1389
OKUPHAKATHI / OKUQUKETHWE OKUPHAKATHI / OKUQUKETHWE OKUPHAKATHI / OKUQUKETHWE OKUPHAKATHI / OKUQUKETHWE INKOLO YEZULU ELISHA NESONTO ELISHA NGOKUPHELELE NANGOKWEMINININGWANE YAYO (n.1-3) ISAHLUKO 1 UNKULUNKULU UMDALI UBUNYE BUKANKULUNKULU (i) Zonke iziBhalo eziNgwcele kanye nazo zonke izimfundiso ezisuselwe kuzo zamasonto ezwe loBukhrestu,zifundisa ukuthi kukhona uNkulunkulu futhi Munye......(n.5-7) (ii) Kukhona umngenela ovela kuNkulunkulu ezintweni zonke,ongena emiphe-fumulweni yabantu othi kukhona uNkulunkulu,nokuthi Munye......(n.8) (iii) Ngalesisizathu, emhlabeni asikho nesisodwa isizwe esinenkolo nengqondo ecabanga iqondise,kepha besiphika ukuthi uNkulunkulu ukhona nokuthi Munye (n.9, 10) (iv) Mayelana nohlobo lwaKhe loNkulunkulu,izizwe nabantu bayahlukana,nana-muhla basehlukene ngenxa yezizathu ezithile eziningi......(n.11) (v) Ingqondo yomuntu ingase ikuzwe,ikuthole ngokusukela ezintweni eziningi emhlabeni wemvelo,ukuthi uNkulunkulu ukhona,uma nje ithanda,nokuthi Munye (n.12)

OKUPHAKATHI / OKUQUKETHWEOKUPHAKATHI / … › bundles › ncbsw...(iv) UBuntu,uNkulunkulu azithuma ngaBo Yena weza ezweni,yiBona iNdodana kaNkulunkulu (n.92-94) (v) INkosi yazenza

  • Upload
    others

  • View
    1

  • Download
    0

Embed Size (px)

Citation preview

  • OKUPHAKATHI / OKUQUKETHWEOKUPHAKATHI / OKUQUKETHWEOKUPHAKATHI / OKUQUKETHWEOKUPHAKATHI / OKUQUKETHWE

    INKOLO YEZULU ELISHA NESONTO ELISHA NGOKUPHELELE

    NANGOKWEMINININGWANE YAYO (n.1-3)

    ISAHLUKO 1

    UNKULUNKULU UMDALI

    UBUNYE BUKANKULUNKULU

    (i) Zonke iziBhalo eziNgwcele kanye nazo zonke izimfundiso ezisuselwe kuzo zamasonto ezwe

    loBukhrestu,zifundisa ukuthi kukhona uNkulunkulu futhi Munye......(n.5-7)

    (ii) Kukhona umngenela ovela kuNkulunkulu ezintweni zonke,ongena emiphe-fumulweni yabantu

    othi kukhona uNkulunkulu,nokuthi Munye......(n.8)

    (iii) Ngalesisizathu, emhlabeni asikho nesisodwa isizwe esinenkolo nengqondo ecabanga

    iqondise,kepha besiphika ukuthi uNkulunkulu ukhona nokuthi Munye (n.9, 10)

    (iv) Mayelana nohlobo lwaKhe loNkulunkulu,izizwe nabantu bayahlukana,nana-muhla

    basehlukene ngenxa yezizathu ezithile eziningi......(n.11)

    (v) Ingqondo yomuntu ingase ikuzwe,ikuthole ngokusukela ezintweni eziningi emhlabeni

    wemvelo,ukuthi uNkulunkulu ukhona,uma nje ithanda,nokuthi Munye (n.12)

  • (vi) Ukuba uNkulunkulu akaMunye noma akaYedwa,indalo yayingeke idalwe ilondolozwe…..(n.13)

    (vii) Lowomuntu ongavumi ukuthi uNkulunkulu ukhona uyakhishwa ebandleni alahlwe......(n.14)

    (viii) Kulabobantu abakholwa koNkulunkulu abambalwa esikhundleni sikaNku-lunkulu

    oyedwa,akukho lutho lweSonto olusala kubo lubekhona oluyisigxila (n.15)

    UBUNKULUNKULU OBUNGUJEHOVA

    (i) LoNkulunkulu oyedwa ubizwa ngokuthi nguJehova ngokusukela eNgqo-tsheni yaKhe,ngokuba

    nguYena yedwa okhona,noyakubakhona; nangenxa yokuba uyiSiqalo neSiphelo,amaQaliso

    namaGcino,uAlpha noOmega......(n.19)

    (ii) LoNkulunkulu oyedwa uyiNgqikithi uqobo lwayo,neSimo uqobo lwaso; nezi-ngelosi nabantu

    bayingqikithi nesimo ngokusukela kuYena; nakangangoba beku-Ye naYe ekubo,kangako futhi

    bangumfanekiso waKhe bafana naYe......(n.20)

    (iii) OnguBunkulunkulu uyibo busoqotsheni lwabo,kunjalo-nje buKhona kubona

    luqobo......(n.21.22)

    (iv) UBunkulunkulu bukhona oqotsheni lwabo ngeke baveza obunye uBunkulu-nkulu

    obunguBunkulunkulu obukhona oqotsheni lwabo;ngakhoke ngeke kwaba-khona omunye

    uNkulunkulu oneNgqobo efanayo......(n.23)

  • (v) Umqondo woNkulunkulu abaningi,endulo nanamuhla,wavezwa wukuba inhlobo yoBunkulunkulu

    ayiqondakalanga......(n.24)

    UKUNGABINASIPHELO KUKANKULUNKULU, NOMA UBUKHULU BAKHE NEPHAKADE

    (i) UNkulunkulu kanasiphelo,ngoba ukhona oQotsheni lwaKhe,nazo zonke ezisendalweni zikhona

    ngokusukela ngokusukela kuYena......(n.28)

    (ii) UNkulunkulu kanasiphelo ngokuba wayekhona lingakabibikho izwe,kanjalo ungakabibikho

    umkhathi nesikhathi......(n.29)

    (iii) Selokhu umkhathi wadalwa,uNkulunkulu usemkhathini ebe engaphandle komkhathi

    nasesikhathini ebe engaphandle kwesikhathi......(n.30)

    (iv) Ukungabinasiphelo kukaNkulunkulu mayelana nomkhathi kubizwa ngokuthi

    nguBukhulu,namayelana nesikhathi kubizwa ngokuthi yiPhakade; kepha noma lokhu kulinganisa

    kukhona,akukho lutho lomkhathi eBukhulwini baKhe,nalutho lwesikhathi ePhakadeni

    laKhe......(n.31)

    (v) Wonke umuntu onengqondo ekhanyelwayo,angakubona ukungabinasiphelo kukaNkulunkulu

    ngokusukela ezintweni eziningi emhlabeni wemvelo......(n.32)

    (vi) Zonke izinto ezidaliwe zinesiphelo,nokungenasiphelo kukhongozelwe yizinto ezinesiphelo

    njengokusesitsheni sakho,kukubantu ngokungathi kuse-mfanekisweni wakho…….. (n.33,34)

  • INGQOBO KANKULUNKULU ELUTHANDO LOBUNKULUNKULU NE-NHLAKANIPHO

    YOBUNKULUNKULU

    (i) UNkulunkulu uluThando uqobo lwalo nenhlakanipho uqobo lwayo,lezizinto ezimbili ziyiNgqobo

    yaKhe......(n.37)

    (ii) UNkulunkulu unguKulunga uqobo lwakho neQiniso uqobo lwalo,ngoba uKu- lunga

    ngokoThando,neQiniso ngeleNhlakanipho......(n.38)

    (iii) UNkulunkulu, ngesizathu sokuba eluThando uqobo lwalo neNhlakanipho uqobo lwayo, kanjalo

    ungukuPhila uqobo lwakho,kusoqotsheni lwakho……. .(n.39,40)

    (iv) UThando neNhlakanipho kuNkulunkulu kwenza ntonye......(n.41,42)

    (v) Ingqobo yoThando ngukuthanda abanye abangaphandle kwalo,nokufisa ukubamunye

    nabo,nokubenza bajabule ngokusukela kulona luqobo .....(n.43-45)

    (vi) Lezizinto uThando loBunkulunkulu oluyizo,yizona ezabanga ukuba kuvele indalo yakho

    konke,yizona futhi ezenza ukuba indalo ibe ilokhu ikhona futhi ilondolozekile.....(n.46,47)

    UBUNINIMANDLONKE, NOKWAZIKONKE, NOKUBANDAWOZONKE KUKANKULUNKULU

    (i) UBuninimandlonke,noKwazikonke,noKubandawozonke kuwuhlobo loThando lobuNkulunkulu

    neNhlakanipho yoBunkulunkulu......(n.50,51)

  • (ii) UBuninimandlonke,noKwazikonke noBundawozonke koBunkulunkulu bunge -qondakale

    ngaphandle kokuba kwaziwe ukuthi yini iHlelo,nokuthi ekudaleni kwaKhe wamisa ihlelo endalweni

    nakuzo zonke izingxenye zayo......(n.52-55)

    (iii) Ubuninimandlonke bukaNkulunkulu kuyo yonke indalo nasezingxenyeni zayo

    buphuma,busebenze ngokulandelene nemithetho yeHlelo laKhe…. (n.56-58)

    (iv) UNkulunkulu wazi konke,okungukuthi,uzwa konke,ubona konke,futhi wazi zonke izinto,ngisho

    nemininingwanyana emincinci yahanjiswa ngehlelo,nango-kusukela kulokhu,wazi konke okwenziwe

    kwaphambana nehlelo......(n.59-62)

    (v) UNkulunkulu uNdawozonke kusukela emaqalisweni kuya emagcinanise-lweni ehlelo

    laKhe......(n.63,64)

    (vi) Umuntu wadalwa waba yisimo sehlelo lobuNkulunkulu......(n.65-67)

    (vii)Umuntu unamandla okulwa nobubi namanga ngokusukela eMandleni

    oBunkulunkulu,unenhlakanipho ngokusukela eKwazinikonke koBunkulunkulu; futhi umuntu

    ukuNkulunkulu ngokusukela eBundawozonkeni boBunkulunkulu kangangalelo banga aphila ngeHlelo

    loBunkulunkulu ngalo….(n.68-70)

    UKUDALWA KWENDALO

    Kakho ongaba nengqondo eyiqiniso ngokuphelele ngokudalwa kwendalo noma komkhathi uma

  • kungaqalangwa kwavezwa ulwazi oluyizesekelo ngokubanzi ukuze kukhanyiswe ingqondo......(n.75)

    Ukudalwa kwendalo okuchazwe emiLandweni ebalulekile....(n.76-80)

    _______________

    ISAHLUKO 2

    INKOSI UMKHULULI

    (i) uJehovah uNkulunkulu wehla wathabatha uBuntu ukuze akhulule asindise isizwe sabantu

    ......(n.82-84)

    (ii) uJehovah uNkulunkulu wehla eliQiniso loBunkulunkulu,eliyiZwi,kepha nokho kalahlukanisanga

    noKulunga koBunkulunkulu......(n.85-88)

    (iii) UNkulunkulu wathabatha uBuntu ngendlela yehlelo laKhe loBunkulunkulu (89-91)

    (iv) UBuntu,uNkulunkulu azithuma ngaBo Yena weza ezweni,yiBona iNdodana kaNkulunkulu

    (n.92-94)

    (v) INkosi yazenza yaba nguKulunga ngokwenza kwaYo kokusikhulula (n.95-96)

    (vi) Ngazo lezozenzo iNkosi yazihlanganisa Yona noYise, noYise wazihlanga-nisa

  • naYo......(n.97-100)

    (vii) Ngaleyondlela UNkulunkulu waba nguMuntu,noMuntu waba uNkulunkulu, Mntwini

    munye......(n.101-103)

    (viii) Inqubeko eyayibange enhlanganisweni kwakuyisimo saYo sokuzigeqa ubuntu noma

    sokuzikhiphela ngaphandle,nenhlanganiso uqobo lwayo iyisimo saYo sokudunyiswa …..(n.104-106)

    (ix) Kusukela kuleyo nkathi kakho uMkhrestu ongena ezulwini ngaphandle kokuba akholwe

    eNkosini uNkulunkulu UMsindisi [futhi aqondane naye kuphela.]......(n.107-108)

    (x) Okulandelisiweyo mayelana nesimo seSonto ngaphambi kokuza kweNkosi, nesimo salo

    ngemva kwalokho......(n.109)

    INKULULO

    (i) Uqobo lwenkululo kwaba ngukwahlulwa kwezihogo,nokuhlelwa kwamazulu okufanele,kanjalo

    kwaba ngukulungiselwa kweSonto eliSha likaMoya (n.115-117)

    (ii) Ngaphandle kwaleyonkululo,kakho umuntu owayeyobe esasindiswa,ngisho nesimo sezingelosi

    sokuphelela sasingeke sibe sisaqhubeka......(n.118-120)

    (iii) Ngokunjalo-ke iNkosi ayikhululanga abantu bodwa kepha yakhulula nezingelosi......(n.121,122)

    (iv) INkululo yabangumsebenzi wobuNkulunkulu geqé......(n.123)

  • (v) LeNkululo yayingeke yafezeka ngandlela mbe kuphela ngoNkulunkulu ophe-nduke waba

    nguMuntu......(n.124,125)

    (vi) Izinhlungu zasesiphambanweni zazingeyiyo inkululo,kepha zaziyisilingo sokugcina iNkosi

    eyasithwalayo ekubeni inguMphrofethi ongaphezu kwabo bonke; zaba yindlela yokudumisa uBuntu

    baYo......(n.126-131)

    (vii) Kuyisisekelo seSonto esiyiphutha ukukholwa ngukuthi izinhlungu zasesi-phambanweni

    zaziluqobo lwenkululo; leliphutha,selixubene nelinye elimayelana naBantu abathathu

    abangoNkulunkulu kusukela phakade,lahlanekezela lonke iSonto,kangangokuba akukho lutho

    lukamoya olusasele kulo......(n.132,133)

    ______________________

    ISAHLUKO 3

    UMOYA OYINGCWELE NENSEBENZO YOBUNKULUNKULU

    (i) UMoya oyiNgcwele yiQiniso loBunkulunkulu,namandla okufeza oBunkulu-nkulu,neNsebenzo

    yoBunkulunkulu eqhamuka kuNkulunkulu,okukuYe ubuTha-thu boBunkulunkulu,kanjalo eqhamuka

    eNkosini uNkulunkulu uMsindisi (n.139-141)

