwelimnandi) maduze…(khona maduze)

Siyakuhlangana kulologu oluhle; (khonamaduze)

Kwelimnandi (kwelimnandi) khona maduze,Siyakuhlangana kulologu oluhle.KuneZwe eli…

Khonzani nje Yena. Lokhu ngukukhonza.…kukholwa ngiyalibona,

Ngokukholwa ngenza ukukhetha kwami.O, uBaba uyalinda…

146 Ngiyababona bonke abeNkosi Ngale; uMfowethu George,uMfowethu Seward, bonke abangcwele.

…thina indawo yokuhlala Lapho. (Yebo,Nkosi!)

Elimnandi…147 Ubaba wakhe, uHoward, uEdward, bonke abangani abadalaabangcwelisiwe abathatha leNdlela, emuva le, esikhathini esidekakhulu.

Kwelimnandi (Yebo, Nkosi!) khona maduze(khona maduze),

Siyakuhlangana kulologu oluhle.Siyakucula kulolo oluhl-…(O Nkulunkulu!)Amaculo amtoti ababusisekile, (UdumokuNkulunkulu!)

…sayophinde sidabuke,Kungasekho kukhathazekela izibusisozaleyoNdawo egcwele yokuphumula.

Page 24: ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

24 IZWI ELIKHULUNYIWE

Kwelimnandi, elimnandi khona ma…(khonamaduze)

Siyakuhlangana kulolo oluhl-…

Page 25: ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

NGOKUKHOLWA, UMOSE ZUL58-0720M(By Faith, Moses)

LomMlayezo ngo Mfowethu William Marrion Branham, okokuqala wethulwangesiNgisi ngeSonto ekuseni, ngo Julayi 20, ngo 1958, eTabernakelelikaBranham eJeffersonville, eIndiana, U.S.A., uthathelwe ekuqophenikweteyipu enozibuthe futhi washicilelwa ungafinqiwe ngesiNgisi. Lokhuukuhunyushwa ngesiZulu kwashicilelwa futhi kwakhishwa yiVoice Of GodRecordings.

ZULU

©2017 VGR, ALL RIGHTS RESERVED

VOICE OF GOD RECORDINGS, SOUTH AFRICA OFFICE

58 DISA ROAD, ADMIRAL’S PARK, GORDON’S BAY 7140 WESTERN CAPE

REPUBLIC OF SOUTH AFRICA

VOICE OF GOD RECORDINGS

P.O. BOX 950, JEFFERSONVILLE, INDIANA 47131 U.S.A.www.branham.org

Page 26: ZUL58-0720M NgokuKholwa, UMose VGRdownload.branham.org/pdf/ZUL/ZUL58-0720M By Faith Moses... · 2018-05-24 · intela yemali engenayo kuwowonke upeni engiwuthathile, njengomfundisi,

Inothisi yelungelo langokomthetho

Onke amalungelo agodliwe. Lencwadi ingaprintwa kwiprinta yasekhaya yenzelwe okuqondene nomuntu noma inikezelwe, ngesihle, njengethuluzi ukusabalalisa iVangeli likaJesu Kristu. Lencwadi ingethengiswe, iphinde ikhiqizwe zibe ningi, iposwe kwiwebsayiti, igcinwe ngohlelo lokuthi iphinde itholakale, ihunyushelwe kwezinye izilwimi, noma isetshenziselwe ukuzicelela izimali ngaphandle kwemvume ebhaliwe eshiwoyo ye Voice Of God Recordings®.

Ngolwazi olwengeziwe noma olwenye impahla ekhona, siza uxhumane ne:

Voice of God RecoRdinGsP.o. Box 950, JeffeRsonVille, indiana 47131 U.s.a.

www.branham.org