    (ii) Amandla okuFeza nensebenzo yoBunkulunkulu,okuqhanyiswa ngoMoya oyiNgcwele,ngokubanzi

    ngawokwakha busha nokuzala busha;lokhu kulandelwe ngukwenziwa musha,nokuphila

  • kabusha,nokungcweliswa nokufaneliswa;nalokhu futhi kulandelwe ngukuhlanzwa ebubini

    nokugudluzwa kwezono;kugcine kube ngukusindiswa......(n.142-145)

    (iii) Amandla okuFeza neNsebenzo yoBunkulunkulu, okushiwo ngokuthumela uMoya

    oyiNgcwele,kuwukukhanyiselwa nokufundiswa,ikakhulu kwabefundisi (n.146-148)

    (iv) INkosi isebenzisa lawamandla kulabo abakholwa kuYo......(n.149-151)

    (v) INkosi isebenza ngokwaYo isusela kuYise,ayisebenzi ngokukaYise isusela kuYona.....(n.153-

    155)

    (vi) Umoya womuntu ngumqondo wakhe nakhokonke okuphuma kuwona......(n.156,157)

    Okulandelisiweyo:- Akukho ndawo eThestamenteni eliDala lapho kuthi khona abaPhrofethi

    babekhuluma besusela kuMoya oyiNgcwele,kuthiwa babekhuluma besusela kuJehovah uNkulunkulu;

    kepha kakunjalo kwiThesta-mente eliSha......(n.158)

    UBUTHATHU BOBUNKULUNKULU

    (i) Kukhona ubuThathu boBunkulunkulu, obunguYise, neNdodana noMoya

    oyiNgcwele......(n.164,165)

    (ii) Lokhu okuthathu, uYise, neNdodana noMoya oyiNgcwele yizingqikithi ezintathu zikaNkulunkulu

    munye,ezenza ntonye,njengomphefumulo,nomzimba nezenzo kuntonye kumuntu......(n.166-169)

    (iii) LobuButhathu babungekho ungakadalwa umkhathi noma indalo; kepha emuva kokudalwa

    kwendalo,uNkulunkulu esebe nguMuntu,bahlinzekwa babakhona,babaseNkosini uNkulunkulu

  • uMkhululi noMsindisi,uJesu Khrestu (n.170,171)

    (iv) UButhathu baBantu abangoNkulunkulu kusukela phakade,noma kusukela ngaphambi

    kokudalwa komhlaba,lokho,emqondweni ngubuthathu bawonkulu-nkulu; lomqondo kawunaze

    ugudluzwe ngokuvuma ngamagama-nje omlomo ukuthi uNkulunkulu munye......(n.172,173)

    (v)UButhathu baBantu babuyinto engaziwa ngesikhathi seSonto labaPhostoli, kepha

    bachanyuselwa nguMkhandlu waseNice,base bethulwa eSontweni loBu-khatholika laseRoma,basuka

    lapho bangena nasemaSontweni aphuma kulo (n.174,176)

    (vi)Emfundisweni yaseNice nakwekaAthanasiu mayelana noButhathu,yilapho kwavela khona inkolo

    yokukholwa konkulunkulu abathathu,okuyiyona nkolo esihlanekezele lonke iSonto

    lobukhrestu......(177,178)

    (vii) Kulokhu kwasekuvela lesosinengiso sencithakalo,nalolosizi olungekho oluyobuye lufane

    nalo,iNkosi eyalubikezela kuDanieli,nakubaVangeli,nasesa-Mbulweni......(n.179-181)

    (viii) Ngaso lesisizathu,uma iNkosi yayingakhanga izulu elisha nomhlaba omusha,ngabe akukho

    nyama eyabuye yasindiswa......(n.182)

    (ix) Ngenxa yomqondo wokuthi oNkulunkulu bathathu, kuyilowo nalowo enguNkulunkulu ngokwakhe

    njengokusho kwesiVumo sokholo sikaAthanasiu, sekwavela izimfundiso eziningi ezibhimbha

    ngokwehlukehlukene mayelana noNkulunkulu, eziyinhlamba namanyala......(n.183,184)

    _____________________

  • ISAHLUKO 4

    IZIBHALO EZINGCWELE NOMA IZWI LIKANKULUNKULU

    I. Izibhalo EziNgcwele noma iZwi likaNkulunkulu yiQiniso lobuNkulunkulu uqobo lwalo......(189-192)

    II. EZwini kukhona ingqondo kamoya ebikade ingakaziwa kuze kube manje (n.193)

    (i) Ukuthi yini ingqondo kamoya......(n.194)

    ENkosini kuphuma okwezulu lamazulu koBunkulunkulu,kwezulu likamoya koBunkulunkulu kanye

    nokwezulu lemvelo koBunkulunkulu ngokulandelana (n.195)

    (ii) Ingqondo kamoya ikulo lonke iZwi nakuzo zonke izingxenye zalo.(n.196-198)

    Ngesikhathi iNkosi isemhlabeni wemvelo,yayikhuluma ngemifanelano,kanjalo nangengqondo

    kamoya; okusho ukuthi yayikhuluma ulimi lwemvelo kepha lumu-methe ingqondo

    kamoya......(n.199)

    (iii) Yingqondo kamoya eyenza ukuba iZwi lifunzelelwe ngokoBunkulunkulu nokuba onke amagama

    alo abengcwele......(n.200)

    (iv) Kuze kube manje ingqondo kamoya yeZwi ibingakaziwa; yize babeyazi

    abasendulo......(n.201-207)

    (v) Akuseyukubabikho muntu oyokhanyiselwa ingqondo kamoya yeZwi nga-phandle kwalabo

    abasemaqinisweni ayiwonawona aphuma eNkosini......(n.208)

  • (vi) Izinto ezithile ezimangalisayo mayelana neZwi engqondweni yalo kamoya (n.209)

    III.Ingqondo yamabala yeZwi yisisekelo nesiphatho nodondolo lwengqondo yaLo kamoya neyezulu

    lamazulu......(n.210-213)

    IV.Engqondweni yamabala yeZwi,iQiniso loBunkulunkulu lisekupheleleni kokugcwala

    kwalo,nasebungcweleni balo,nasemandleni alo......(n.214-216).

    (i) Amaqiniso engqondo yamabala yeZwi yiwo ashiwoyo ngamatshe aligugu okwakwakhiwe ngawo

    izisekelo zeJerusalem eliSha, (elichazwa kusaMbulo), ngenxa yomfanelwano

    yalawomatshe......(n.217)

    (ii) Ukulunga namaqiniso eZwi engqondweni yalo yamabala kufanelana ne-Urim neThummin

    emvunulweni (Efodi) kaAaron......(n.218)

    (iii) Ukulunga namaqiniso emaphethelweni,njengalokhu kunjalo engqondweni yamabala

    yeZwi,yikhona okushiwoyo ngamatshe aligugu eNsimini yase-Eden lapho kuthiwa khona inkosi

    yase-Tire yayikade ikhona (ku-Hezekia)......(n.219)

    (iv) Khona lokhu futhi kwakufanekiswe ngamakhethini, amaveyili nezinsika zethabanekeli

    kuqhamisa ingaphandle lalokho kulunga namaqiniso......(n.220)

    (v)Yikho lokho futhi okwakufanekiswe ngengaphandle lethempeli eJerusalem (n.221)

    (vi) IZwi lisebukhazikhazini balo lafanekiswa ngeNkosi mhla iguquka esinye isimo ......(n.222)

  • (vii) Amandla eZwi lisemaphethelweni lafanekiswa namaNazaretha......(n.223)

    (viii) Mayelana namandla eZwi angakhulumekiyo......(n.224)

    V. IMFUNDISO YESONTO KUFANELE ISUSELWE ENGQONDWENI YAMABALA YEZWI UKUZE

    IGXILE......(n.225,229,230)

    (i) Ngaphandle kwemfundiso,iZwi lingeqondakale......(n.226-228)

    (ii) Imfundiso kufanele isuselwe engqondweni yamabala yeZwi khona izogxila iqiniseke......(n.229-

    230)

    (iii) Iqiniso eliyilonalona,elingumthombo wemfundiso,engqondweni yamabala yeZwi lisobala kuphela

    kulabo abakhanyiselwe yiNkosi......(n.231-233)

    VI. Ngenxa yalengqondo yamabala yeZwi kukhona ukuhlanganiswa neNkosi nobudlelwane

    nezingelosi......(n.234-239)

    VII. IZwi likuwo wonke amazulu,yilo umthombo wenhlakanipho yobungelosi (n.240-242)

    VIII. Isonto likhona ngeZwi, nohlobo isonto eliyilo kumuntu lulandelene nokuqonda umuntu aliqonda

    ngakho......(n.243-247)

    IX. Kuyo yonke imininingwane yeZwi kukhona umshado weNkosi nesonto,um-phumela wawo kuba

    wumshado wokulunga neqiniso......(n.248-253)

    X. Kungase kwakheke izedukiso ngokusukela engqondweni yamabala yeZwi, kepha kuyalimaza

  • ukuzigxilisa ngobufakazi......(n.254-260)

    (i) Izinto eziningi eZwini ziyizimbonakalo zeqiniso,okucashe kuzo amaqiniso oku-

    yiwonawona......(n.257)

    (ii) Izedukiso zivezwa ngukugxilisa ngobufakazi izimbonakalo zeqiniso.....(n.258)

    (iii) Ingqondo yamabala yeZwi iyisihlangu samaqiniso ayiwonawona acashe pha-kathi

    kuyona......(n.259)

    (iv) Ingqondo yamabala yeZwi yayifanekisiwe,kanjalo iqhanyiswa eZwini ngama-

    Kherubim......(n.260)

    XI. Ngesikhathi iNkosi ilapha emhlabeni wemvelo yagcwalisa zonke izinto zeZwi, ngalokho yaba

    yiZwi, okungukuthi yaba yiQiniso loBunkulunkulu uqobo lwalo,ngi-sho

    nasemaphethelweni......(n.261-263)

    XII. Ngaphambi kweZwi leli elikhona emhlabeni,kwakukhona elinye iZwi elala-hlekayo......(n.264-

    266)

    XIII. NgeZwi,nabo labo abangaphandle kweSonto,bengenalo,banakho ukukha-nya......(n.267-272)

    XIV.Ngaphandle kweZwi akukho muntu owengaba nalo ulwazi ngoNkulunkulu na –

    ngezulu,nangesihogo,nangempilo esemva kokufa,ikakhulu ngoNkulunkulu (n.273-276)

  • ISAHLUKO 5

    IKHATHEKISEMU NOMA IMITHETHO ELISHUMI ICHAZWE NGOKWENGQO-

    NDO YANGAPHANDLE NANGOKWENGQONDO YANGAPHAKATHI.

    I. Esontweni loBuIsrael imiThetho eliShumi yayingubungcwele uqobo lwabo; mayelana nobungcwele

    bomphongolo owawuhlala umThetho......(n.283-286)

    II. Engqondweni yamabala imithetho eyishumi iqukethe imiyalo yenkolo nempilo ngokubanzi; kepha

    engqondweni kamoya nasengqondweni yezulu lamazulu iqukethe yonke imiyalo

    ngokubanzi......(n.287-290)

    III. Umyalo wokuqala: Ungabi nabo abanye onkulunkulu ngaphambi kwaMi (n.291-296)

    IV. Umyalo wesibili: Ungaliphathi kalulana igama likaNkulunkulu wakho;ngokuba uJehovah

    kayikusho ukuthi kanacala oliphatha ngeze igama laKhe....(n.297-300)

    V. Umyalo wesithathu:Khumbula usuku lweSabatha ukuba ulugcine lube ngcwe --le.Uyakusebenza

    izinsuku eziyisithupha uwenze wonke umsebenzi wakho;ke-pha usuku lwesikhombisa yiSabatha

    kuJehovah uNkulunkulu wakho...... (n.301-304)

    VI. Umyalo wesine: Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze zandeizinsuku zakho uhlale kahle

  • ezweni......(n.303-308)

    VII. Umyalo wesihlanu: Ungabulali......(n.309-312)

    VIII. Umyalo wesithupha:Ungaphingi......(n.313-316)

    IX. Umyalo wesikhombisa:Ungebi......(n.317-320)

    X. Umyalo weshiyagalombili:Ungafakazi ngamanga ngomakhelwane wakho (n.321-324)

    XI. Umyalo weshiyagalolunye noweshumi: Ungafisi indlu kamakhelwane wa-kho;ungafisi umfazi

    kamakhelwane wakho,nasisebenzi sakhe,sesilisa nesesi-fazane,nenkabi yakhe,nembongolo

    yakhe,noma lutho luni olungolukamakhe-lwane wakho......(n.325-328)

    XII. ImiThetho eliShumi iqukethe konke okumayelana nothando lokuthanda lukaNkulunkulu,nakho

    konke okuphathelene nothando lokuthanda umakhe-lwana......(n.329-331)

    ______________________

    ISAHLUKO 6

    INKOLO

  • ISandulelo: Inkolo ngeyokuqala esikhathini,kepha ukulunga ngokokuqala maye-lana

    nenhloso......(n.336)

    I. Inkolo esindisayo yinkolo yokukholwa eNkosini uNkulunkulu uMsindisi,uJesu Khrestu......(n.337-

    339)

    Njengoba unguNkulunkulu obonakalayo okukuYena kukhona okungenakubonakala......(n.339)

    II.Inhlanganisela ephelele nengqikithi yenkolo ngukuthi,lowo ophila kahle futhi ekholwa

    ngokuyikho,uyasindiswa yiNkosi......(n.340-342)

    Isiqu sokuqala senkolo yokukholwa kuYo wukuvuma ukuthi uyiNdodana kuNku-lunkulu......(n.342)

    III. Umuntu uzuza inkolo ngokuya eNkosini, afunde amaqiniso eZwini,bese impi-lo elandelene

    nawo......(n.343-348)

    (i) Mayelana nokubakhona kwenkolo,ingqobo yayo,isimo sayo nesakheko sayo......(n.344,seq)

    (ii) Mayelana nenkolo yemvelo geqe,eyinkolisa elingisa inkolo......(n.345-348)

    IV. Amaqiniso athile ahlangana sengathi enza ntonye,ayayiphakamisa futhi ayi-phelelise

    inkolo......(n.349-354)

    (i) Amaqiniso enkolo anokwanda ngokungenamkhawulo......(n.350)

    (ii) Amaqiniso enkolo emi ngohele,kanjalo,ngokungathi emi izixuku......(n.351)

  • (iii) Inkolo ipheleliswa ngokulandelene nobuningi nokuhlangana kwamaqiniso

    (n.352,353)

    (iv) Amaqiniso enkolo,noma angaze abe maningi kangakanani,noma angabo-nakala

    ehlukehlukene kangakanani ngezinhlobo,enze ntonye eNkosini…(n.354)

    (v) Ukuthi iNkosi iyiZwi,uNkulunkulu wezulu nomhlaba, uNkulunkulu wayo yonke inyama,

    uNkulunkulu wesivini noma weSonto,uNkulunkulu wenkolo,uKukhanya uqobo

    lwakho,iQiniso,nokuphila okungunaphakade,kukhonjisiwe eZwini…(n.354)

    V. Inkolo engenakulunga akuyona inkolo,nokulunga okungenayo inkolo akuyikho ukulunga,kukho

    kokubili akukho okunempilo ngokwakho ngaphandle kwevela eNkosini......(n.355-361)

    (i) Umuntu uyakwazi ukuzizuzela inkolo......(n.356)

    (ii) Umuntu uyakwazi ukuzizuzela ukulunga......(n.357)

    (iii) Umuntu uyakwazi futhi ukuzizuzela impilo yenkolo neyokulunga......(n.358)

    (iv) Nokho akukho lutho lwenkolo noma lokulunga noma lwempilo yakho koku-

    bili oluvela kumuntu,kepha luvela eNkosini kuphela......(n.359)

    (v) Umahluko phakathi kwenkolo yemvelo nenkolo kamoya;ekamoya ivela

    eNkosini,ikweyemvelo......(n.360,361)

  • VI. INKOSI, NOKULUNGA, NENKOLO KWENZA NTONYE, NJENGEMPILO, NENTANDO

    NENGQONDO KUMUNTU; UMA KWAHLUKENE KUYABHUBHA NGAKUNYE NJENGE

    PHARELE LICOYISEKE LABA YIMVUTHU...... (n.362-367)

    (i) INkosi ingena kumuntu ngalolonke uThando lwaYo loBunkulunkulu, ngayo yonke iNhlakanipho

    yoBunkulunkulu,kanjalo ngayo yonke iMpilo yaYo yobuNku-lunkulu......(n.365)

    (ii) Ngalokho-ke iNkosi ingena kuwowonke umuntu ngayo yonke ingqikithi yenkolo nokulunga.

    (iii) Lezozinto ezingena zivela eNkosini kumuntu umuntu uzamukela ngokula-ndelene nesimo

    sakhe nesakheko noma nohlobo lwakhe......(n.365)

    (iv) Kepha umuntu owahlukanisa iNkosi,nokulunga,nenkolo uwuhlobo noma isakheko

    esingamukelekiyo,oluzibulalayo lezizinto......(n.367)

    VII. INKOSI NGUKULUNGA NENKOLO KUMUNTU, NOMUNTU UNGUKULU -NGA NENKOLO

    ENKOSINI......(n.368-372)

    (i) Kungukuhlanganiswa noNkulunkulu okwenza ukuba umuntu abe nokusindi-

    swa nempilo yanaphakade......(n.369)

    (ii) Ukuhlanganiswa noNkulunkulu uYise akunakwenzeka, kepha kuphela

    kukhona ukuhlanganiswa neNkosi,ukuze kuxhumaneke noNkulunkulu uYise

    (n.370)

    (iii) Ukuhlanganiswa kweNkosi nomuntu kuyenanana,okungukuthi umuntu uba

    seNkosini,neNkosi iba kumuntu......(n.371)

  • (iv) Lokhu kuhlanganiswa kweNkosi nomuntu okwenananayo kufezwa ngokulu-

    nga nenkolo......(n.372)

    VIII.UKULUNGA NOMA ISISA SENHLIZIYO NENKOLO KUNDAWONYE EMISEBENZINI

    ELUNGILEYO......(n.373-377)

    (i) Ukulunga wukuthanda okulungileyo,nemisebenzi elungileyo wukwenza

    okulungileyo ngokusukela othandweni lokulungileyo

    (ii) Ukulunga nenkolo yizinto ezintanta nje emqondweni ngaphandle kokuba

    zisimamiswe ngezenzo noma nini nxa kutholakala ithuba,zibe ndawonye

    ezenzweni......(n.375,376)

    (iii) Ukulunga kukodwa,ikakhulukazi inkolo iyodwa, akuyikhiqizi imisebenzi

    elungileyo,kepha imisebenzi elungileyo ikhiqizwa wukulunga nenkolo ku-

    hlangene......(n.377)

    IX. KUKHONA INKOLO YEQINISO, NENKOLO ENGESIYO EYEMPELA, KU-BEKHONA

    NENKOLO YOKUZENZISA......(n.378-381)

    Isonto loBukhrestu,kusukela ebuntwaneni balo bokuqala ngqá,laqala uku-

    khathazeka nokudatshulwa phakathi ngukwahlukana nesedukiso

    (kukhulunywa ngakho lokho ku n. 378)

    (i) Inkolo okungukuphela kwayo eqinisileyo yinkolo yokukholwa eNkosini uNku

  • -lunkulu,uMsindisi uJesu Khrestu; nalenkolo ikulabo abakholwa nguYe uku-

    thi uyiNdodana kaNkulunkulu,noNkulunkulu wezulu nomhlaba,nokuthi mu-

    nye noYise……..(n.379)

    (ii) Inkolo engeyona eyempela yileyo eyahlukileyo kuleyo eyodwa yeqiniso,

    ekulabo abakhwela ngenye indlela,abenza iNkosi sengathi ayiYona uNkulu-

    nkulu kepha ingumuntu nje phaqa......(n.380)

    (iii) Inkolo yokuzenzisa akuyona inkolo......(n.381)

    X. KWABABI AYIKHO INKOLO......(n.382-384)

    (i) Ababi abanankolo, njengoba ububi bungobasesihogweni,kepha inkolo

    ingeyasezulwini......(n.383)

    (ii) Labo ezweni loBukhrestu abalahla iNkosi neZwi,yize bephila impilo enhle

    bekhuluma,beloba ngokungathi banokuqonda nangayo inkolo imbala,kaba-

    nankolo......(n.384)

    _________________

    ISAHLUKO 7

  • UKULUNGA NOMA UTHANDO LOKUTHANDA UMAKHELWANE, NEMISE-BENZI

    ELUNGILEYO

    I.KUKHONA IZINTANDO EZINTATHU EZINKULU; UTHANDO LOKUTHANDA

    THANDA IZULU,NOTHANDO LOKUTHANDA IZWE,NOTHANDO LOKUZI-

    THANDA ......(n.394-396)

    (i) Intando nengqondo......(n.397)

    (ii) Ukulunga neqiniso......(n.398)

    (iii) UThando ngokubanzi......(n.399)

    (iv) Uthando lokuzithanda nothando lomhlaba ikakhulukazi......(n.400)

    (v) Umuntu ongaphandle nomuntu ongaphakathi......(n.401)

    (vi) Umuntu wemvelo nomuntu wemizwa yenyama geqé......(n.402)

    II. LEZIZINTANDO EZINTATHU, UMA ZIHLELEKE NGOKULANDELANA

    OKUFANELEYO, ZENZA UMUNTU ABE NGOPHELELEYO; KEPHA UMA

    ZINGAHLELEKILE ZALANDELANA NGOKUFANELEYO, ZIYAMHLANEKE-

    ZELA ZIMPHENDUKEZELE UMUNTU......(n.403-405)

    III. WONKE UMUNTU NGAMUNYE UNGUMAKHELWANE OFANELE ATHA-

    NDWE, KEPHA UKUTHANDWA KWAKHE KULANDELENE NOHLOBO

  • LOKULUNGA KWAKHE......(n.406-411)

    IV. IMIBUTHANO YABANTU,ENGAMABANDLA AMANCANE NAMAKHULU,

    NEZWE LAKUBO ELIYILAWO MABANDLA,NGUYENA MAKHELWANE

    OFANELE ATHANDWE ......(n.412-414)

    V. ISONTO LINGUMAKHELWANE OFANELE UKUTHANDWA NGISHO NA-

    NGEBANGA ELINGAPHEZULU,NOMBUSO WENKOSI UTHANDWE NGE-

    BANGA ELISEMQOKA......(n.415,416)

    VI.UKUTHANDA UMAKHELWANE, NGOKUTHE NGQO,AKUSIKHO UKUTHA-

    NDA ISIQU SOMUNTU, KEPHA NGUKUTHANDA UKULUNGA OKUKULO-

    WO MUNTU......(n.417-419)

    VII. UKULUNGA NEMISEBENZI ELUNGILEYO YIZINTO EZIMBILI EZAHLU-

    HLUKENEYO,NJENGOKUTHANDA OKULUNGILEYO NOKWENZA OKU-

    OKULUNGILEYO......(n.420-421)

    VIII.UKULUNGA UQOBO LWAKHO NGUKWENZA NGEMFANELO NANGOBU-

    QOTHO EMSEBENZINI ONGOWAKHE UMUNTU,NAKWAKWENZAYO,NA-

    KULABO ATHINTANA NABO EMSEBENZINI......(n.422-424)

    IX.IZENZO EZILUSIZO ZOKULUNGA NGUKUPHA ABAMPOFU,NOKUSIZA

    ABASWELEYO,KODWA KWENZIWE LOKHU NGOKUQAPHELA

    (n.425-428)

    X. KUKHONA IMISEBENZI YOKULUNGA EQONDENE NOMPHAKATHI,NEQO-

  • QONDENE NEKHAYA,NEMINYE IQONDENE NOKWANGASESE

    (n.429-432)

    XI.IZINTO ZOKUZIJABULISA ZOKULUNGA NGAMADILI NEZIDLO NOKUHLA-

    NOKUHLANGANYELA NDAWONYE KWEZIHLALISANI......(n.433,434)

    XII.INTO YOKUQALA YOKULUNGA NGUKUGUDLUZA UBUBI,EYESIBILI YI-

    ZENZO EZILUNGILEYO EZILUSIZO KUMAKHELWANE......(n.435-438)

    XIII. EKWENZENI UKULUNGA UMUNTU KAZINIKI IMFANELO NGENXA

    YEMISEBENZI UMA-NJE ELOKHU EKHOLWA UKUTHI KONKE UKU-

    LUNGA KUVELA ENKOSINI......(n.439-442)

    XIV. IMPILO YOKWESABA IHLAZO,UMA ITHI INJALO KODWA FUTHI IBE

    INGEKAMOYA,INGUKULUNGA......(n.433-445)

    XV. UBUHLOBO BOTHANDO OBUNGANAKILE UKUTHI ISIMILO SESIHLO-

    BO SINHLOBONI BUYALIMAZA EMVA KOKUFA......(n.446-449)

    XVI. KUKHONA UKULUNGA OKUNGEYIKHO OKWEMPELA,NOKOKUZENZI-

    SA,NOKUFILEYO......(n.450-453)

    XVII. UBUHLOBO BOTHANDO PHAKATHI KWABABI BUNOMONGO OYINZO-

    NDANO ENENGOZI ABANAYO OMUNYE KOMUNYE …..(n.454-455)

  • INKOLO YOBUKHRESTU EYIQINISO;INKOLO YOBUKHRESTU EYIQINISO;INKOLO YOBUKHRESTU EYIQINISO;INKOLO YOBUKHRESTU EYIQINISO;

    EQUKETHE

    UKHOLO LWEZULU ELISHA NOLWESONTO ELISHA KABANZIUKHOLO LWEZULU ELISHA NOLWESONTO ELISHA KABANZIUKHOLO LWEZULU ELISHA NOLWESONTO ELISHA KABANZIUKHOLO LWEZULU ELISHA NOLWESONTO ELISHA KABANZI

    __________________

    INKOLO YEZULU ELISHA NESONTO ELISHA

    1. 1. 1. 1. Lenkolo iqale yabekwa obala kabanzi ngaphambi kwemininingwane yayo, ukuze ibe

    yisandulelo somsebenzi olandelayo,futhi ibe njengesango eliholela

    emnyango wethempeli,nanjesiqoqo esiqukethe imininingwane elandelayo no- bunjani bayo. Ibizwa

    ngenkolo yeZulu eliSha neSonto eliSha ngoba izulu,eliyi-khaya lezingelosi,nesonto elakhiwe

    ngabantu,kubambisene,njengomuntu onga-phakathi nomuntu ongaphandle; kanjalo umuntu wesonto

    osekulungeni kothando okuvela emaqinisweni enkolo,futhi esemaqinisweni enkolo avela ekulungeni

    ko-thando,ngengaphakathi lakhe noma lomqondo wakhe,uyingelosi yezulu; ekulesi-simo,emva

    kokufa ungena ezulwini lapho enenjabulo khona kangangebanga le-simo sokuxhumana kothando

  • lwakhe nenkolo yakhe. Makwaziwe ukuthi lenkolo iyisandulelo,isango nesiqoqo seZulu eliSha

    elimiswa yiNkosi njengamanje.

    2. 2. 2. 2. INKOLO YEZULU ELISHA NESONTO ELISHA KABANZI INJE :-

    INkosi kusukela phakade,enguJehova,yeza emhlabeni ukuzocindezela izihogo nokuzodumisa

    uBuntu baYo; ngaphandle kwalokhu akukho muntu owayengasi-ndiswa; kanjalo bayasindiswa labo

    abakholwa kuYo.

    [2222] Lokhu kubizwa ngenkolo ngokukabanzi,ngokuba lokhu kungumnyombo wenkolo kabanzi;

    nomnyombo wenkolo kabanzi umele ukuba kuleyo naleyonto, nakuzozonke izinto zaleyonkolo.

    Kungumnyombo wenkolo kabanzi ukuthi uNku-lunkulu unguMuntu oyedwa nengqikithi yaKhe

    iyodwa,okukuyo kukhona ubutha-thu bobuNkulunkulu,nokuthi uyiNkosi uNkulunkulu uMsindisi uJesu

    Khrestu. Ku-ngumnyombo wenkolo kabanzi ukuthi kakho umuntu owayengasindiswa ngapha-ndle

    kokuza kweNkosi emhlabeni. Kungumnyombo wenkolo kabanzi ukuthi weza emhlabeni ukuba

    azosusa isihogo ekuqhoqhobaleni umuntu,nokuthi wasisusa ngokulwa naso,wasinqoba,kanjalo

    wasicindezela,wasiphoqa simthobele. Kungu-mnyombo wenkolo kabanzi ukuthi weza emhlabeni

    ukuzodumisa uBuntu baKhe ayezobuthabatha emhlabeni wemvelo,okungukuthi azobuhlanganisa

    noBunkulu-nkulu [obungumsuka wazo zonke izinto],nangalokho ufake izihogo ehlelweni na-

    ngaphansi komthetho waKhe kuze kube phakade. Nanjengoba lokhu kwakunga-fezwa kuphela

    ngezilingo ezavunyelwa nguYe ukuba zimlinge eseBuntwini ba-Khe,ngisho nesilingo

    sokugcina,esasiyiminjunju yasesiphambano,naso wasibe-

    2

    kezelela. Lena yiminyombo yenkolo kabanzi malungana neNkosi.

    [3333] Isimiso senkolo ngokubanzi ngasohlangothini lomuntu wukuthi umuntu ku-mele akholwe

    eNkosini; ngokuba ngokukholwa kuYo kubakhona ukuxhumana naYo,nangalokho kubakhona

    ukusindiswa. Ukukholwa eNkosini ngukuba nethe-mba noma iqholo lokuthi iNkosi iyasindisa;

    nanjengoba kuphela yilabo abaphila ngobuqotho abanaleliqholo,nangalokhu kushiwo ukukholwa

    kuYo. Futhi iNkosi iyakufundisa lokhu kuJohane :-

  • Lokhu kuyintando kaBaba,ukuba yilowo nalowo okholwa yiNdodana abe nokuphila

    Okuphakade (vi.40);

    futhi:-

    Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade;kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona

    ukuphila,kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe (iii.36).

    3333.... INKOLO YEZULU ELISHA NESONTO ELISHA NGOKWEMINININGWANE ikanje:-

    UJehova uNkulunkulu unguthando uqobo lwalo nenhlakanipho uqobo lwayo, noma ungukulunga

    uqobo lwakho neqiniso uqobo lwalo; namalungana neqiniso loBunkulunkulu,eliyiZwi,futhi

    elalinguNkulunkulu okuNkulunkulu,wehla wathaba-tha uBuntu ngenhloso yokufaka ehlelweni zonke

    izinto ezabe zisezulwini,nazo-zonke izinto ezabe zisesihogweni,nazozonke izinto ezabe

    zisesontweni; ngokuba ngaleyonkathi amandla esihogo ayesengaphezulu kwamandla

    ezulu,nasemhla-beni amandla obubi ayesedlondlobele ngaphezu kwamandla okulunga,nangenxa

    yalokho ukubhubha geqé kwesintu kwase kumi kusikaza emnyango waso. Leyo ngozi yokubhubha

    kwabantu eyabe isizokwenzeka maduzane,yasuswa nguJe-hova uNkulunkulu esebenzisa uBuntu

    baKhe obabuyiqiniso loBunkulunkulu,ka-njalo wakhulula izingelosi nabantu,nokuyilapho ahlanganisa

    khona noBuntu ba-Khe iqiniso loBunkulunkulu nokulunga koBunkulunkulu noma inhlakanipho yoBu-

    nkulunkulu nokulunga koBunkulunkulu; kanjalo wabuyela eBunkulunkulwini ba-Khe ayekubo

    kusukela phakade noBuntu baKhe obudunyisiwe futhi eseBuntwini

    BaKhe obudunyisiwe. Konke lokhu yikho okushiwoyo ngalamazwi kuJohane:-

    ULizwi wabe enoNkulunkulu,noNkulunkulu wabe enguLizwi. ULizwi waba yinyama (i.1,14);

    kuye futhi uJohane:-

  • Ngaphuma kuBaba,ngize emhlabeni; futhi ngishiya umhlaba ngibuyela kuBaba (xvi.28);

    nangalamazwi:-

    3

    Siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu ifikile,isinikile ukuqonda ukuze simazi oQinisileyo; sikuye

    oQinisileyo,kuYo iNdodana yaKhe uJesu Khrestu.Lo unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila

    okuphakade (1 Johane v.20).

    Kulamazwi kuyachacha ukuthi ngaphandle kokuza kweNkosi emhlabeni,kakho umuntu

    owayengasindiswa. Kusenjalo nanamhlanje; ngakhoke ngaphandle kokuza kweNkosi emhlabeni

    okwesibili eyiqiniso loBunkulunkulu,eliyiZwi,kakho ongasindiswa.

    [2222] IMINININGWANE YENKOLO OHLANGOTHINI LOMUNTU yile:-

    (1) UNkulunkulu munye,kuYe kukhona ubuthathu boBunkulunkulu,iNkosi

    UNkulunkulu uMsindisi uJesu Khrestu uyilowo Nkulunkulu.

    (2) Inkolo esindisayo ngukukholwa kuYe.

    (3) Ububi abumele ukwenziwa,ngokuba bungobukadevela,futhi buphuma

    kudevela.

    (4) Ukulunga kumele kwenziwe,ngokuba kungokukaNkulunkulu,futhi

    kuphuma kuNkulunkulu

    (5) Ukulunga kumele kwenziwe ngumuntu ngokusengathi kwenziwa nguye

    ;kodwa umuntu kumele akholwe wukuthi kwenziwa yiNkosi ikumuntu

    ngomuntu

    Imininingwane emibili yokuqala iphathelene nenkolo,emibili elandelayo ipha-thelene nesisa

    senhliziyo,nowesihlanu uphathelene nokuhlangana kwesisa senhliziyo nenkolo,kanjalo nokuhlangana

    kweNkosi nomuntu.

  • _______________________

    ISAHLUKO I.ISAHLUKO I.ISAHLUKO I.ISAHLUKO I.

    UNKULUNKULU UMDALI

    4. 4. 4. 4. Kusukela ngenkathi iNkosi isemhlabeni,iSonto loBukhrestu seledlule ema-bangeni

    ambalwa,kuqala ebuntwaneni balo kuze kube sekugugeni kakhulu kwa-lo. Ubuntwana balo

    babungenkathi yabaphostoli,lapho babeshumayela ukuphe-nduka nenkolo eNkosini uNkulunkulu

    uMsindisi kuwowonke umhlaba. Ukuthi ba-beshumayela lokhu kusobala kulamazwi eZenzweni

    zabaPhostoli:- Uphawuli wafakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa eNko- sini yethu uJesu Khrestu (xx.21).

    4

    Kuyiqiniso eligqamile ukuthi ezinyangeni ezimbalwa ezidlulile,iNkosi yabizela abafundi baYo

    abayishuminambili ndawonye,manje sebeyizingelosi,yabathumela kulolonke izwe likamoya nomyalo

    wokuba bashumayele ivangeli kabusha,nje-ngoba isonto elalimiswe yiYo ngabo lase liphele

    kangangoba akusasele ngisho nomndondo walo; nalesisenzeko sokuthunywa kwabafundi kabusha

    ezweni lika-moya senzeke ngoba ubuthathu boBunkulunkulu sebuhlakazwe baba ngabantu

    abathathu,yilowo nalowo enguNkulunkulu neNkosi. [2222] Ngenxa yalokhu,amanwe-le mambe

    asegasele ukholo nesonto lobuKhrestu elethiwa ngegama leNkosi. Lokhu kubizwa ngamanwele

    ngoba imiqondo yabantu isiyasanganiswa yilemfu-ndiso kangangoba abantu abasazi noma

  • uNkulunkulu munye noma bathathu. Ngezindebe zomlomo bathi uNkulunkulu munye; kodwa

    emcabangweni womqo-ndo bathi bathathu; ngalesisizathu umqondo nezindebe

    zomlomo,okungukuthi, umcabango nenkulumo kuyaphikisana;nomphumela walokhu kuphikisana

    nguku-thi kakho uNkulunkulu. Inkolo yemvelo,okuyiyona evame kakhulu namuhla,iphu-ma

    kulomsuka. Ake uhlaziye,uma uthanda,ukuthi uma izindebe zomlomo zikhu-luma ngoNkulunkulu

    oyedwa,kodwa umqondo ucabanga ngabathathu,lapho leziziphakamiso zidibana ngaphakathi,esinye

    saleziziphakamiso asisesuli yini esinye. Ngalesisizathu,uma umKhrestu ecabanga

    ngoNkulunkulu,kusuke kuwu-mcabango wegama elithi Nkulunkulu,ongenamqondo osukela elwazini

    ngoNku-lunkulu. [3333] Umqondo kaNkulunkulu,nalolonke ulwazi ngaYe seluhlakaziwe,kuyi-nhloso

    yami ukudingida ngokulandelana okuhlelekile,ngoNkulunkulu uMdali,nge-Nkosi uMkhululi,ngoMoya

    oNgcwele uMsebénzi,okokugcina ngobuthathu boBu-nkulunkulu,ukuze osekuhlakaziwe kubuyiselwe

    esimweni sakho esiyisonasona, esiphelele;okuyisimo esifezeka lapho umqondo womuntu ukholiswa

    yiZwi nawu-kukhanya okuphuma kulo ukuthi kukhona ubuthathu boBunkulunkulu,nokuthi ubuthathu

    buseNkosini uNkulunkulu uMsindisi uJesu Khrestu,njengomphefumulo nomzimba

    womuntu,nokuphuma kulezizinto; nokuthi lesisiphakamiso esiVumwe-ni sase-Athanasiya siyiqiniso:-

    KuKhrestu uNkulunkulu nomuntu,noma uBunkulunkulu noBuntu,akukubili, ko-dwa kukumuntu

    oyedwa; nanjengoba umphefumulo nomzimba kungumuntu oye-dwa,ngakhoke uNkulunkulu

    noMuntu kunguKhrestu oyedwa

    ______________________

    5

  • UBUNYE BUKANKULUNKULU

    5. 5. 5. 5. Njengoba ukuvuma ukuthi uNkulunkulu ukhona ngokusukela ekwazini ngaYe kuwuqobo

    lwengqikithi nomnyombo wakhokonke okokholo,kudingekile ukuba ubunye bukaNkulunkulu kube yibo

    obudingidwa ngabo kuqala. Lokhu kuzokho-njiswa ngokulandelana kwakho kulezizigaba

    ezilandelayo:-

    (1) Zonke ziphela iziBhalo eziNgcwele,kanye nezimfundiso ezisuselwe kuzo zamasonto ezwe

    loBukhrestu,zifundisa ukuthi kukhona uNkulunkulu,nokuthi munye.

    (2) Kukhona umngenela ovela kuNkulunkulu ezintweni zonke,ongena emi-phefumulweni

    yabantu othi kukhona uNkulunkulu,nokuthi munye.

    (3) Kulo lonke izwe akukho sizwe,esithi sinayo inkolo,futhi sinayo ingqondo ecabanga

    iqondise,kepha besiphika ukuthi ukhona uNkulunkulu nokuthi munye.

    (4) Mayelana nohlobo lwaKhe loNkulunkulu oyedwa,izizwe nabantu bayehlu-kana,nanamuhla

    basahlukana ngenxa yezizathu ezithile eziningi.

    (5) Ingqondo yobuntu ingase ikuzwe,ikuthole ngokusukela eziningi ezweni lemvelo ukuthi

    ukhona uNkulunkulu,uma nje ithanda,nokuthi munye.

    (6) Indalo yayingeke idalwe ilondolozwe ukuba uNkulunkulu wayengemunye.

    (7) Umuntu ongavumiyo ukuthi ukhona uNkulunkulu uyakhishwa ebandleni alahlwe.

    (8) Umuntu ongavumiyo ukuthi uNkulunkulu oyedwa ukhona,kepha evuma ukuthi

    baningi,akukho lutho lweSonto olusala kuye lubekhona oluyisigxila.

    Leziziphakamiso sezizochazwa ngayinye.

    6666(1111) Zonke ziphela iziBhalo eziNgcwele kanye nezimfundiso ezisuselwe kuzo zamasonto

    obuKhrestu emhlabeni, zifundisa ukuthi uNkulunkulu ukhona, nokuthi Munye. IziBhalo eziNgcwele

    jikelele zifundisa ukuthi ukhona uNkulunkulu,ngoba ingaphakathi lazo alilutho olunye ngaphandle

    kukaNkulunkulu uqobo,okunguku-thi,azilutho ngaphandle kobuNkulunkulu obuvela kuNkulunkulu;

  • ngokuba ziphi-nyiswe nguNkulunkulu; nokuthi akukho lutho olungaphuma kuNkulunkulu nga-

    phandle kokuwuNkulunkulu nokubizwa ngokuthi okoBunkulunkulu. Lokhu kuyi- ngaphakathi

    lweziBhalo eziNgcwele. Kepha ngokususelwe kulelingaphakathi futhi ngaphansi kwalo, iziBhalo

    eziNgcwele ziyakwazi ukwemukeleka nokuqo-ndwa yizingelosi nabantu. UBunkulunkulu busuke

    bukhona kulokho okususelwe eBuNkulunkulwini, kepha sebukwesinye isimo, lapho bubizwa khona

    ngokuthi wubuNkulunkulu bezulu lamazulu,bezulu likamoya nobezulu lengqondo yamaba- la

    (yemvelo). Lesisimo simane siyisembeso sikaNkulunkulu;ngoba akukho sida-lwa singabona

    uNkulunkulu enjengoba enjalo engaphakathini leZwi. Ngokuba kuMose, ngesikhathi ethandaza

    ecela ukuboniswa inkazimulo (udumo) kaJeho-

    6

    vah,kakho ongabona uNkulunkulu aphile. Lokhu kuyiqiniso elifanayo neqiniso lengaphakathi leZwi

    lapho iNgqikithi neSimo kukaNkulunkulu uQobo kukhona ngokuphelele. [2222] Nokho-ke yize

    uBunkulunkulu bungaphakathi futhi bembeswe

    ngezinto ezingaqondeka ezingelosini nakubantu,ukukhanya kwabo kuphumela ngaphandle

    njengokukhanya kwekhristali,kwemukeleke ngokwehlukehlukene okuya ngesimo sengqondo lowo

    nalowo muntu asezakhele sona,noma ngabe yisimo esisuka kuNkulunkulu noma kuyena. Phambi

    kwalabo abanesimo som-qondo esihlelwe ngokusukela kuNkulunkulu, iziBhalo eziNgqcwele zifana

    nesi-buko lapho bebona khona uNkulunkulu;lowo nalowo ngendlela yakhe. Lesisibuko sakhiwe

    ngamaqiniso umuntu awafunda eZwini maqede awenze abe awakhe ngokuwaphila. Kusukela kukho

    konke lokhu, kusobala ukuthi iziBhalo eziNgqc-wele zinguNkulunkulu ephelele. [3333] Ukuthi iziBhalo

    eziNgqcwele azifundisi nje kuphela ukuthi uNkulunkulu ukhona kepha nokuthi Munye,

    kungabonakala ema-qinisweni okuyiwona akhe isibuko, njengoba sekushiwo, ukuthi (lamaqiniso)

    akha isithombe esibumbene esenza ukuba ingabibikho indlela yokuba umuntu uma ecabanga

    ngoNkulunkulu acabange ukuthi akaMunye. Ngenxa yalokhu wonke umuntu onomqondo

    okhanyiselwe wubungqcwele beZwi uyazi, yize lolu-lwazi kuba sengathi luphuma ngaphakathi

    kuyena,ukuthi uNkulunkulu Munye futhi ukubona kusakuhlanyahlanyana okuthile ukuthi akaMunyé.

  • Izingelosi ziye-hluleka ukuphimisa igama oNkulunkulu ngezindebe zazo ngoba isiyingi esiwu-

    mkhathi wezulu lapho zihlala khona asizivumeli. IziBhalo eziNgqcwele azigcini ngokufundisa ukuthi

    uNkulunkulu Munye ngalendlela eyenzeka kuwonkewonke, njengoba sekushiwo, kuphela, kepha

    futhi ngezahlukwana ezithile eziningi nje-ngalezi:

    Yizwani, O Israel; uJehovah uNkulunkulu wethu unguJehovah oyedwa (Duteronomi vi.4; noMika xii. 29).

    Impela uNkulunkulu ukuwena, nangaphandle kwaMi akukho sithixo (Isa.xlv.14).

    Anginguyena uJehovah na? Futhi asikho esinye isithixo ngaphandle kwaMi

    (Isa.xlv.21)

    NginguJehovah uNkulunkulu wakho,awuyikuvuma ukuthi kukhona esinye isithixo

    ngaphandle kwaMi (Hosea xiii.4).

    Uthi UJehovah,inkosi yakwaIsrael, ngingowamaQaliso namaGcino,akukho sithixo

    ngaphandle kwaMi. (Isa.xliv.6).

    Ngalolosuku uJehovah uyokuba yinkosi kuwowonke umhlaba ; ngalelolanga

    uJehovah uyokuba munye, negama laKhe loba linye (Zakaria xiv.9).

    7

    7.7.7.7. Kuyaziwa ukuthi izimfundiso zamasonto asemazweni amaKhrestu zifundisa ukuthi uNkulunkulu

    munye. Lokhu zikufundisa ngoba zonke izimfundiso zawo zisuselwa eZwini, nakangangebanga

    lokuvuma ukuthi uNkulunkulu munye ngo-mlomo nangenhliziyo,lezizimfundiso ziyavumelana..Kulabo

    abavuma ngezindebe zemilomo yabo kuphela,kodwa bebethi bathathu ngezinhliziyo, njengoba

    kwenza abaningi abangamaKhrestu namhlanje, uNkulunkulu uyigama nje elilenga ezi-ndebeni

  • zomlomo;lonke ukholo lwabo luyisithixo segolide esivalelwe egunjini elingqcwele elinokhiye

    ophathwa ngumfundisi kuphela; nokuthi uma laba befu-nda iZwi ababoni kukhanya kulo kumbe

    okuvela kulo;ngisho nokuthi uNkulunkulu munye. Kulaba iZwi libukeka ligqcwele ukufiphala,

    lifiphazwa amabala, kuthi mayelana nobunye bukaNkulunkulu limbozeke mbo. Yibo laba iNkosi

    ebacha-zayo kuMathewu lapho ithi:

    Ukuzwa niyawukuzwa kepha ningaze naqonda; nokubona niyakubona kepha ningaboni lutho. Amehlo abo

    bawavalile, funa mhlawumbe babone ngamehlo abo, bezwe ngezi- ndlebe zabo,baqonde ngezinhliziyo

    zabo,baphenduke, ngibasindise (xiii.14,15).

    Bonke laba, bafana nabantu ababalekela ukukhanya,bengena ezindlini ezimnya-ma ngenxa

    yokweswela amawindi,bephumputha izindonga,befuna ukudla kumbe imali, bagcine sebebona

    njengezinyoni zasebusuku zonezibona emnyameni. Ba-fana nowesifazane onabakhwenyana

    abaningi, ongeyena umfazi oqotho kodwa engumadod’onke; noma bafana nentombi-nto! eyemukela

    izindandatho zazonke izesheli zayo, ithi ingashada maqede ingalali nomkhwenyana kuphela, kodwa

    ilale futhi nabanye abantu.

    8. ( 8. ( 8. ( 8. (2) Kukhona umngenela ovela kuNkulunkulu ezintweni zonke,ongena emi-phefumulweni

    yabantu othi kukhona uNkulunkulu, nokuthi munye. Ukuthi kukho-na umngenela ovela kuNkulunkulu

    ongena kumuntu kusobala ngokuvuma kwa-bobonke abantu ukuthi konke ukulunga okuwukulunga

    uqobo, okukumuntu futhi akwenzayo,kuvela kuNkulunkulu;kanjalo yonke into eyisisa senhliziyo

    nayo yo-nke into eyinkolo; ngoba uma sifunda kuthiwa:

    Umuntu angemukele lutho ngaphandle kokuba aluphiwe luvele ezulwini (Johniii.27) ;

    futhi uJesu wathi:

    Ngaphandle kwaMi ningenze lutho (John xv.5) ;

  • okungukuthi, noma yini emayelana nesisa senhliziyo kanye nonkolo. Lomnge-nela ugobhozela

    emiphefumulweni yabantu ngoba umphefumulo yiwona mongo womuntu nengxenye yomuntu

    okuyiyona esezingeni eliphakeme kunazozonke;

    8

    umngenela-ke ungena kulengxenye bese wehlela ezintweni ezisemazingeni angezansi, ziphiliseke

    kuya ngohlobo lwesikhongozelo. Kuyiqiniso ukuthi amaqi-niso abumba inkolo yomuntu angena

    ngokuzwiwa, atshaleke emqondweni, nge-zansi komphefumulo. Kepha ngalamaqiniso umuntu

    umane elungiselelwa ukuba akwazi ukwemukela umngenela ovela kuNkulunkulu ongaphezu

    komphefumulo; kanjengohlobo lokulungiselelwa, kanjalo nanjengesimo sokwemukela, kanjalo futhi

    nokuguqulwa kwenkolo yemvelo ibe yinkolo kamoya. [2][2][2][2] Kukhona lomnge-nela ovela kuNkulunkulu

    ongena emiphefumulweni yabantu, weqiniso lokuthi uNkulunkulu munye , ngoba yonke into

    ewuBunkulunkulu ngobubanzi nangobu-niningwane baBo, iwuNkulunkulu. Njengoba-ke bonke

    uBunkulunkulu buhlange-ne buyinto eyodwa, nogqozi lwaBo kumuntu alukwazi ukuba yilutho olunye

    nga-phandle kokuthi munye uNkulunkulu. Lengqondo yokuthi uNkulunkulu munye iya

    ngokudlondlobala nsukuzonke lapho uNkulunkulu emphakamisa umuntu, empha -kamisela

    ekukhanyeni kwezulu. Ngokuba izingelosi azikwazi ukuphimisa igama oNkulunkulu ngenxa

    yokukhanya ezikukhona. Nokukhuluma kwazo, yonke imi-sho yazo ziyiphetha ngendlela efanayo

    yokwehla nokwenyuka kwamaphimbo. Ayikho enye into ebangela lokhu ngaphandle komngenela

    ongena emiphefumu-lweni yazo weqiniso lokuthi uNkulunkulu munye. [3] [3] [3] [3] Phezu kokuba lomngenela

    ungena emphefumulweni yabantu neqiniso lokuthi uNkulunkulu munye, baningi abantu abacabanga

    ukuthi uBunkulunkulu bukaNkulunkulu bahlukaniswe ka-mbalwa, kuthi leso naleso sigaba saBo

    sibenengqikithi efanayo noma eyodwa; isizathu salokhu ngukuthi umngenela usuke ungena

    esimweni esingahambisani nawo, lokhu phela umngenela uye uguqulwe yisimo salapho ungena

    khona,nje- ngoba kwenzeka kuyoyonke indalo ekuzozontathu izigaba zemvelo.

    KusewuNkulunkulu yena yedwa ophilisa umuntu kanye nesilwane; kepha yisimo sesilwane

    sokukhongozela esibangela ukuthi isilwane siqhubeke nokuba yisilwane, kanjalo nomuntu aqhubeke

  • nokuba ngumuntu. Yinto efanayo eyenze-ka kumuntu uma evumela umqondo wakhe ukuba

    sesimweni sobulwane. Umngenela welanga uyafana kuzozonke izinhlobonhlobo zemithi emilile,

    kepha ufike wehlukahlukane kuya ngesimo sokwamukela salowo nalowomuthi; lokho okugobhozela

    evineni kuyafana nalokho okugobhozela eveni; kepha uma kugxu-nyekwa iva phezu kwesivini,

    umngenela (welanga) uyoguqulwa ungene ngokula-ndene nesimo seva. [4] [4] [4] [4] Yinto efanayo eyenzeka

    endalweni yamatshe ayizinhlo-bonhlobo ambiwayo; wukukhanya okufanayo okungena etsheni le-

    layimstoni nasetsheni le-dayimane; idayimane liyakudlulisa ukukhanya kepha ilaymstoni iyakucima.

    Lomehluko uyenzeka nasemiqondweni yabantu, kuya ngalolo nalo-lohlobo lomqondo, eya ngokuya-

    ngokuya iba ngekamoya kuya ngenkolo kuNku-lunkulu, ihambisana nokuphila okuvela

    kuNkulunkulu, okuyilona luhlobo olukha-nyayo nolusangelosi lwenziwa yinkolo kuNkulunkulu

    oyedwa.Okuphambene

    9

    nalenkolo nempilo yayo kuyadunga futhi kunobudlova bobulwane kwenziwa yi-nkolo koNkulunkulu

    abaningi, okungehlukile kakhulu enkolweni yokuthi akekho uNkulunkulu.

    9. (3) 9. (3) 9. (3) 9. (3) Ngalesisizathu, kulolonke izwe akukho sizwe,esithi sinayo inkolo, futhi sinayo ingqondo

    ecabanga iqondise, kepha besiphika ukuthi ukhona uNkulu-nkulu futhi munye. Ngenxa yomngenela

    wobuNkulunkulu emiphefumulweni ya-bantu, njengoba sekushiwo ngenhla, ngaphakathi kwawo

    wonke umuntu kukho-na sanembeza okhumbuza ukuthi uNkulunkulu ukhona futhi munye. Kodwa

    ku-sekhona abantu abaphika uNkulunkulu, abanye bakhonza imvelo bethi iyona uthixo, abanye

    bakhonza onkulunkulu abangaphezulu koyedwa , nabanye aba-khonza izithombe ezibaziweyo;

    okuyizinto ezenzeka ngenxa yokuthi abanjalo basuke sebevimbe ingaphakathi lemicabango kumbe

    lemiqondo yabo ngezinto zomhlaba nangezinto zenyama, okuyizona ezicima umqondo wokuqala

    omsulwa noma wasebuntwaneni mayelana noNkulunkulu. Ngokwenzenjalo balahla inkolo

    esezifubeni zabo, bayiphose ngemuva kwabo. AmaKhrestu akhonza uNkulunku-lu oyedwa; kodwa

    ukuthi amkhonza kanjani kucaciswa yisivumo sawo esipha-mbili, esithi :

    Inkolo yamaKatolika yilena : Ukuthi sikhonza uNkulunkulu oyedwa ebuthathwini,

  • nobuthathu ebunyeni. Bathathu oNkulunkulu, uYise, iNdodana,noMoya oNgcwele, kodwa

    nokho belu oNkulunkulu ababa-thathu, Munye. Kukhona isiqu sikaYise, kubekhona isiqu

    seNdodana, nesinye isiqu sika Moya oNgcwele, nobunkulunkulu babo bunye, udumo lwabo

    luyalingana, nobukhosi babo obaphakade kanyekanye. Kanjalo uYise nguNkulunkulu,

    iNdodana nguNkulunkulu, noMoya oNgcwele unguNkulunkulu. Kodwa njengoba siphoqwa

    yiqiniso lobuKhrestu ukuthi bonke banguNkulunkulu neNkosi ngamunye,kanjalo inkolo

    yobuKatolika ayisivumeli ukuba sithi oNkulunkulu bathathu kumbe sithi amaKhosi mathathu.

    Injalo-ke inkolo yobuKhrestu mayelana nobunye bukaNkulunkulu. Kodwa uku-thi ubuthathu

    bukaNkulunkulu nobunye bukaNkulunkulu kulesisivumo akuhambi-sani kuzotshengiswa esahlukweni

    esigxile ebuthathwini bobuNkulunkulu. [2] [2] [2] [2] Ezi-nye izizwe emhlabeni ezinenkolo nengqondo

    ehluzekileyo ziyavumelana ngoku-thi uNkulunkulu munye; onke amaMoslem emibusweni yawo;

    ama-Africa emibu-sweni yaleliya zwekazi; abase-Asia emibusweni yabo eminingi; ekugcineni na-

    maJuda kuze kube nanamhlanje. Abantu basemandulondulo ababephila ngesi-khathi esaziwa

    namhlanje ngokuthi yisikhathi segolide, enkolweni yabo babekho-nza uNkulunkulu oyedwa,

    ababembiza ngokuthi nguJehova. Nababelandela oku-thiwa abasemandulo babenzenjalo, kwaze

    kwafika isikhathi sokubekwa kwama-khosi nohulumeni bawo, lapho izintando zomhlaba nezintando

    zenyama emuva

    10

    kwazo zaqala ukuvala lezo zindawo eziphakeme zomqondo ezazikade zivulekile, futhi zikade zifana

    namathempeli namagosi angcwele okukhonza uNkulunkulu oyedwa. Ukuze kuvuleke lezizindawo

    zomqondo kabusha yikhona kuzobuyisele-ka ukukhonza uNkulunkulu oyedwa, iNkosi uNkulunkulu

    yamisa isonto phakathi kwezizukulwane zikaJakobe, wenza ukuba lomyalo ube ngowokuqala

    phambi kwayo yonke enkolweni yazo ;

    Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphambi kwaMi ( Exod.xx.3 )

  • [3] [3] [3] [3] Ngaphezu kwalokho, igama Jehovah, elabuyiselwa nguYena ngalesisikha-thi, liqhamisa

    uMvelinqangi yedwa, uMsuka wakho konke okukhona noma oku-semkhathini. UJove, okungenzeka

    ukuthi yigama elisuselwa egameni Jehovah, wayekhonzwa ngamaqaba asendulo njengesithixo

    esiphakeme kunazozonke; nezinye izithixo eziningi ezaziyingxenye yesigcawu sakhe, ayezihlonipha

    ngoku-zigqokisa ngobungcwele; kwathi esizukulwaneni esilandelayo amadoda aqotho, njengo Plato

    no Aristotle, avuma ukuthi lezi kwabe kungezona izithixo kepha kwabe kuwubunjalo

    obehlukahlukene bemikhakha kaNkulunkulu oyedwa, bese-ke zibizwa ngezithixo ngoba kukhona

    okuthile koBunkulunkulu kuzona zonke.

    10. 10. 10. 10. Wonke umqondo ohluzekile,noma ngabe ungenandaba nenkolo, uyabona ukuthi yonke into

    ebumbene ingahlakazeka ibe yizicucu uma ingencikile kokuko-dwa okuthile; njengoba kwenzeka

    kumuntu, obunjwe yizinyama, yizicubu nezitho zemizwa nokunyakaza, ngaphandle kokuba zonke

    lezizinto zencike emphefumu-lweni owodwa ; kumbe umzimba ngaphandle kokwencika enhliziyweni

    eyodwa. Kunjalo nasembusweni ngaphandle kokwencika enkosini eyodwa; umuzi nga-phandle

    komnumzane oyedwa; nakuzo zonke izikhundla ezinhlonhlobo emazwe-ni ngamazwe, ngaphandle

    kokwencika kumphathimandla oyedwa. Yini engenzi-wa yimpi esitheni sayo ngaphandle kokuba

    nomholi okunguyena onawo wonke amagunya, nabaphathizikhundla abencike kuye,kuyilowo nalowo

    enamandla okukhuzïmpi ? Kungabanjalo nasesontweni uma lingavumi uNkulunkulu oyedwa, noma

    izulu lezingelosi, lona elifana nekhanda lesonto lasemhlabeni, lapho pha-kathi kukho kokubili iNkosi

    ingumphefumulo uqobo. Yingakho izulu nesonto kubi-zwa ngomzimba waKhe ; uma lokhu

    kungavumi uNkulunkulu oyedwa kokubili kufana nesidumbu, okufanele sithathwe siyolahlwa ngoba

    singenamsebenzi wa-lutho.

    11. 11. 11. 11. (4) Mayelana nohlobo lwakhe lo Nkulunkulu oyedwa izizwe nabantu baye-hlukana,

    nanamuhla basehlukana ngenxa yezizathu ezithile eziningi. Isizathu so-kuqala esokuthi ulwazi

    nokuyilona oluholela ekuvumeni uNkulunkulu lungebe-khona ngaphandle kokwembulelwa; nolwazi

    ngeNkosi,oluholela ekuvumeni uku-thi “kuYena kuhleli bonke uBunkulunkulu ngokuphelele

    emzimbeni” lungebebi-kho ngaphandle kokususelwa eZwini okuyilona mqhele wezambulo; ngoba

    ku-

  • 11

    ngenxa yokwembulelwa njengoba umuntu ekwazi ukusondela kuNkulunkulu, emukele

    umngenela,khona ezosunduka esimweni semvelo angene kwesika-moya. Isambulo sakudaladala

    sasikhona kuwo wonke umhlaba; kodwa saphe-ndukezelwa wumuntu wemvelo ngezindlela

    eziningi,okuyikhona okwadala uku-phikisana, ukuphambana, izimfundiso-mbumbulu kanye

    nokuqhekeka ngokwe-nkolo. Isizathu sesibili wukuthi umuntu wemvelo akanakumqonda

    uNkulunkulu, kuphela unokuqonda umhlaba nokuwusebenzisa. Kungenxa yalesisizathu ukuthi

    kungeminye yemibhalo ohlwini lemibhalo yeSonto lobuKhrestu ukuthi umuntu wemvelo uphambene

    nomuntu kamoya, nokuthi bayaphikisana. Lokhu kuyacha-za ukuthi kungani labo abakufunde eZwini

    kumbe kwesinye isambulo ukuthi uNkulunkulu ukhona bayehlukahlukana, nanamuhla

    basahlukahlukana mayelana nobunjalo kanye nobunye bukaNkulunkulu. [2] [2] [2] [2] Ngalesisizathu labo

    abamehlo abo engqondo ancike emizweni yabo yemizimba babezibazela izithombe zegolide,

    zesiliva, zelitshe nokhuni ababekhonza uNkululunkulu ngaphansi kwazo njenge-zinto ezibonakala

    ngeso lenyama ; kuthi abanye ababengenandawo yezithixo enkolweni yabo bazitholela izifanekiso

    zikaNkulunkulu elangeni nasenyangeni, ezinkanyezini nakwezinye izinto ezahlukene emhlabeni.

    Kepha labo ababecaba-nga ukuthi bona bahlakaniphile kunabantukazana kodwa bebenebe

    emvelweni yabo, bethi ubukhulu nobundawozonke bukaNkulunkulu ekudaleni umhlaba bu-sho

    ukuthi yimvelo uqobo lwayo ewuNkulunkulu, abanye bethi yingaphakathi la-yo,abanye bethi

    yingaphandle layo eliwuNkulunkulu ; abanye,ukuze bahlukanise uNkulunkulu emvelweni, baqhamuka

    nomqondo wobundawozonke obukhuluka-zi, abaqhubeka babubiza ngokuthi wubuKhona bomkhathi

    (Ens universi); njengo-ba laba bengenalo olunye ulwazi ngoNkulunkulu lobubuKhona bugcina

    bungu-mlumbaniso womqondo (ens rationis) obungasho lutho. [3][3][3][3] Wonke umuntu anga-bona

    ukuthi ulwazi lomuntu ngoNkulunkulu luyisibuko sakhe sikaNkulunkulu,no-kuthi labo abangazi lutho

    ngaYe abamboni esibukweni esibheke kubo kodwa esi-bukweni esibafulathele; kepha njengoba

    ingemuva lesibuko licakwe ngesigidi kumbe ngenhlama emnyama asibonisi isithombe kodwa

    siyasicima. Ukukholwa kuNkulunkulu kungena kumuntu ngendlela eyandulelayo, ephuma

  • kumphefumu-lo yehlele eziqongweni zomqondo; kuthi ulwazi ngoNkulunkulu lungene ngendle-la

    elandela kamuva, ngoba umqondo uluthatha eZwini elambuliwe ulwazi,usebe-nzisa izinzwa

    zomzimba ; lemingenela yomibili ihlangabezanake phakathi nenda-wo emqondweni ; lapho inkolo

    yemvelo eseyintambiso iguquleka ibe ngekamoya ,okwenza ukukholwa kwempela. Kanjalo umqondo

    womuntu ufana nesitsha so-kucwenga lapho uku guqulwa kwesimo kwenzeka khona.

    12. 12. 12. 12. (5) Ingqondo yobuntu ingase ikuzwe, ikuthole ngokusukela ezintweni ezini-ngi emhlabeni

    ukuthi ukhona uNkulunkulu nokuthi Munye. Leliqiniso lingaqinise-ka uma sibona izinto eziningi

    ezibonakala ngeso lenyama kulomhlaba; ngoba um

    12

    -khathi ufana nesigcawu lapho ubufakazi bokuthi uNkulunkulu ukhona nokuthi Mu-nye benekwe

    khona. Ukuze ngikhombise lokhu ngizolandisa ngoMlando oBalulekileyo wasezweni likamoya :

    Kwake kwathi ngisakhuluma nezingelosi, kwaba khona imimoya ethile eyabe isanda kufika

    ivela emhlabeni wemvelo. Uma ngibabona ngabazisa ukuthi bamu kelekile, ngase ngibaxoxela

    ngezinto eziningi ngezwe likamoya abebengazange bazazi ngaphambili.

    Ngemuva kwalokho ngababuza ukuthi lwazi luni abanalo ngoNkulunkulu na-ngemvelo abafike

    nalo bephuma emhlabeni.

    “Lokhu,“ baphendula, “ukuthi imvelo iyona indlu yamandla okusebenza zo-nke izinto

    ezenzekayo emkhathini odaliwe; nokuthi uNkulunkulu, emuva kokuda-la, waphakela imvelo futhi

    wayishiyela lawo mandla ; nokuthi uNkulunkulu umane uyawasekela awagcine lawomandla ukuze

    angapheli; ngalesisizathu, zonke izi-nto eziphuma noma ezikhiqizwa wumhlaba, zande, sekuthiwa

    manje zenziwa yimvelo.”

    Kodwa ngaphendula ngathi akukho lutho emvelweni phaqa olungamandla okwenza kepha

    uNkulunkulu esebenzisa imvelo. Base bebuza ubufakazi balo-kho,ngase ngithi, “ Labo abakholwa

    wukuthi ukusebenza kobuNkulunkulu kukuyo yonke into yemvelo noma ingabancane kangakanani,

    bathola ubufakazi obuningi ezintweni eziningi abazibonayo emhlabeni obuvuna uNkulunkulu

    kunemvelo. [2] [2] [2] [2] Ngokuba labo abathola ubufakazi obuvuna ukusebenza koBunkulunkulu kuyo yonke

  • imvelo bakhangela izinto ezimangalisayo ezibonakala ekukhiqizweni kwe-zinto ezimilayo nezilwane.

    Ekukhiqizweni kweziLimo bayakubukisisa ukuthi embewini encane etshalwe emhlabathini kuhluma

    impande,empandeni kuhlume isiqu, kulandele amagatsha, amaklumu, amahlamvu, izimbali,

    nezithelo, ngisho nembewu entsha imbala sengathi imbewu ibivele ilwazi uhlelo lohlu noma indlela

    yokuzithuthukisa ukuze izikhiqize. Wumuntu ohluzeke kanjani emqondweni ongacabanga ukuthi

    ilanga,eliwumlilo ongaxutshwe nalutho,liyakwazi ukwenze-nje,noma ukuthi lingakwazi ukuphakela

    ukushisa nokukhanya kwalo amandla okukhiqiza lezizenzeko,nokudlinza ngosizo lwalezizenzeko

    ngaphambi kokwe-nzeka? Noma wubani omqondo wakhe ubheke phezulu,uma ebona lezizinto

    agxile ngomcabango ngazo, akakwazi ukuthatha esinye isinqumo ngaphandle kokuthi lezizinto zivela

    kulowo onokuhlakanipha okungenasiphelo, kafuphi, ku-Nkulunkulu. Kulesisinqumo,labo ababona

    ukusebenza koBunkulunkulu kuyo yonke imininingwane yemvelo, bayaqiniseka uma bebuka

    lezizinto. Engxenye, labo abangakuboni lokhu kusebenza emvelweni babuka lezizinto ngamehlo

    omqondo osesiphundu esikhundleni sangaphambili.Laba babumba imicabango yabo yomqondo

    ngezinzwa zomzimba, baziqinise ngenkohliseko yezinzwa,bethi, ’ Awuliboni ilanga likwazi ukwenza

    zonke lezizinto ngokushisa nangokukhanya

    13

    kwalo? Kukhona yini okuwutho okungabonakali ngeso lenyama? [3] [3] [3] [3] Labo aba-qiniseka

    ngokusebenza koBunkulunkulu babukisisa izinto ezimangalisayo aba-zibona ekuKhiqizweni

    kweZilwane; mayelana namaqanda (ake siqale ngawo), imbewu yechwane iqukethe konke

    okudingekayo ekukhandweni kwechwane, nokudingekayo ukuze likhule ngemuva kokuchanyiselwa

    lize libe yinyoni ephe-lele. Futhi, kunoma yimuphi umqondo ojulayo, kuvuka ukumangala lapho

    ubuka kabanzi izilwane ezinamaphiko; njengokuthi zombili ezincane kunazozonke nezi-nkulu

    kunazozonke, ezibonakalayo nezingabonakali, okuwukuthi izinambuzane ezincane kakhulu nezinyoni

    ezinkulu kanye nezilwane kunezitho zezinzwa,ezibi-zwa ngokuthi inzwa yokubona ,inzwa yokunuka,

    inzwa yokuzwa (ngolimi) nenz-wa yokuthinta; kubuye kubekhona izitho zokuhamba,eziyimisipha

    ngoba ziya-ndiza zihambe;nezibilini ezixhumene nenhliziyo namaphaphu okuhanjiswa wu-buchopho.

  • Zonke lezizinto ziyabonwa yilabo abanika imvelo wonke amandla, bese bethi yebo lezizinto

    ziyenzeka kodwa zikhiqizwa yimvelo. Lokhu bakusho ngoba izingqondo zabo sebezifulathelise kukho

    konke ukucabanga ngoNkulu-nkulu; futhi laba uma bebuka izinto ezimangalisayo emvelweni,

    abakwazi uku-dlinza ngazo ngokuhluzekile , asisakhulumi ngokudlinza ngokukamoya;kepha

    bacabanga ngokusukela ezinzweni zenyama nasezintweni ezibonakala ngeso lenyama; kanjalo

    badlinza emvelweni ngokusukela emvelweni,esikhundleni so-kudlinza ngokusukela kokungaphezu

    kwemvelo;umehluko phakathi kwalaba nezilwane wukuthi bona baphiwa umqondo, ngamanye

    amazwi,bayakwazi uku-qonda uma bethanda. [4] [4] [4] [4] Labo asebefulathele uNkulunkulu ngayo yonke

    imica-bango yabo baze bagxila enyameni nezinto zayo, abakucabangi nakancane ukuthi ukubona

    kweso lenyama kubuthuntu futhi kunqundeke kangangoba ku-bona izinambuzane eziningi ziyinto

    eyodwa engacacile; kanti yileso naleso si-hlelelwe ukuzwa nokuhamba, kanjalo saphiwa imisipha

    nemithambo,nenhlizi-ywana enemthanjanyana,nezibilanyana nobuchoshanyana; lezizithwanyana

    zona zibunjwe ngezingqikithi zemvelo ezicwebe kunazozonke,nendlela ezithu-ngeke ngayo

    ihambisene nezinga lempilo eliphansi kunawowonke okuyiyona ephaka amandla kuzozonke

    izicutshanyana.Uma sibheka ukunqundeka kwame-hlo ethu enyama lapho izinambuzane eziningi

    ezinjengalezi,kuyileso naleso sine-zitho ezingabalwa, zibukeka sengathi ziyizinto ezincanyanyana

    ezifanayo ezi-ngacacile, kepha kube kusukela kulo leliso lapho abagxile enyameni becabanga

    benquma, kusobala ukuthi imiqondo yabo ibuthuntu kangakanani, nokuthi base-bumnyameni

    obunjani ngezinto zikamoya.

    [5] [5] [5] [5] “Noma ubani uyakwazi, uma ethanda, ukuthola ubufakazi obuvuna uBu-nkulunkulu

    ezintweni zemvelo ezibonakala ngeso; lokhu kwenzeka noma nini uma ecabanga ngoNkulunkulu

    nobuninimandla baKhe ekudaleni umkhathi,no-bundawozonke baKhe

    ekuwugcineni;njengokuthi,kesenze isibonelo,uma ebona

    14

    ukuthi ezinyonini zezulu yilolo nalolo luhlobo luyakwazi ukudla kwalo nokuthi lutholakala phi,luyazazi

    izihlobo ngokuzibona nangomsindo wazo,naphakathi kwezinye izinhlobo luyaziukuthi yiziphi

  • izitha,yiziphi abangane; ukuthi (izinyoni) ziyakwazi ukukhwelana,ukubumba imishado,ukwakha

    izidleke ngobuciko,ukufa-ka amaqanda phakathi ziwachamusele, nokuthi isikhathi sokuwafukamela

    side kanganani;nalapho amatshwele esechanyuselwe unina uwathanda kakhulu, awembese

    ngamaphiko akhe, awondle awakhulise, aze akwazi ukuziphandela adlondlobale. Uma noma ubani

    ethanda ukucabanga ngomngenela woBunku-lunkulu ogobhozela ezweni likamoya udlulele ezweni

    lemvelo,angawubona kule-zizilwanyana; angakwazi futhi ukusho enhliziyweni yakhe, uma ethanda,

    ukuthi ilanga alikwazi ukuba ngumsuka walolulwazi ngokushisa nangokukhanya kwalo, ngoba ilanga

    okuyikhona lapho imvelo nengqikithi yayo ivela khona,lingumlilo ongaxutshwe nalutho,ngalesisizathu

    ukushisa nokukhanya kwalo kufanele ukuthi akunayo nencane impilo; kanjalo angaze afike

    esinqumweni sokuthi lolulwazi lu-vela kumngenela woBunkulunkulu ludlule ezweni likamoya luze

    luyofika emaphe-thelweni emvelo.

    [6] [6] [6] [6] “Noma wubani angabuthola ubufakazi obuvuna uBunkulunkulu ezintweni ezibonwayo

    zemvelo uma ebuka leyo miswenya enyakaziswa yinjabulo yotha-ndo olungajwayelekile lokufuna

    ukuguqula isimo sayo semvelo sibe yisimo esithi asifane nesezulu. Ukuze isimo sayo (imiswenya)

    siguquke iyanabuzela ingene ezindawaneni eziphephile, izimboze ngesembatho, kanjalo izivalele

    esizalweni-simbe lapho izozalwa khona kabusha; lapho-ke ikhula ibe yiziphungumangathi,

    yiziyingelezi*, amanimfu* igcine isiyizimvevane;emuva kwaloluguquko,nangemu-va kokuhlinzekwa

    ngamaphiko kanokusho kuya ngenhlobo yalowo nalowo mswenya,(izimvevane) ziyasuka zindizele

    emoyeni sengathi zindizela ezulwini lazo lapho zifike zidlale khona ngenjabulo,zishadane,zizalele

    amaqanda, ziziza-lele isizukulwane,zibe zizitika ngokudla okumnandi nokunomsoco ezimbalini.

    Ubani obona ubufakazi obuvuna uBunkulunkulu ezintweni zemvelo ezibonwa ngamehlo kodwa

    angakuboni ukufana phakathi kwesimo somswenya nesimo somuntu esesemhlabeni,kanjalo isimo

    sovemvane nesimo somuntu esesezu-lwini? Labo asebeziqinise ngokuvuna imvelo babuka into

    efanaya,kepha ngoba sebesiphikile isimo sezulu somuntu emicabangweni yabo bathi lokhu kumane

    ku-yinto eyenziwa yimvelo.

    [7] [7] [7] [7] “Noma ubani angathola ubufakazi obuvuna uBunkulunkulu ezintweni zem-velo ezibonakala

    ngeso uma ecabanga ngokwaziwayo ngezinyosi,ukwazi kwazo

  • ukuqoqa umovu ezimbalini zamarosa nakumiqhakazo, ukumunca uju, ukwakha amagunjana afana

    nezindlwana, ukuwahlela (lamagunjana) njengenxuluma,eli-nemigwaqo yokungena neyokuphuma;

    ukuhogela zikude izimbali nemithi lapho ziqoqa khona umovu wezindlu zazo noju lokudla

    kwazo,ezikuthwala maqede

    15

    zindize ziqonde-ngqo emzini wazo. Ngalendlela zizihlinzekela ubusika ngokudla sengathi bezivele

    zazi ukuthi ubusika buyeza. Izinyosi zibuye zijube ezoba yinko- sikazi eyindlovukazi phezu kwazo,

    okuyiyona ezozizalela isizukulwane; (indlovu-kazi) ziyakhela igumbi lobukhosi phezu kwazo,

    ziyizungeze ngabalindi. Uma se-kufika isikhathi sokuzala, iphelekezelwa abalindi bayo ababizwa

    ngokuthi onodo-ngoyi,indlovukazi ihamba ingena emagunjaneni izalela amaqanda maqede aba-

    phelekezeli bawavalele hlwàse, funa alinyazwe umoya. Kanjalo isizukulwane esi-sha siyazalwa;

    uma lesisizukulwane sesikhule safika ebangeni lokuzizalela,siya-xoshwa enxulumeni, bese iqulo

    elisha, ngemuva kokuhlangana libumbane funa ledukelane,liyandiza liyozifunela elayo

    ikhaya.Ngesikhathi sasekwindla onodo-ngoyi,njengoba bona bengazange basize ekuqoqeni umovu

    noma uju,baholelwa ngaphandle bephucwe amaphiko abo yikhona

    bengeke babuye bazokudla uku-dla abangakusebenzelanga. Kusukela kulokhu

    nakokunye,kuyabonakala ukuthi ngenxa yosizo ezinalo kubantu emhlabeni, lezizinambuzane

    zemukela ngomnge-nela ophuma ezweni likamoya uhlobo lokuhulumeni olufana nalolu olutholakala

    kubantu emhlabeni, nembala olufana nalolo olukhona ezingelosini zamazulu. [8] [8] [8] [8] Muntu muni

    onengqondo ehluzekileyo ongaboni ukuthi umhlaba wemvelo awu-kwazi ukuba ngumsuka wakho

    konke lokhu? Yini eselangeni,lapho kuvela khona phela imvelo, ekunye nohulumeni oncintisana futhi

    ofuze uhulumeni wasezulwini kangaka? Kusukela kulezizinto nakwezinye ezikhonjiswa yizilwane,

    lowo ovuma akhonze imvelo uyaziqinisa ekuvuneni imvelo; kepha lowo ovuma akhonze

    uNkulunkulu uziqinisa ngazo lezizenzeko ekuvuneni uNkulunkulu;ngoba umuntu kamoya ubona

    izinto zikamoya kulezizinto,kanti umuntu wemvelo ubona ezem-velo,kanjalo kuya ngaleso naleso

    similo.Kweyami ingxenye,lezizinto beziwubu-fakazi kimina bokuthi ezweni likamoya kukhona

  • umngenela osuka kuNkulunkulu wehlele ezweni lemvelo. Nawe ake umane uzindle,ukuthi

    ungakwazi yini ukuhla-ziya noma yiluphi uhlobo lukahulumeni, lomthetho wezakhamizi, kumbe

    ngokuzi-phatha ngobuqotho, noma ngaliphi iqiniso likamoya,ngaphandle kokuqala ngoku-vuma

    ukuthi kukhona umgobhozo wobuhlakani woBunkulunkulu owedlulela ez-weni likamoya. Ngakolwami

    uhlangothi,angikwazi (ukuhlaziya),futhi angibonaze. Sekuphele iminyaka engamashumi amabili

    nesithupha ngiwunakile lomngenela ngokuwuqonda nangokuwuzwa; ngakhoke ngikhuluma ngento

    engiyaziyo.

    [9] [9] [9] [9] “Imvelo ingakwazi yini ukuhlosa usizo, ilungise izinsizo ngokuzihlela na-ngobuhlobo?

    Ohlakaniphile kuphela ongakwenza lokhu;uNkulunkulu kuphela,

    onhlakanipho yaKhe kayinamkhawulo, ongahlela abumbe umkhathi. Ubani omu-nye ongabona

    kungakenzeki ukuthi umuntu uyodinga ukudla nezingubo bese emhlinzeka—ngokudla kwezitshalo

    zamasimu, ngezithelo zokuzimilela, nange-zilwane;nangezembatho ezenziwa ngalezizinto?

    Kuyingxenye yalezizimangaliso ukuthi icimbi elinganakekile elibizwa ngokuthi yicimbi likasilika

    ligqokisa lihlobise

    16

    abesifazane nabesilisa ngendlela encomeka kakhulu,ligqokisa izindlovukazi na-makhosi nezisebenzi

    zesifazane nezesilisa imbala; nokuthi isinambuzane esi-nganakekile njengenyosi ikhiqiza umovu

    owenza ukuba izimbhaqana ezenza amathempeli nezigodlo zobukhosi kucwebezele. Konke

    lokhu,nokunye,kuwubu-fakazi obunqumayo ngokuthi kusukela kuNkulunkulu,kwedlulele ezweni

    likamoya kusebenze zonke izinto ezenzeka emvelweni.

    [10] [10] [10] [10] “Kukho konke lokhu ake ngengeze ngokuthi sengike ngabona ezweni li-kamoya labo

    ababeziqinisa ngemvelo ngenxa yokubuka ngeso lemvelo (lenya-ma) besesemhlabeni sebevune

    imvelo baze baphika nokuthi uNkulunkulu imbala ukhona ; nokuthi ekukhanyeni kwasezweni

    likamoya imiqondo yalaba ibonakala ivuleke ngaphansi,kodwa ivaleke ngaphezulu, ngesizathu

    sokuthi babebheke phansi emhlabeni ngemicabango yabo, okuphambene nokubheka ezulwini. Nge-

    nhla kwezinzwa zabo zenyama, okuyizona ezakhe amaphethelo asezansi omqo-ndo,kwabonakala

  • sasembeso esithile esinyazima ngomlilo wesihogo, abanye sengathi banentshede, nabanye

    abagqunqise okwezidumbu. Ngakhoke wonke umuntu kufanele akuxwaye lokhu ukuziqinisa

    ngokuvuna imvelo;makaziqinise ngokuvuna uNkulunkulu;ubufakazi abuswelekile.’’

    13 13 13 13 (6) Ukuba uNkulunkulu akamunye indalo yayingeke idalwe futhi ilondo-lozwe.Ubunye

    bukaNkulunkulu bungakhonjiswa ngokudalwa komkhathi,ngoba umkhathi uwumsebenzi obumbene

    ngokusebenza kwawo kusukela ezintweni zokuqala kuze kube yizinto zokugcina,futhi zincike

    kuNkulunkulu oyedwa njengo-mzimba oncike kumphefumulo wawo.Umkhathi wadalwa ngalendlela

    yikhona uNkulunkulu engakwazi ukuba ndawozonke kuwo,akwazi ukuhlanganisa futhi aqondise

    zonke izingxenye zawo ngaphansi komthetho waKhe ngendlela enga-nqamuki,okuwukuwulondoloza.

    Futhi, ngenxa yalokhu uJehovah uNkulunkulu usho nokusho:

    Ukuthi Yena ungama-Qaliso nama-Gcino, isiQalo nesiPhetho, u-Alpha no-Omega

    (Isa.xliv.6; Isamb.i. 8, 17).

    Nakwenye indawo:

    Ukuthi Yena wenza konke, weneka amazulu ngaphezulu,endlale umhlaba Yedwa

    (Isa.xliv.24).

    Loluhlelo olubanzi kangaka olubizwa ngokuthi umkhathi luwumsebenzi obumbe-ne ngokusebenza

    kusukela ezintweni zokuqala kuya ezintweni zokugcina, ngoba ekuwudaleni uNkulunkulu

    wayenenhloso eyodwa, kwakuyizulu lezingelosi elisu-selwa kubantu; futhi-ke zonke izinto umhlaba

    owakhiwe ngazo zingamasu okufe-za lokho;njengoba lowo onenhloso ufuna namasu okufeza leyo

    nhloso. [2] [2] [2] [2] Nga-

    17

    khoke, noma ubani obona umhlaba ungumsebenzi oqukethe amasu okufeza uyakwazi ukubona

  • indalo ewumkhathi iwumsebenzi ohlangene njengento eyo-dwa,nokubona ukuthi umhlaba uwuphico

    (lwamasu) oluhlelwe ngokwelamana kosizo lwalo,inhloso kuwusizo kubantu (okuyibona izulu

    lezingelosi lakhiwa ngabo). Uthando lobuNkulunkulu lungehlose lutho olunye ngaphandle kokubusi-

    seka kwabantu,umthombo wakho (ukubusiseka) kuwuYe;nenhlakanipho yaKhe yobuNkulunkulu

    ingesungule lutho ngaphandle kwemisebenzi engamasu okufe-za leyonhloso.Ekukhangeleni

    umhlaba ngalendlela yokuqonda kabanzi (ngoku-jwayelekile) bonke abantu abaqotho bangakuqonda

    ukuthi uMdali womkhathi Munye,nokuthi ingqikithi yaKhe wuthando nenhlakanipho; ngalesisizathu

    kunge-bebikho kuyo (ingqikithi), ngisho imininingwane ingaba mincinci kangakanani, lapho

    kungekho khona okuwumsebenzi owusizo kumuntu,noma ngabe luyabo-nakala noma lufihlekile—

    ukudla okuyizithelo zomhlaba,nokuphuma ezilwaneni, nezembatho ezikhiqizwa yilezizinto. [3] [3] [3] [3] Kwaze

    kwamangalisa ukuthi icimbi lika-silika elinganakekile likwazi ukugqokisa lihlobise ngendlela

    encomekayo abesi-fazane nabesilisa ngosilika, kusukela kuzindlovukazi nakumakhosi kuya ezise-

    benzini zesifazane nezesilisa; nokuthi isinambuzane esingasho lutho njengenyo-si sikwazi

    ukuhlinzeka ngesibumbatha (umovu) sokucwazimulisa imibhoshongo yama thempeli nezigodlo

    (izindlu zamakhosi). Labo abacubungula imininingwane yezinto ezimbalwa emhlabeni,esikhundleni

    sokubuka ukuhlobana kabanzi kwezi-nto,njengezinhloso,amaqhinga okufeza izinhloso nezifezo

    uqobo,benjalo-nje ba-buye bangakufumani ukuthi indalo ivela othandweni loBunkulunkulu

    ngenhlaka-nipho yoBunkulunkulu, abakwazi ukubona ukuthi umkhathi ungumsebenzi ka-Nkulunkulu

    oyedwa,nokuthi Yena uhlala phakathi kwayo yonke into ewusizo ngoba uhlala ezifezweni. Ngokuba

    ngasosonke isikhathi lowo osenhlosweni umele abesemaswini,njengoba inhloso iyingaphakathi lawo

    wonke amasu okufe-za leyonhloso,iwaqhuba futhi iwaqondisa. [4] [4] [4] [4] Labo abangawuthathi umkhathi

    njengomsebenzi kaNkulunkulu nokuthi uyilapho kuhlala khona uthando nenhla-kanipho

    yoBunkulunkulu,kodwa bawuthathe njengomsebenzi wemvelo lapho kuhlala khona ukushisa

    nokukhanya kwelanga, bavala izindawo eziphakeme zemiqondo yabo bevimbela uNkulunkulu,

    bavule ezingezansi bevulela udevela, ngenxa yalokhu bakhumula ubuntu bagqoke ubulwane,

    bangagcini ngokucaba-

    nga ukuthi bafana nezilwane, kepha babe yizo (izilwane) uqobo lwazo. Ngokuba baba

  • yizimpungushe ngobuqili, babe yizimpisi ngobudlovadlova, yizinhlosi ngo-

    zungu,yizingwe ngonya, nezingwenya,nezinyoka,nezikhova nezinye izinyoni zasebusuku

    ngokwehlukahlukana kobunjalo kwazo.Futhi,ezweni likamoya labo abanjalo bafana nazo lezizilwane

    zasendle uma bebuqamama. Uthando lwabo lobubi luzitshengisa kanjalo.

    (7) Lowo ongavumi ukuthi uNkulunkulu ukhona uyaxoshwa ebandleni alahlwe.

    18

    Noma ubani ongakholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona uyakhishwa ebandleni le-sonto ngokuba

    uNkulunkulu uYena umnyombo wesonto; nezinto zaKhe ezipha-thelene nolwazi lobunjalo baKhe

    yizona ezenza isonto;ngalesisizathu ukuphika uNkulunkulu kuwukuphika zonke izinto ezimayelana

    nesonto; yilokhu ukumphika okuyikhona okukhipha umuntu esontweni; kanjalo umuntu kakhishwa

    nguNkulu-nkulu,kepha uzikhipha yena. Ungolahliweyo-ke ngoba okhishwe esontweni

    Ungokhishiwe nasezulwini;njengoba isonto emhlabeni nezulu lezingelosi kwenza into eyodwa,

    njengengaphakathi nengaphandle noma isimo sikamoya nesimo semvelo kumuntu; futhi umuntu

    wadalwa nguNkulunkulu ukuba abe sezweni lika-moya ngengaphakathi lakhe kodwa abe sezweni

    lemvelo ngengaphandle lakhe; ngalendlela umuntu wadalwa ukuba abe ngowomdabu kuwo

    womabili amazwe, ukuze okukamoya nokungokwasezulwini kungatshalwa kokungokwemvelo,no-

    kungokomhlaba,njengembewu itshalwa emhlabathini; ukuze futhi umuntu agxi-liseke kuze kube

    phakade. Umuntu osezikhiphe yena esontweni kanjalo nase-zulwini ngokuphika uNkulunkulu usuke

    esehluthulele ubuntu bakhe bangapha-kathi ngokwentando nangokobunene bayo; ngokuba intando

    yomuntu iyisitsha sothando lwakhe nalapho ihlala khona. Kepha akakwazi ukuvalela umuntu wa-

    ngaphakathi ngokuqonda ngoba ukuba ubengakwazi ukwenza njalo, lokho bekuzoqeda ukuba

    wumuntu. Nokho uthando lwentando yakhe luyayihunga ingqondo ngamanga ngisho namazinga ayo

    aphakeme imbala; ngalesisizathu amaqiniso enkolo nokulunga kwesisa senhliziyo avaleleka

    ngaphandle kwe-ngqondo; kuye ngokuya kuvaleleke uNkulunkulu nazo zonke izinto zikamoya

    zesonto. Ngalendlela umuntu uyavaleleka ebudlelwaneni nezingelosi zezulu, uma-ke esevaleleke

    ezulwini kanjalo, ungena ebudlelwaneni nosathane base-sihogweni, acabange njengabo; bonke-ke

  • osathane bayamphika uNkulunkulu, nemicabango yabo ngoNkulunkulu nezinto zikamoya zesonto

    iwubulima (ubu-wula) ; nomuntu-ke osexhumene nalabosathane ucabanga kanjalo. [3] [3] [3] [3] Uma

    lomuntu esesimweni sakhe sikamoya, njengalapho ezizindlela yedwana,uyazi-khandla ukuba

    imicabango yakhe iholwe wubumnandi bobubi namanga aseza-khele khona waze wakumilisa

    ngaphakathi kuyena; bese ecabanga ukuthi uNkulunkulu kakho, kepha (uNkulunkulu) yigama nje

    elisakazwa e-pulpiti ukulu-tha abantu abangazi lutho ukuba bagcine imithetho

    yobulungisa,okuyimithetho

    yomphakathi. Futhi lomuntu ucabanga ukuthi iZwi okuyilona abefundisi beshu-mayela ngokusukela

    kulona, alilutho ngaphandle kwembumbuthela yamaphupho aseguqulwe abangcwele ngabaphathi

    bambe, nemiyalo eyishumi kumbe ukuzi-buzisisa (catechism) akulutho ngaphandle kwencwajana

    edinga ukulahlwa emu-va kokugugiswa wukuphathwa yizandla zabafanyana, njengoba ifundisa

    ukuthi abazali kufanele bahlonishwe, yenqabele ukubulala, ukuphinga, ukweba nokufa-kaza

    amanga; ubani-ke ongekufunde lokho emithethweni kahulumeni ? Ucaba-

    19

    nga ukuthi isonto lingumbuthano wabantu abangahlakaniphile, abasheshe ba-kholwe

    nabanezingqondo ezibuthakathaka ,ababona izinto abangaziboni. Uca-

    banga ukuthi umuntu, naye njengoba engumuntu, uyafana nesilwane, nokuphila kwakhe emuva

    kokufa kufuze ukuphila kwesilwane emuva kokufa kwaso. [4] [4] [4] [4] Lo-muntu ucabanga kanje

    ngengaphakathi lakhe , noma angakhuluma okwehluke kanganani ngomlomo,okuyingaphandle

    lakhe. Ngokuba, njengoba sekushiwo, umuntu unengaphakathi nengaphandle; yingaphakathi lakhe

    okuyilona umuntu, okuwukuthi umoya wakhe okunguwona ophila ngemuva kokufa; kuthi ingapha-

    ndle lakhe, akwazi ngalo ukuzenzisa ukulunga kwenhiziyo, lingcwatshwe ethu-neni; bese kuthi

    ngenxa yokuphika uNkulunkulu lomuntu kube olahliwe. Maqo-ndana nomoya womuntu, wonke

    umuntu uhlanganiswe nemimoya efana naye ezweni likamoya, abe munye nayo. Kuvamile ukuba

    ngivunyelwe ukubona emi-phakathini yasezweni likamoya imimoya yabantu besaphila

    emhlabeni,abanye emiphakathini yezingelosi nabanye besemphakathini yasesihogweni futhi ngi-xoxe

  • nayo kuze kuphele izinsuku; futhi kungimangalisile ukuthi umuntu yena kazi lutho ngalokhu esaphila

    emzimbeni wakhe wemvelo. Ngalendlela ngacaciselwa ukuthi lowo ophika uNkulunkulu usuke

    esevele ekwabalahliwe ezweni likamoya, nokuthi emuva kokufa uhlangana nabanjengaye.

    15. 15. 15. 15. (8) Umuntu ongavumiyo ukuthi kukhona uNkulunkulu oyedwa, kepha evuma ukuthi baningi,

    akukho lutho lweSonto olusala kuye lubekhona oluyisi-gxila. Lowo ovumayo ngenkolo yakhe futhi

    ekhonza uNkulunkulu oyedwa nge-nhliziyo yakhe, kanye-kanye usenhlanganisweni yabalungileyo

    emhlabeni nase-nhlanganisweni yezingelosi ezulwini. Lezi zibizwa ngokuthi “yizinhlanganiso” ,

    nembala yizinhlanganiso ngoba zikuNkulunkulu oyedwa noNkulunkulu oyedwa ukuzona.

    Nangaphezu kwalokho, zixhumene nalo lonke izulu lezingelosi, futhi ngingasho nokusho ukuthi

    zixhumene nazo zonke izakhamizi zase zulwini ngoba zonke (izakhamizi) zifana nezingane

    nesizukulwane esifuze ubaba oyedwa nge-zimilo, ngemikhuba nangokubukeka, okwenza ukuba

    zazane lapho zihlangana. Izulu lezingelosi lihlelwe ngemiphakathi evumelanayo ngazo zonke

    izinhlobo zothando lokulunga, futhi lezizinhlobo zothando zimile othandweni-nqangi,oku-wuthando

    lokuthanda uNkulunkulu; okuyilona thando okuzalelwa kulo bonke abanenkolo evuma futhi

    ngezinhliziyo bekhonza uNkulunkulu oyedwa, onguMdali

    womkhathi, nonguMsindisi noMguquli. Kepha isimo sehluke kakhulu kulabo aba-vuma futhi

    bakhonze onkulunkulu esikhundleni soyedwa, nakulabo abakhuluma ngoyedwa bebecabanga

    ngabathathu, njengoba kwenza labo abasesontweni namhlanje ngokucaza uNkulunkulu bamenze

    abantu abathathu bese begomela ukuthi yilowo nalowo unguNkulunkulu ngokwakhe, bese bepha

    lowo nalowo Nku-lunkulu isimo noma ubunjani obungafani nobabanye. Kulokhu kuqubuka ukuhla-

    kazeka kobunye buka Nkulunkulu nolwazi olumayelana naYe, nokuhlakazeka

    20

    kokucabanga okuyikhona okuthwele ulwazi ngezinto zikaNkulunkulu.Yini-ke

    enye engalandela lokhu ngaphandle kokudideka nokungezwakali kwezinto zeso-nto? Ukuthi lokhu

    kuyisimo sesonto namhlanje kuzokhonjiswa kwi-Sengezo salo-msebenzi. Iqiniso wukuthi ukucazwa

    kukaNkulunkulu,noma ingqikithi yobuNkulu-nkulu kube ngabantu abathathu,yilowo nalowo abe

  • nguNkulunkulu ngokwakhe, kugolomba ukumphika uNkulunkulu. Kufana nokuba umuntu ezongena

    ethempe-lini ezokhonza, abese ebona izithombe ezidwetshiwe zeyeme etafuleni elibekwe ngaleya

    kwe-althare,esinye sikhombisa uNkulunkulu wama-Ndulo,esinye sikho-mbise uMphristi oPhakeme,

    nesesithathu sikhombise u-Eolus ondizayo,kwase kulotshwa ngezansi ukuthi: ” Laba abathathu

    bawuNkulunkulu oyedwa ” ; noma kufana nokubona lapho ubunye nobuthathu bukhonjiswe

    njengomuntu onama-khanda amathathu phezu komzimba owodwa, noma ikhanda elilodwa phezu

    kwemizimba emithathu,okwakungaba yisimanga esesabekayo. Uma umuntu onalomqondo

    engangena ezulwini, nomakanjani angakhishelwa ngaphandle ngokuphulukundlela noma angasho

    agomele ukuthi ikhanda kumbe amakhanda asho ingqikithi,nomzimba kumbe imizimba isho ubunjalo

    bayo obahlukahlukene.

    16. 16. 16. 16. Kulokhu ngizokwengeza ngalokhu okuBalulekileyo :-

    Ngabona abanye ababesandukufika ezweni likamoya bephuma ezweni lemvelo bexoxa

    ngoNkulunkulu baphakade kusukela phakade. Babekade beyiziphaka-nyiswa zesonto, omunye

    wabo wayekade engumbhishobhi.

    Basondela kimi;ngemuva kokukhulukhuluma ngezwe likamoya, okuyinto ababengazi lutho

    ngayo ngaphambili,ngathi, “nginizwile nikhuluma ngoNkulu-nkulu abathathu bangunaphakade;ngicela

    ukuba keningichazele lemfihlakalo ngokusukela ekuyiqondeni kwenu nisaphila ezweni lemvelo lapho

    nisanduku-phuma khona ”.

    Lapho umbhishobhi wangibheka wathi, “ngiyabona ukuthi ungumuntu-nje ongajulile, ngakhoke

    ngizokwenekela imiqondo yami ngalemfihlakalo,futhi ngi-zokufundisa. Ukuyiqonda kwami lendaba

    bekuwukuthi, namanje kusewukuthi, uNkulunkulu uYise, noNkulunkulu iNdodana, noNkulunkulu

    uMoya oyiNgcwele bahleli emongweni wezulu ezihlalweni ezikhazimulayo eziphakeme noma zobu-

    khosi—uNkulunkulu uYise esihlalweni segolide elingaxutshwe nalutho, nentonga

    yobuKhosi esandleni saKhe; uNkulunkulu iNdodana, esandleni sokudla saKhe, esihlalweni sesiliva

    elicwebe kanawowonke amasiliva, nomqhele ekhanda; uNkulunkulu uMoya oyiNgcwele,eduze

    kwabo,esihlalweni setshe elibenyezela-yo,ephethe ijuba ngesandla sakhe;bese bekakelezelwa

    ngezibani ezilengayo ezihlelwe ngemigqa emithathu ngokulandelana,nokukhanya kwazo

  • kucwazinyu-liswa ngamatshe amahle kakhulu; bese kuthi bude-buduze nalesisiyingi kukhona

    izingelosi eziningi,zonke zikhonzafuthi zibonga ngokuhlabelela; futhi okunye, wu-kuthi uNkulunkulu

    uYise ngasosonke isikhathi uhlala ekhuluma neNdodana ya-

    21

    Khe ngalabo okufanele bavunyelwe (basindiswe), bobabili bese behlulela futhi banqume ukuthi

    obani emhlabeni abafanele ukungeniswa ezingelosini baphiwe ukuphila kwaphakade;uNkulunkulu

    uMoya oyiNgcwele-ke Yena , esezwile ukuthi bangobani-ke labo asebekhethiwe, uyaphangisa

    ukwehlela kubona lapho bekho-na emhlabeni ebaphathele izipho zokulunga eziyizimpawu eziningi

    zokusindiswa kwabo; ngomzuzu lapho esondela kubona, ebaphefumulela, uhlakaza izono za-

    bo,njengeventiletha (i